IMIKHULEKO KUVELA UMFU BUSHIRI
LIPHENDUKE isiguqo ingaphandle leNkantolo yamaCala eMali, ePretoria, izolo ngoLwesithathu ngesikhathi amalungu e-Enlightened Christian Gathering Church (ECG), ekhuleka, amanye aze akhihle isililo ekhulekela umsunguli waleli bandla, uMfu Shepherd Bushiri nomkakhe, uMarry, ukuba badedelwe enkantolo.
UMfu Bushiri nomkakhe, bagcine bephume ngebheyili ka-R100 000 umuntu emunye, kanti kulindeleke ukuba babuyele enkantolo mhla ka-10 kuNhlaba (May).
Lo mfundisi nomkakhe bamelwe ngu-Adv Barry Roux, wodumo lwecala lika-Oscar Pistorius, kanti baboshwe eRustenburg, eNorth West ngoLwesihlanu olwedlule ngamacala okukhwabanisa, ukushushumbisa imali ( money laundering) nokuphula imithetho yokusetshenziswa kwemali.
Ngesikhathi besenkantolo izolo, abalandeli babo bebegcwele ngaphandle bekhuleka, abanye bekhala, abanye bememeza bethi "umlilo, umlilo”.
"Uyise" kaMfu Bushiri ngokomoya, uMnu Uebert Angel, webandla iSpirit Embassy, elizinze eLondon, e-England, ubelokhu eqhubekile ezinkundleni zokuxhumana enxenxa abalandeli balo mfundisi ukuba baqhubeke nokukhuleka.
NgoLwesibili ubhale kwi-Instagram wakhe, wathi abantu abasonta kuleli bandla mabaphume ngobuningi babo bayokhuleka enkantolo lapho bekuvela khona uMfu Bushiri nomkakhe.
“Njengamanje yisikhathi sokuba sime, siqine. Ngicela niphume ngobuningi benu niyokweseka indodana yami ngokomoya. Niyazi vele ukuthi lesi yisikhathi sokuthi sihlaselwe njengebandla, kodwa kumele sime emikhulekweni ngoba uJehova akabalahli abakhe,” kusho uMnu Uebert.
Uma uMfu Bushiri nomkakhe bengalahlwa ngamacala ababhekene nawo, kuningi okungabalahlekela, okubalwa imoto iRolls Royce Black Badge ebiza u-R10 million, yiBentley Bentayga ebiza u-R6 million, yiMaserati, yi-Aston Martin One-77 ebiza imali engaphezulu kuka-R12 million, YiGulfstream Private Jet, yiMercedes Benz G63 ebiza u-R3 million, yimizi nokunye okuningi.