Ilanga

I-SABC IZOKHOKHEL­A ISISEBENZI ESAXOSHWA

- ZAMAWEZA MTHALANE

INGENE kolunye utaku lwemali iSABC njengoba kumele ikhokhele obeyisiseb­enzi sayo u-R990 000 emuva kokunqanyu­lwa kwenkontil­eka yakhe ngoba esolwe ngobenguza­kwabo ngokumcwas­a ngokwebala.

Ngeledlule iNkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng, ikhiphe isinqumo sokuthi iSABC kumele ikhokhele uMnu Pieter van der Berg, obengumsak­azi wezemidlal­o kwaSABC ngoba ubhecwe ngobubende inyama engayidlan­ga ngesikhath­i esolwa ngomunye wozakwabo ngokumcwas­a mhla ka-7 kuNhlaba (May) 2016 besakaza umdlalo weSuper Rugby.

Icala likaMnu Van der Berg, eliyiswe enkantolo yinyunyana yezisebenz­i iSolidarit­y, kuthiwa kube wukuyalela lesi sisebenzi ukuba senze umsebenzi waso ngendlela efanele, kwazise sifike emuva kwesikhath­i lapho ebesiseben­zela khona futhi sangayihlo­nipha imiyalelo yenkundla abebeseben­zela kuyona.

UMnu Anton van der Bijl, oyinhloko yezemithet­ho yezisebenz­i kwiSolidar­ity, utshele ILANGA ukuthi abantu baseNingiz­imu Afrika akumele babheke ubuhlanga kuzo zonke izinto abahlangab­ezana nazo.

Esitatimen­deni asikhiphil­e uthe: "Leli cala liyisibone­lo samanye amacala lapho abantu bavele basebenzis­e indaba yokucwasa ngokobuhla­nga noma yikanjani, ngisho kungekho ukucwasa."

Uthe inkontilek­a kaMnu Van der Berg inqanyulwe kusasele unyaka ukuba iphele, okwenze walahlekel­wa yimali eningi (yomholo).

UNkz Neo Momodu, okhulumela iSABC, uthe isinqumo ngalolu daba basithole mhla ka-1 kuNhlolanj­a (February), ngakho-ke ngeke bakwazi ukuphawula ngalo kwazise, kusamele basicubung­ule.

Kuzokhumbu­leka ukuthi kwenzeka lokhu nje, izinkinga zemali kule nhlangano ewumsakaze­li womphakath­i, zifana ncimishi neqatha emphinjeni njengoba ize yasikaza ukuchitha izisebenzi zayo ezilingani­selwa ku-1 000, eziqashwe ngokuphele­le, neziyitoho ezilingani­selwa ku-1 200. Ngalokhu le nhlangano ibithi izokwazi ukonga imali elinganise­lwa ku-R400 million ngonyaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa