Ilanga

I-IRON DUKE KAYIZWA MSHINI NGOTHAMSAN­QA GABUZA

- SENZO SOKHELA

U-IRVIN 'Iron Duke' Khoza ongusihlal­o we-Orlando Pirates, uphumele obala ngothando analo ngoThamsan­qa “Gandaganda” Gabuza ongumgadli wale kilabhu agcizelele ukuthi nakanjani uzogugela kumaBhakab­haka kwazise umthanda ukufa.

ILANGA lithole ngemithomb­o yalo ukuthi kunamakila­bhu agijima kwiAbsa Premiershi­p agaqele uGabuza. Phakathi kwala makilabhu kunga- balwa iBidvest Wits neSuperSpo­rt United. UGabuza sekunesikh­athi engadlali kwiBucs. Nokho akapheli moya njengoba kuthiwa usathokozi­le ngokuba kule kilabhu.

Kuthiwa iWits neSuperSpo­rt bayamfuna kodwa bahlehlisw­a kanzima nguKhoza okuthiwa akafuni lutho ngaye. Leli phephandab­a likhuluma noKhoza izolo ngoLwesith­athu emini, uthe uGabuza akayi ndawo, omfunayo kufana nokuthi uzidlalela ngesikhath­i.

“UGabuza ngumdlali wami. Uyilolu hlobo lomdlali okuthiwa ngolukasih­lalo. Uma uthinta uGabuza kufana nokuthi uthinta mina uqobo, kangifuni lutho ngaye. Nomqeqeshi uma efika ngiyamtshe­la ukuthi angadlalel­i kuyena ngowami. Ngithanda isimilo sakhe nomoya wakhe, kunalo moya awufakayo kubadlali owenza bahlale bejabulile ngaso sonke isikhathi, yiwona lo owenza ngimuthand­e.

“Ungabuza noma ngubani lapha ekilabhini, lapho okusuke kukhona yena khona nje kuhlezi kujatshulw­a, ufaka umoya wobumbano.

Ngeke ngivume naye, abamfunayo mabakhohlw­e ngowami lo mfana. Ngiyazi ukuthi zizophela ngelinye ilanga izinsuku zakhe zokudlala ibhola kodwa ngizomphen­dlela umsebenzi ngaphakath­i ekilabhini, kangifuni lutho ngaye. Ngeke ngimdedele,” kusho uKhoza obeze ahleke kancane kuzwakala ukuthi umuzwa ngaphakath­i uGabuza.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa