Ingwiji ngolukaMabhuti, yiPmb Utd noSuthu
AmaZulu FC ashaya amakhala ngesicelo sakamuva sokumdlalisa
INGWIJI iMaritzburg United ibhalela AmaZulu FC incwadi iwacela ukuba ayikhulule ukuba idlalise uMabhuti Khenyeza ngenhloso yokuba abasize njengoba umkhumbi ubukeka uzika.
ITeam of Choice imemezele uMuhsin Ertugral njengomqeqeshi wayo omusha emuva kokuba ikhombe indlela uFadlu Davids.
UMuhsin ube eselanda uKhenyeza ukuba azomsiza, kwabe sekumenyezelwa ukuthi usewaphonsa emgibeni amakhokho akhe kwazise ubesengumdlali wamaZulu FC.
ILANGA lithole ukuthi iMaritzburg isifake isicelo oSuthwini sokuba luyidedele ibuyisele uKhenyeza enkundleni ngenhloso yokuba ayitakule njengoba ishoda ngabagadli.
Kuvela ukuthi ngesikhathi uKhenyeza ejoyina iMaritzburg njengomqeqeshi, la makilabhu abhale isivumelwano sokuthi ngeke nangengozi iMaritzburg imdlalise, uzokuba ngumsizi kaErtugral kuphela.
Nokho kuthiwa abaphathi boSuthu nabo sebebhalele iMaritzburg incwadi befuna ukwazi ukuthi kungani sebefuna ukwenza into okungavunyelwananga ngayo kodwa abakayitholi impendulo.
Leli phephandaba lishayela uLunga Sokhela oyiMenenja-jikelele yamaZulu, ukuqinisekisile ukuthi iMaritzburg ibabhalele incwadi ifuna ukudlalisa uKhenyeza.
“Ikhona into enjalo, inkinga wukuthi besingafuni ukumdedela njengomdlali. Besisafuna ukumsebenzisa. Nokho ngenxa yentshisekelo yokuqeqesha uMabhuti abeyitshengisa, sabe sesimdedela samunika izibusiso zokuba ayokuba ngumsizi womqeqeshi weMaritzburg.
“Lokho asebefuna ukukwenza kasivumelananga ngakho. Yingakho-ke sibabhalele incwadi sifuna ukwazi ukuthi kungani sebefuna ukumdlalisa ngoba kasivumelananga kanjalo.
"Sisalinde impendulo kubona,” kusho uSokhela.
UFarook “Ntshebe” Kadodia ongumnikazi weMaritzburg ebuzwa ngalolu daba, uthe okwamanje ngeke akwazi ukuphawula ngalo ngoba kunezinto amatasa ngazo. Leli phephandaba lithole ukuthi ubematasa elungisa indaba kaThabiso Kutumela odlala kwiOrlando Pirates azama ukumsayinisa.
Kuthiwa uke wazama nokukhuluma neKaizer Chiefs ukuba ibaboleke uGustazo Paez kodwa yathi izobanika uma bezobadedelela uFortune Makaringe yabe isihlehla.
Kuthiwa khona izolo uKadodia ubexoxa no-Elsa Storm oke wasebenza noMuhsin ukuba azojoyina ezakhe. Kuthiwa kungenzeka aqale lingakapheli leli sonto.
IMaritzburg izobhekana neMamelodi Sundowns kowe-Absa Premiership ngoLwesithathu ngo19h30 eLoftus Stadium, ePretoria.