I-IRON DUKE KAYIZWA MSHINI NGOTHAMSANQA GABUZA
U-IRVIN 'Iron Duke' Khoza ongusihlalo we-Orlando Pirates, uphumele obala ngothando analo ngoThamsanqa “Gandaganda” Gabuza ongumgadli wale kilabhu agcizelele ukuthi nakanjani uzogugela kumaBhakabhaka kwazise umthanda ukufa.
ILANGA lithole ngemithombo yalo ukuthi kunamakilabhu agijima kwiAbsa Premiership agaqele uGabuza. Phakathi kwala makilabhu kunga- balwa iBidvest Wits neSuperSport United. UGabuza sekunesikhathi engadlali kwiBucs. Nokho akapheli moya njengoba kuthiwa usathokozile ngokuba kule kilabhu.
Kuthiwa iWits neSuperSport bayamfuna kodwa bahlehliswa kanzima nguKhoza okuthiwa akafuni lutho ngaye. Leli phephandaba likhuluma noKhoza izolo ngoLwesithathu emini, uthe uGabuza akayi ndawo, omfunayo kufana nokuthi uzidlalela ngesikhathi.
“UGabuza ngumdlali wami. Uyilolu hlobo lomdlali okuthiwa ngolukasihlalo. Uma uthinta uGabuza kufana nokuthi uthinta mina uqobo, kangifuni lutho ngaye. Nomqeqeshi uma efika ngiyamtshela ukuthi angadlaleli kuyena ngowami. Ngithanda isimilo sakhe nomoya wakhe, kunalo moya awufakayo kubadlali owenza bahlale bejabulile ngaso sonke isikhathi, yiwona lo owenza ngimuthande.
“Ungabuza noma ngubani lapha ekilabhini, lapho okusuke kukhona yena khona nje kuhlezi kujatshulwa, ufaka umoya wobumbano.
Ngeke ngivume naye, abamfunayo mabakhohlwe ngowami lo mfana. Ngiyazi ukuthi zizophela ngelinye ilanga izinsuku zakhe zokudlala ibhola kodwa ngizomphendlela umsebenzi ngaphakathi ekilabhini, kangifuni lutho ngaye. Ngeke ngimdedele,” kusho uKhoza obeze ahleke kancane kuzwakala ukuthi umuzwa ngaphakathi uGabuza.