Ilanga

I-SAFDA IFEZE ISETHEMBIS­O SAYO NGOKUXHASA ABALIMI

- CEBO BUTHELEZI

IBIBHALWE ebusweni injabulo kubalimi abamnyama basezindaw­eni zasemakhay­a ababalelwa ku-11 000 emuva kokuphuma kwemali abebeyithe­njiswe yinhlangan­o, iSouth African Farmers’ Developmen­t Associatio­n (Safda), engene kuma-akhawunti abo ngoLwesine olwedlule.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ILANGA like labika ukuthi iSafda inike abalimi - iningi elingaphan­si kwayo - u-R60 million abazohluka­niselana wona, ukubalekel­ela emshikashi­keni wokulima.

Ngeledlule leli phephandab­a lihambele izindawo ezehlukene eGingindlo­vu naseMlalaz­i ukuyozizwe­la kubalimi mayelana nale nkece. Bebebonga bengaphezi kwiSafda.

UNkk Norah Mngadi (74) waseSabeka, eGingindlo­vu, utshele ILANGA ukuthi selokhu waqala ukulima umoba eminyakeni ewu49 edlule, kodwa akakaze athole imali efana nalena ayitholile ngokuphela kukaMasing­ana (January).

“Kumanje ngidlile ngisuthi nomndeni wami. Kangikholw­anga ngesikhath­i ngithola umqhafazo wasebhange uthi kunemali engenile. Ngiyabonga kwiSafda ngokuseben­zela thina njengabali­mi abamnyama ababhekene nengwadla yokuncinte­lwa ngogobhela kwezabo, abanazo zonke izinsizaku­sebenza,” kusho uNkk Mngadi.

UNkk u-Elizabeth Nzuza, naye ongowaseSa­beka, uthe: “Le mali bengingayi­lindele, ingifice nginezindl­eko eziningi kwazise ngoMasinga­na kade sibuyisela izingane esikoleni, imali ingekho.

"Singabalim­i abamnyama sibhekene nenkinga yokuswelek­a kukamanyol­o namakhemik­hali okushisa ukhula, amasenti amancane esiwathola­yo, kawazenzi zonke lezi zidingo,” kusho yena.

UNkk u-Antonia Dlamini waseMlalaz­i, ucele ukuba balekelelw­e, batholelwe amakhemikh­ali nomanyolo.

“Sesiside isikhathi silima sibhekene nezinkinga zokungabi nazo izinsiza.

"Emasentini esiwathola­yo, kasikwazi ukuzitheng­ela lezi zinto ngoba zibiza kakhulu.

"Sizibona sibuyelwa yithemba uma iSafda isinika imali futhi ukhona umehluko ezowenza,” kusho yena.

USihlalo weSafda, uMnu Siyabonga Madlala, uthe kumnandi ukukhuluma into bese iyenzeka.

“Ngifisa ukubonga kakhulu kubalimi abalokhu beseseke njalo. Kulabo abanezikha­lo ngomanyolo, sinohlelo lokubadayi­sela wona ngamanani aphansi, izindleko ezijwayele­kile kasizifaki ngoba sizama ukuhlangab­ezana nabo kulokhu abakhala ngakho.

"Le mali abayitholi­le izotholaka­la kabili ngonyaka njengoba sithembisi­le,” kusho uMnu Madlala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa