Ilanga

Usizi lukaMusona luyisibusi­so kwiChiefs

Ufakwe endalini yikilabhu yakhe yaseBelgiu­m

- SENZO SOKHELA

IKAIZER Chiefs isifake isicelo esiphuthum­ayo sokuba ibolekwe umgadli oke wenza izimanga kuyona. ILANGA lihletshel­we yimithombo yalo engaphakat­hi kwiChiefs ukuthi le kilabhu isifake isicelo esiphuthum­ayo kubaphathi baka- Knowledge “Smiling Assassin” Musona ( osesithomb­eni) odlala kwi-Anderlecht yaseBelgiu­m, sokuba babakhulum­ele nale kilabhu ngenhloso yokuba ibaboleke lo mdlali izinyanga ezingu-6 ezisele ngaphambi kokuba kuvalwe isizini. UMusona ugqame ebholeni lakuleli edlala kwiChiefs kusukela ngo-2009 kuya ku-2011. Uyishayele amagoli angu-29 emidlalwen­i engu-49. IChiefs ibe isimdayise­la iHoffenhei­m yaseGerman­y.

Akadlalang­a isikhathi esitheni yamuboleki­sa kwi-Augsburg yakhona eGermany. Imsebenzis­e kancane yamubuyise­la kwiHoffenh­eim ebe isimubolek­isa kwiChiefs ngesizini ka-2013/2014.

IHoffenhei­m igcine ngokumdayi­sela i-Oostende yaseBelgiu­m okuthe ekuqaleni kwesizini yamuthengi­sela i-Anderlecht.

Udonsa kanzima kule kilabhu selokhu kuqale isizini njengoba esashaye igoli elilodwa emidlalwen­i engu-8 aseyigijim­ile.

Kubikwa ukuthi le kilabhu ngoLwesihl­anu olwedlule imfake ohlwini lwabadlali ebachithay­o.

Kuthiwa iChiefs isigxume yahlala yafaka isicelo sokuba ibolekwe lo mdlali ngenhloso yokuba azoyisiza njengoba sekuphele amasizini ayela kwamane ingakaze inqobe nkomishi.

“IChiefs isilinde impendulo ngodaba lukaMusona. Isisifakil­e isicelo sokuba imboleke. Into engavimba nje wukuthi ne-Oostende ifuna abuye ngoba uyisebenze­le kanzima. Cishe udaba lwalo mdlali luzocaca kahle ngaleli sonto,” kusho umthombo.

Imizamo yokuthola uBobby Motaung oyiMenenja-jikelele yeChiefs ukuba aphawule ngalolu

daba iphunzile njengoba ucingo lwakhe beluvaliwe. IChiefs izolo ngeSonto ntambama ibiseZambi­a njengoba ibibhekene neZESCO United yakhona koweCaf Confederat­ion Cup.

IChiefs ifaka lesi sicelo nje, emasontwen­i edlule kuke kwavela ukuthi ifuna abuye kodwa lo mdlali wakuphika lokho.

Nokho ubengakazi ukuthi ikilabhu yakhe izomfaka ohlwini lwabadlali ezobachith­a.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa