I-KZNA inqumela i-ASA ugwayi katiki
Isabisa ngokuya enkantolo ngolwamalayisensi
IKWAZULU-Natal Athletics (KZNA) inqumela ugwayi katiki i-Athletics South Africa (ASA) mayelana nodaba lwamalayisensi okuthiwa azosatshalaliswa wumlawuli ozimele kubasubathi bakulesi sifundazwe kulandela ukumiswa kwayo yonke ibhodi yeKZNA ngasekupheleni konyaka odlule.
Ukungahoshelani kweKZNA neASA kungene kwelinye igiya ngesikhathi i-ASA imisa yonke ibhodi yesifundazwe yabe isifaka umlawuli ozimele, uJay Reddy.
UReddy bekumele asebenzele emahhovisi aseKings Park Athletics Stadium, eThekwini, kodwa waxoshwa yiKZNA. Njengamanje akwaziwa ukuthi usebenzela kuphi.
Okunye iKZNA engakuzwa wukuthi amalayisensi esifundazwe akulo nyaka azokhishwa nguReddy.
Encwadini ethunyelelwe abezindaba nakumakilabhu yiKZNA ngoLwesithathu, le nhlangano eholwa nguSello Mokoena (iKZNA) ithi ngokomthethosisekelo we-ASA, le nhlangano ephethwe ngu-Aleck Skhosana (i-ASA) kayinawo amandla okuyimisa.
Le ncwadi iqhuba ngokuthi ukuqokwa komlawuli ozimele ukwengamela iKZNA kakukho emthethweni, ngakho-ke kufana nento engekho kuyona.
Le ncwadi iqhuba ithi i-ASA yiyona kuphela enelungelo lokuthumela amalayisensi ezifundazweni zayo, bese kuba yizona (izifundazwe) eziwathumela emakilabhini angaphansi kwazo (hhayi umlawuli).
Ithe le nto yokuthi azothunyelwa kumlawuli ozimele njengoba kubhale i-ASA encwadini yayo yakamuva, yinto engekho.
“Amakilabhu esifundazwe kufanele athole amalayisensi awo kwiKZNA. SiyiKZNA kasimazi umlawuli okuthiwa ulethwe yiASA. Nomthethosisekelo we-ASA kawukugunyazi lokho. I-KZNA kayimisiwe. I-ASA kayinawo amandla (okuzenzela umathanda) kwiKZNA ngaphandle kwebhodi yayo iKZNA. Ngakho-ke sifuna ukuba i-ASA iyihoxise le ncwadi yayo ethi amalayisensi azotholakala kumlawuli,” kusho incwadi ye- KZNA.
Le ncwadi iyakugcizelela ukuthi uma i-ASA ingayihoxisi le ncwadi esanda kuyithumela, iKZNA izokuya enkantolo ukuvimbela ukuba amalayisensi angakhishwa yiyona.
Kwenzeka lokhu nje, amakilabhu aKwaZulu-Natal abehlangene ngoLwesithathu kusihlwa eWestville, eThekwini, ebhunga ngezinkinga ezikhungethe lesi sifundazwe.
Okunye okuxoxwe ngakho wukuba amakilabhu esifundazwe kube yiwona asiholayo njengoba kusenezinkinga.
USifiso Cele okhulumela i-ASA, uthe bathathe isinqumo sokungaphawuli ngalolu daba ngoba vele iKZNA ibasabisa ngokuya enkantolo.
Ugcizelele ukuthi iKZNA ingaphansi komlawuli ozimele ojutshwe ukubhekana nakho konke okuthinta ezokugijima kulesi sifundazwe.