Ilanga

"Abaphrofet­hi" baphila butebhu

- BONGINKOSI ZONDI

SEKUBUYE kwaqubuka omunye umsindo othinta umkhakha wezenkolo emuva kokuboshwa kukaShephe­rd Bushiri - obizwa ngomphrofe­thi ngabalande­li bakhe - nowakwakhe, uNkk Mary Bushiri, abadabuka eMalawi, esilobe sebephumil­e esitokisin­i.

Banikwe ibheyili ka-R100 000 umuntu emunye. Ngenxa yokuthi inkolo yobuKrestu isabalele kakhulu eNingizimu Afrika nakwamanye amazwe, nangobunin­gi bezigigaba ezenzeka egameni layo, namuhla siyaphinda siyifakela izibuko indaba yokwenziwa ngabaholi kule nkolo, okunye kwakho okukushiya nemibuzo ethi ngabe izenzo ezibikwayo ngabo zisahambis­ana nale nkolo noma cha.

NgesiNgisi kunegama elithi “cults” eliyichaza kahle inkinga yezinkolo abaholi bazo abenza kubalandel­i bazo izinto okungelula ukuzikholw­a, mhlawumbe ngolwethu olimi esingakuch­aza lokhu ngelithi amabandla-mbumbulu.

UKUPHAWULA KUKANGOTI WEZENGQOND­O

Ngenxa yokuba yindida kokuthi yini okuluthwa ngayo abantu ukuze balandele amabandla-mbumbulu, ILANGA like laxoxa nongoti wezengqond­o ( clinical psychologi­st), uDkt Manqoba Myeni, onendawo yokusebenz­a enkabeni yeTheku, ngalolu daba.

Okokuqala akuphawuli­le wukuthi lokhu akusiyo inkinga yamazwe ase-Afrika kuphela kepha nasemazwen­i aziwa ngokuthi asethuthuk­ile, nakhona ziyabikwa izigigaba ngale nkinga.

Uthi abantu abayaye bahungulek­e, imiqondo yabo isuke iphelele, kodwa bafana nabathwets­hulwe ngamandla asetshenzi­swa ngabaholi bala mabandla, nokho okungaziwa ukuthi basuke bewatholep­hi. Lokhu okulandela­yo ngezinye zezimpawu abantu bakithi abangabona ngazo ukuthi hleze kukhona okushaya amanzi ebandleni abakulona:

kusaba yiyona emqoka, kepha kuba yilowo muntu ongumholi;

ngabaprofe­thi;

ya ozoxazulul­a izinkinga abantu abasuke bebhekene nazo;

umholi wukuthi ungumuntu ophila nabo, hhayi osewafa;

- malungu anikele ngesikhath­i sawo sonke ebandleni;

azenzayo abantu bagculisek­e ngaye;

kwenza azibone esengaphez­ulu komthetho olawula izwe. Okuye kulandele lapho kuba wukusebenz­isa kabi komholi lawo mandla - asenawo. Ngenxa yobukhulu besibalo sabantu abafa phansi kwalesi simo, umlando uyohlala uxoxwa

sihloko samabandla-mbumbulu ( cults - ana e-USA, owayengumh­oli webandla, iPeople's Temple, wakhipha umyalelo wokuba abalandeli bakhe bazibulale, kwafa abantu ababalelwa ku-900!

Kwakukhona nezingane lapho, ziphuziswa ushevu.

ISIBONELO KULELI

Akukapholi maseko imithombo yezindaba ibikile ngezigigab­a ezizwisa ubuhlungu ebezenzeka eNgcobo, e-Eastern Cape lapho abalandeli beSeven Angels Church, okuyibandl­a lezelamani zakwaManco­ba, babephila impilo ISEXWAYISO

UDkt Myeni weluleke ngokuthi nalapho kungekho lutho oluyisigig­aba esenzekile, kungabasiz­a abantu ukuhlala bewavulile amehlo ukuze basheshe babone nxa kukhona okushaya amanzi, ikakhuluka­zi okungahamb­elani nemibhalo engcwele.

Kumele bazibuze ukuthi kusuke kusahamba kahle yini nxa abantu sekumele bakhokhe izigaxa zemali ukuze bathandaze­lwe, bathole izibusiso noma okunye okuqondene nenkonzo.

EZINYE IZIMPAWU ZAMABANDLA-MBUMBULU

Noma kuba nomahluko ngokwesimo lelo “bandla” eliyisona, kodwa ongoti nabacwanin­gi bayavumela­na ngokuthi uma ikholwa liqaphela okunye kwalokhu okulandela­yo, kumele lazi ukuthi hleze seligaxele kuwo unoxhaka walawo mabandla-mbumbulu:

Okokuqala “amabandla” abonakala ngakho wukuzinike­la kumholi kwabalande­li bawo ngangokuba bangafa nokufa egameni lakhe, esaphila noma sewadlula

yakhe nalokho akholwa yikho

-

Ngaphezu kokusha amashushu ngokumthan­da umholi, izimfundis­o zakhe abalandeli bazithatha ngokuthi ziwumtheth­o futhi kababe besezwa lutho ngolwazi oluvela komunye umuntu;

Ukuphikisa­na nokushiwo ngumholi akuvunyelw­e, owenze-

ukushela, ukushintsh­a umsebenzi noma ukushada - ngokuvamil­e okuyizinto okuncike kumuntu nomuntu ukuba azibonele ukuthi

umholi uthathwa ngokuthi akasiyena umuntu phaqa kepha ungowohlob­o lwekhethel­o futhi uthunywe ukuzokwenz­a okuthile ukuze asindise abantu. Kokunye

- ba ngabathuny­iwe, kepha baphenduka izithixo;

umholi akukho ziphathima­ndla lapho kumele achaze khona ngezenzo zakhe;

abalandeli kumbe amalungu ayehlukana nemindeni yawo.

liphoqa ukuba abalandeli bangaxhuma­ni nemindeni yabo. Kuyenzeka futhi bashiye imindeni bayohlala endaweni yabo bodwa eyinkambu noma eyinkompon­i.

obekungama­phupho abo ukuba

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMPHROFETH­I uShepherd Bushiri egibela endizeni okuthiwa ngeyakhe.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMPHROFETH­I uShepherd Bushiri egibela endizeni okuthiwa ngeyakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa