"Ubulale uyise efuna imali yempesheni"
Umklinye uqhoqhoqho waze washona
USAVEVA yintukuthelo umphakathi waseGqumeni, KwaMakhasa, eHluhluwe ngesigameko sowesilisa “obulale” uyise ngoLwesihlanu olwedlule efuna ngo'dli' imali yakhe yempesheni futhi ethi uyamzonda ngoba akamfakanga emalini yakhe yomshwalense.
UMnu Mandla Ngwane (33), kuthiwa ugeqe amagula ngokubulala kwakhe uyise, uMnu Mqwebu Ngwane (63) ( osesithombeni), washo nokuthi ubedinwe kangakanani - ngenxa kayise obengafuni nenkece.
Kubikwa ukuthi umufi ubeyohola imali yakhe njengenjwayelo, umsolwa ongahlali noyise, waphuma wayomcuthela endleleni. Kuthe uma esebuya, wavuka umsolwa wafuna yonke imali, kwathi uma ikhehla lenqaba nayo, walidumela, walibamba uqhoqhoqho esho ukuwukhipha entanyeni.
Kuthiwa ngesikhathi umsolwa eklinya uyise, kuqhashe igazi emakhaleni lamthela ezimpahleni abezigqokile. Ngesikhathi umndeni usethukile ngokunyamalala komuntu omdala, kubonakale izimpahla zikamsolwa zinamachaphazelo egazi, okuyilapho kuthintwe khona iCommunity Policing Forum (CPF), waphenywa.
Kuthiwa igasele kumsolwa ongathathanga isikhathi eside, wacela ukusondezelwa abomndeni ukuze abachazele ukuthi umbulele kanjani uyise. UMnu Bhekokwakhe Ngwane, ongumfowabo kamsolwa, uthi kusize ukuthi bekunabantu ngoba bebezombulala umfowabo ngoba naye ubulele uyise futhi enjalo nje akezwani nomsebenzi.
“Usitshele ukuthi ubulele ubaba ngoba ubemzonda futhi akamfakanga emshwalenseni wakhe wempesheni. Malini yona lena abengaze ambulalele yona ubaba?,” kusho uMnu Ngwane.
Induna yendawo, uNkk Thabsile Gumede, isigxekile lesi senzo. Ithe kuyichilo elesabekayo ukuthi umuntu emusha angabulala uyise ngenxa yemali yempesheni.
“Sethuke kakhulu ukuzwa le mibiko. Ngibheka nje isiqalekiso azethwese sona lo mntwana. Okubi wukuthi ubehlala emshaya vele uyise, njengoba eseze wambulala.
"Siyacela ezinganeni zethu ukuba zibuyelwe wunembeza, kuwubulwane ukuthi ungabulala uyihlo okuzalayo.
"Nokumbeka nje isandla akulungile. Ngisola ukuthi wumphumela wezidakamizwa nje lona ngoba useyaziwa nasendaweni ukuthi uyinto yotshwala nje.
"Usanda kubanjwa echela ngophethiloli indlu yentombi yakhe efuna ukuyibulala. Ngokwami njengomholi wesigodi, ngifisa anganikwa nebheyili ngoba uzobuya emphakathini aqhubeke nokuba wuhlupho.
"NgoZibandlela (December) abafowabo abancane kunaye, bathengele uyise ukudla nezinto ezibalulekile zikaKhisimusi, wafika wakushaqa konke, wayokudla nentombi yakhe,” kusho uNkk Gumede.
Amalungu omphakathi ancome ukusebenza ngokuzikhandla kweCPF. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe kuzohlolwa isidumbu okuyikhona okuzocacisa ukuthi yini imbangela yokufa kamufi. Uthe kuthathwe owesilisa wayophonswa imibuzo, kuyimanje usezitokisini.