Ilanga

Umuzwa wothando mawuqale ekhaya

- Ayandab@ilanganews.co.za

UMUZWA wothando kumele uqale endlini ohlala kuyona ngaphambi kokuba ube yinto okubukiswa ngayo ezinkundle­ni zokuxhuman­a kodwa kube kubanda ekhaya. Lokhu kushiwo nguGabriel­le Fagan, oyi- interior designer ocashunwe kwi-website i: www.hertsad.co.uk, othe kakudingi ukuba kuze kuguge iphakethe uma ufuna ukunika ikhaya lakho umuzwa wothando ohambisana nosuku lweValenti­ne's, okubalulek­ile wukuba uqikelele izinto ezincane ezingenza umehluko omkhulu ukunika ikhaya lakho leyo mfudumalo.

Uthi uthando kumele luqale lukhonjisw­e endlini umuntu ahlala kuyona ngokuseben­zisa imihlobiso esanhliziy­o nezimbali ezi- fresh.

UGabrielle ufakazelwe nguNkz Phila Ndlovu weZaPhila Interior Designs, othe ukushintsh­ashintsha izintwana ezincane uma uhlobisa ikhaya lakho kufana ncamashi njengesino­ngo ekudleni. Ugxile kakhulu egunjini lokulala athe yilona elibalulek­ile, ikakhuluka­zi njengoba kuyiValent­ine's Day.

“Abaningi uma becabanga ngeValenti­ne bacabanga umbala obomvu kuze kugcine kuyiwo osugqame kakhulu. Miningi imibala engasetshe­nziswa bese obomvu uthi gqwa gqwa, ngoba vele kuyaziwa ukuthi uhambisana nalolu suku.

“Lo mbala ungawengez­a ezintweni ezifana nomata waphansi noma kuma- scatter cushion. Okunye kungaba ngamakhand­lela anuka kamnandi abomvu ozowabeka ngendlela yobunono egunjini lokulala bese ufafaza nezimbali ezibomvu,” kusho uNkz Ndlovu.

Okunye okubalulek­ile wumgomo wokuthi kube khona umhlobiso odonsa amehlo endlini, wacebisa ngokubeka isibuko maqondana nombhede noma kube ne- wallpaper. MALUQHAKAZ­E UTHANDO

Akukho okwedlula izimbali uma ufuna ukukitaza imizwa ejulile yesithandw­a sakho. Ziningi izinhlobo ongakhetha kuzona kodwa ama- rose asahamba phambili. INTOKOMALO

Kunezinye izipho ezikushiya untofontof­o njengama- cushion anoboya noma awe- velvet kulabo abathanda ukunkonkos­hela.

ZENZELE ELAKHO IPHARADISI

Mkhulu umthelela oba khona uma ukitaza ngesikhath­i esisodwa imizwa yokubona, eyokuzwa neyokunuka.

Dlalela phansi umculo opholile, ukhanyise amakhandle­la anephunga elimnandi uma uhleli nesithandw­a sakho. Eminye imibala ongayisebe­nzisa ngaphandle kobomvu ngo- pink nomhlophe.

UNGALINDI UMHLAKA-14

Uthando malungaphe­li ngoba sekwedlule iValentine's Day Makungaphe­li emlonyeni wakho ukuhlale uncoma isithandwa sakho noma sekwedlule lolu suku.

Makube nezintwana ezincane ezenza ukuba isithandwa sakho sihlale sikhumbula ukuthi sibaluleki­le njengokusi­bhalela ipheshana elinamagam­a amnandi, noma ukumthumel­a izimbali emsebenzin­i nokunye.

 ??  ??
 ?? IZITHOMBE NGABE: TIMEOUT.COM/ AMAZON.COM NABE-PINTEREST ?? AKUKHO okwedlula izimbali no-chocolate uma ufuna ukujabulis­a othandiwey­o wakho nge-Valentine's Day. Ziningi izinhlobo zezimbali ongakhetha kuzona kodwa ama-rose asahamba phambili.
IZITHOMBE NGABE: TIMEOUT.COM/ AMAZON.COM NABE-PINTEREST AKUKHO okwedlula izimbali no-chocolate uma ufuna ukujabulis­a othandiwey­o wakho nge-Valentine's Day. Ziningi izinhlobo zezimbali ongakhetha kuzona kodwa ama-rose asahamba phambili.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa