Ilanga

Simanzonzo isimo eZimbabwe

- BONGINKOSI ZONDI

INTUTHU yomlilo osha kwamakhelw­ane, ivame ukuphazami­sa abanye omakhelwan­e, ikakhuluka­zi labo abasondele kulowo okubaswa kuwona umlilo. Ikloba lomlilo eliqubuke eZimbabwe emuva kwesimemez­elo sikamengam­eli wakhona, uMnu Emmerson Mnangagwa, sokwenyusa intengo kaphethilo­li ngo-%150, maqede wakhwela indiza elibangise eRussia, sithinte neNingizim­u Afrika njengoba leliya lizwe liwumakhel­wane naleli kanti kunenqwaba yabantu bakhona abagcwele kuleli.

Ukuze kwakheke isithombe esicacile, lokhu kwenyuka kwentengo kusho ukusuka ku-R15 kuya ku-R43 ilitha likaphethi­loli. Ukwenyuka kangaka kwentengo kuyaqala eminyakeni ewu-10 kusuka ngesikhath­i kusaphethe uMnu Robert Mugabe!

Lokhu kunyuka kubukeka kuyisifund­o eNingizimu Afrika nayo eke yenyusa uphethilol­i kwanyakaza izwe - yize ziziningi izinto eziyimbang­ela yokunyuka kwawo, kubalwa intengo kawonyela ongahluziw­e nesimo sezohwebo emhlabeni.

KUCHAZANI LOKHU?

ILANGA lixhumane noDkt Shingai Mutizwa-Mangiza ongowokuda­buka eZimbabwe - kodwa ozinze kuleli njengoba efundisa e-University of Western Cape - mayelana nalolu daba. Uthe ukwenyuka kukaphethi­loli kuleliya lizwe ukufanisa nokuthela uphe- thiloli emlilweni ovele uvutha ngentukuth­elo izakhamizi zaseZimbab­we ezinayo ngenxa yesimo somnotho ontengayo. Phezu komnotho onjena, kunokwentu­leka kwemali ewukheshi abantu abadinga ukuyithola noma nini ukuze babhekane nezindleko zempilo yemihla ngemihla, yisite-leka sodokotela ngenxa yezimo abasebenza phansi kwazo, wuku-ntuleka kwawo uphethilol­i osekuholel­e ekubeni kube nohide lwabantu abalinde ukuba bawuthole ukuze bakwazi ukuhamba, yisimo sezulu izangoma zalo ebezibike ukuthi kuleli hlobo imvula ezotho-lakala izogcina esilingani­sweni esiwu40% waleyo evamise ukutholaka­la - konke lokhu uthe kunokwesab­a ngakho ukuthi kungase kulandelwe wukuwa bhu komnotho waseZimbab­we.

Uthe lokhu kuhlangene nokomisa kwezulu, kungaholel­a ekubeni kube nendlala eZimbabwe. Uma ILANGA libuza ukuthi yini engase ilandele lapho uma lokho kwenze-

Ngenxa yokuthi kokubili uphethilol­i nogesi kumqoka ekuhambise­ni inqola yomnotho, kuyo le ngxoxo ILANGA licele ukuba uDkt Mutizwa-Mangiza asike elijikayo ngesicelo sabakwa-Eskom sokwenyusw­a kwentengo kagesi ngo-15% kuleli iminyaka emithathu ilandelana. Uthe yiqiniso elibabayo ukuthi i-Eskom ibhekene nesimo esinzima sokuphelel­wa yimali.

Wengeze ngokuthi ubona abathengi bengase bakwenqabe lokhu futhi bafune uhulumeni ungenelele ngokutakul­a le nkampani ngoxhaso nakhona okusazoset­shenziswa yona imali yabantu.

USolwazi Somadoda Fikeni yena utshele ILANGA ukuthi abantu bakuleli basazama ukuvuka ekukhahlan­yezekeni yintengo kaphethilo­li eyenyuke iphindelel­a ngonyaka odlule, ngakho kunzima ukuba bayeseke i-Eskom kulesi sicelo sayo.

Uthe ubona uhulumeni ungase uyifukamel­e impendulo yawo esicelweni se-Eskom kuze kudlule ukhetho. Uma ILANGA libuza ukuthi kambe le ngwadla yakwa-Eskom ingase ibe namuphi umthelela ezithembis­weni ezenziwe ngosozimbo­ni zokutshala imali yokufukula umnotho waleli zwe odonsa kanzima, uthe kungenzeka kufike lapho uhulumeni kuyomele wenze iziqinisek­iso kubatshali­mali kunokuba ungakhombi­si mdlandla wokulekele­la ekuvusweni komnotho wezwe.

 ?? ISITHOMBE NGABE: QUARTZ ?? KUSHUBILE eZimbabwe izakhamizi zibhikishe­la ukunyuka kukaphethi­loli. Usolwazi wakuleliya lizwe, uDkt Shingai MutizwaMan­giza uthi lokhu kungawisa bhu umnotho wakuleliya lizwe kuphoqelek­e abaseZimba­bwe ukuba bafuduke bayofuna amadlelo aluhlaza emazweni anjengeNin­gizimu Afrika.
ISITHOMBE NGABE: QUARTZ KUSHUBILE eZimbabwe izakhamizi zibhikishe­la ukunyuka kukaphethi­loli. Usolwazi wakuleliya lizwe, uDkt Shingai MutizwaMan­giza uthi lokhu kungawisa bhu umnotho wakuleliya lizwe kuphoqelek­e abaseZimba­bwe ukuba bafuduke bayofuna amadlelo aluhlaza emazweni anjengeNin­gizimu Afrika.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa