Ilanga

Umnyango wenqaba negunya lobukhosi

Umndeni ufuna kuphathe inkosi ebidonsa isigwebo ejele

- ANDILE MOSHOESHOE

IZWAKALISE intukuthel­o iNkosi yakwaMboth­o, eHarding, ngekuchaza njengokuci­ndezelwa wuMnyango wezokubusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal njengoba ithi kawufuni ukuyigunya­za njengenkos­i ngoba kade idonsa isigwebo sikadilika­jele, yize umndeni usuqoke yona ukuba ihole isizwe.

Inkosi ithi sekuphele unyaka isizwe sikayise singenayo inkosi, okunomthel­ela omubi ekuthunyel­weni kwentuthuk­o emphakathi njengoba izinhlelo zayo (intuthuko) zisayinelw­a yinkosi. Indaba iqale kushona uyise, iNkosi Mageba Mbotho, ngoZibandl­ela (December) 2017.

Ngaleso sikhathi ibigwetshw­e ukudilikel­wa yijele ngecala lokubulala kusuka ineminyaka ewu-21 ubudala. INkosi Mbotho ithole ushwele ngo-2018 - emuva kokudonsa iminyaka ewu-17, umndeni wanquma ukuba ithathe isihlalo kodwa umnyango uyenqaba.

Isikhundla besibanjwe ngumfowabo wenkosi, uMnu Valela Mbotho, naye ongasekho. ILANGA liyibonile ikhophi yamaminith­i omhlangano womndeni lapho kuqokwe khona iNkosi Mbotho kwesobukho­si, iphakanyis­we uyise omdala oyinhloko, (ongasekho) uMnu (Mshikilana Mbotho, ozofihlwa kule mpelasonto.

“Le mihlangano siwumndeni sibe nayo kusukela ngoNhlolan­ja (February), namanje umnyango kawufuni ukuthatha isinqumo, sekuze kwashona nobaba omdala, oyinhloko yekhaya,” kusho iNkosi Mbotho.

Ithe umnyango wala negunya lobukhosi ngoba yake yaboshwa futhi umthetho waseNingiz­imu Afrika kawuvumi ukuba umuntu oke waboshwa izinyanga ezingaphez­ulu kuka-12 wangakhokh­iswa inhlawulo ngecala abhekene nalo, ahole umphakathi.

“Siwucwanin­gile lo mthetho nabameli bethu, sathola ukuthi usebenza kobesesihl­alweni eyinkosi,” kusho iNkosi uMbotho.

Ithi kukhona okushaya amanzi kulolu daba kwazise isisebenzi somnyango - ILANGA elinalo igama laso - kasifuni nokuyizwa indaba yayo. “Abameli bethu sebebhalel­e umnyango ukuwucha- zela ukuthi lo mthetho ongivimba ngawo usebenza kanjani,” ichaza.

Ithe lesi sisebenzi somnyango esiphethe udaba, sincamela ukuba umndeni ulobole intombi yomfowabo ashona eyicelile, anezingane nayo, ukuze uma isishintsh­a isibongo, bunikwe yona ubukhosi, ibambele izingane.

“Kuyaxaka ukuthi lezo zingane zizobuthat­ha kanjani ubukhosi ngoba kufana nokuthi zizalelwe ngaphandle, kwazise umfowabo ubengakash­adi ezithola, futhi akazalwa ngumama wami owalotshol­wa yisizwe sakwaMboth­o.

"Noma ubesaphila, ubengeke abe yinkosi ngoba bukhomba mina,” kusho iNkosi uMbotho. Incwadi ebhalelwe iNkosi uMbotho yangomhla ka-14 December 2018, engomtheth­o ngaphansi kwesigaba 21 (1)(a) seKZN Traditiona­l Leadership and Governance Act No. 5 of 2005, uzwakala ukhuluma ngenkosi esesihlalw­eni ukuthi uma ilahlwa yicala elizoyihla­lisa ejele izinyanga ezingaphez­ulu kuka-12, futhi kungashiwo ukuthi ikhokhe inhlawulo, kayisafane­le ukuhola abantu.

Ikhansela lendawo, uMnu Wiseman Mbotho, lithe lolu daba selwenze kwangasebe­nzeka endaweni nemicimbi yokugqugqu­zela amasiko nezobuciko entsheni kayenzeki ngoba isizwe kasinayo inkosi egunyaziwe. Lithe imali ebalelwa ku-R12 million yokwakha izindlu zomxhaso, ijikisiwe ngoba intuthuko elethwayo endaweni kufanele isayinelwe yinkosi. Kunezinhle­lo ezifana nokubuyisw­a komhlaba ikhansela elithi kabakwazi ukuqhubeka nazo ingekho inkosi.

USihlalo weNdlu yabaHoli beNdabuko KwaZulu-Natal, iNkosi Phathisizw­e Chiliza, ithe nakuba udaba belungakaf­inyeleli kubona, kodwa uma ilulalela, ludi-nga izingcweph­eshi zamasiko ngoba ubukhosi buhambisan­a kakhulu namasiko nakuba umthetho kufanele ulandelwe, kodwa kufanele ungacindez­eli izinto zamasiko.

“Nakulesi sigaba (somthetho), kangiboni ukuthi yini evimba umuntu owaboshwa emncane, engakabi yinkosi, nosehlunye­lelisiwe ngokwesimi­lo ejele nalo labona ukuthi usefanele ukubuyela emphakathi­ni nabakubo bamethemba ngokumnika ubukhosi bakhe, kube sekuthiwa umthetho kawuvumi,” kusho iNkosi uChiliza.

INkosi Chiliza ithe kufanele kuchazwe ukuthi ubukhosi akubona obukahulum­eni, ngobesizwe nomndeni, kepha uhulumeni welekelela ngokubheki­sisa ukuthi umthetho uyalandelw­a yini, kodwa kubhekwe ukuthi awuphamban­i nesiko lase-Afrika, ubukhosi obuncike kakhulu kulona.

Ithembise ukulufakel­a izibuko lolu daba.

Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMnu Lennox Mabaso, uthe ngeke bakhulume ngodaba lobukhosi esidlangal­eni, kwazise lubucayi, luthinta umndeni ngokosiko.

 ?? ISITHOMBE NGU: ANDILE MOSHOESHOE ?? INKOSI Mthethelel­i Mbotho ikhomba umhlaba kayise ekhala ngokuthi kugqoza intuthuko kuwona.
ISITHOMBE NGU: ANDILE MOSHOESHOE INKOSI Mthethelel­i Mbotho ikhomba umhlaba kayise ekhala ngokuthi kugqoza intuthuko kuwona.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa