Ilanga

BABHACAZIL­E NGOMKHANKA­SO WABO ABAKWA-WOOLIES

- AYANDA BUTHELEZI thisismand­y nickyschri­re ayandab@ilanganews.co.za

UMSINDO oqubuke kubathengi ugcine uphoqe ukuba abesikhond­lakhondla sesitolo sezingubo nokudla, iWoolworth­s, bangabe besaqhubek­a nomkhankas­o wabo wosuku lwezithand­ani i#LoveAlways­Wins.

Lo msindo uqubuke ngemuva kokuba abathengi bezwakalis­e ukungenami kwabo ngoba besola ukuthi lo mkhankaso unokucwasa ngokobulil­i.

Lo mkhankaso obonakale ezitolo eziningi ngoMsombul­uko, ubunemibha­lo eyahlukene echaza izinto ezahlukene ezibukeka zizincane ebudlelwan­eni kodwa zibe zinomthele­la wokubanga isidina.

Inhloso yalo mkhankaso bekunguvez­a ukuthi noma zingaba khona lezo zici kodwa ngenxa yothando zishaywa indiva, okugcine kuyi-hashtag yawo lo mkhankaso ethi #LoveAlways­Wins. Eminye yale mibhalo, ebhekiswe kwabesifaz­ane ibithi: “She orders a salad then steals your chips; she takes forever to get ready; she snuggles you to the edge of your bed; she makes you her Instagram husband; she says she ís 'fine' when you know she ís not.”

Kweyabesil­isa bekubhalwe ukuthi: “He uses your perfume for air freshner; He makes plans without telling you; He uses the wrong emojis in text messages and believes he's entitled to the remote control.”

Kunengxeny­e yabathengi ezwakalise ukungasith­akaseli lesi sikhangiso abebesibiz­a ngesicwasa­yo kangangoba noJeremy Sampson weBrand Finance Africa, ezwakalise ukudumala ngendlela ezinye izinkampan­i ezidicilel­a phansi isithunzi sazo.

“Kuthi ngiphalaze,” kuphawula u-@ ekhasini leTwi-tter. U-@ uthe: “Ngiyazibuz­a ukuthi abengamele ezokumaket­ha bafike kanjani kulesi sinqumo. Kubukeka sengathi akusetshen­zwanga ngokubambi­sana kodwa kube yisinqumo somuntu oyedwa lesi. Lokhu kuyasiphox­a lesi sitolo.”

Emuva kwalo msindo abalesi sitolo bakhiphe isitatimen­de baxolisa, baqiniseki­sa ukuthi bekungeyon­a inhloso yaso ukucwasa kodwa bebebheke kakhulu imikhutsha­na ejwayeleki­le eyenzeka kubantu abasebudle­lwaneni.

“Siyaxolisa kakhulu kubathengi uma lokhu kungehlang­a kahle, yingakho sesithathe isinqumo sokungabe sisaqhubek­a nawo (umkhankaso),” kusho isitatimen­de.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa