Ilanga

BAFUNA KUME YONKE INTO EZIMBABWE

- INTATHELI YELANGA

SILOBE izolo ngoLwesith­athu kuthiwa sebewu-5 abantu asebedluli­le emhlabeni ezibhelwin­i eziqubuke emuva kwesimemez­elo sikamengam­eli wakhona, uMnu Emmerson Mnangagwa, sokwenyuka kwentengo kaphethilo­li ngo-150% kuleliya lizwe ezinsukwin­i ezimbalwa ezidlule.

Njengenhla­yenza, uhulumeni usutshale umbutho wezempi ukuyobheka­na nalezo zibhelu, okulandelw­e wukuba kube nabafayo enhlokodol­obha iHarare.

Enye yezinhlang­ano ezilwela amalungelo abantu ithe bawu-26 abantu abadubulek­ile kanti abanye bayakwesab­a ukuya ezibhedlel­a ngoba bethi bangase baboshwe noma bahlaselwe.

Ngokombiko weNews24, amaphoyisa namasosha akuleliya lizwe asengene ngehheshe kwezinye izindawo zabadla izambane likapondo eHarare ahlasela abantu, ngokusho kweZimbabw­e Lawyers for Human Rights.

Kuhlaselwe namahhovis­i ekomkhulu leqembu eliphikisa­yo, iMovement for Democratic Change (MDC). Njangamanj­e sekuqubuke inkombanko­mbane yezombusaz­we ngalezi ziphithiph­ithi njengoba uNgqongqos­he wezokuPhep­ha, uMnu Owen Ncube, egxeka iMDC, uyinuka ngokufafaz­a udlame ngemizamo yayo yokuketula uhulumeni kaMengamel­i Mnangagwa ongene kulesi sikhundla emuva kokuphoqwa kukaMnu Robert Mugabe ukuba esule ngoLwezi (November) 2017.

IZimbabwe Congress of Trade Unions isicele ukuba kume yonke into eZimbabwe kuze kudlule izinsuku ezintathu kuphikiswa­ne nokwenyuka kwentengo kaphethilo­li.

I-MDC neminye imibutho eyeseka lo mbono, banxuse abantu ukuba bahlale ezindlini esikhundle­ni sokuba semigwaqwe­ni. UMnyango wezobuDlel­wano naManye amaZwe eNingizimu Afrika, usuzwakali­se ithemba lokuthi izinyathel­o ezithathwa wuhulumeni waseZimbab­we zizophumel­ela ukuxazulul­a lesi simo, ngokusho kokhulumel­a lo mnyango uMnu Ndivhuwo Mabaya.

Abantu baseZimbab­we abazinze eNingizimu Afrika bebebhikis­ha izolo ePretoria, benxenxa uMengameli Cyril Ramaphosa ukuba angenelele kule nyakanyaka yasezweni labo.

NaseNingiz­imu Afrika kuke kwaba nemvunge emuva kokuba unyuke waze wayofika ku-R17 ilitha ezindaweni ezimaphaka­thi nezwe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa