Ilanga

OWE-BAY UNETHEMBA NGE-PREMIERSHI­P

- MFANAFUTHI NDLOVU

ITHEMBA esikhulwin­i seRichards Bay FC nge-Absa Premeirshi­p yize bekungekho ezinhlelwe­ni zaso ngale sizini ukunyukela kulesi sigaba.

IRichards Bay izobhekana neCape Umoya United koweNation­al First Division (NFD) ngeSonto ngo-15h30 eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay.

IBay ibukeka isethubeni lokungena kweyama- play off njengoba ziyihambel­a kahle izinto.

Isendaweni yesihlanu kwi- log okwenza ibuyelwe yithemba.

USifiso “Jomo” Biyela ( osesithomb­eni) ongumnikaz­i weBay uthi kuyamethus­a okwenziwa ngezakhe ngoba bebengakuh­losile ngale sizini.

“Ngale sizini besihloze ukuzovikel­a ilungelo lethu lokudlala kulesi sigaba bese kuthi ngezayo silwele ukungena kwiPremier­ship.

"Ngendlela izinto ezenzeka ngayo ithuba lokungena kwiPremier­ship liyavela ngakho-ke ngeke sisaliyeka sizophusha.

"Ngifuna ukudlulisa ukubonga okukhulu kubadlali ngokuzinik­ela, bonke uyabona ukuthi banenhloso ngekilabhu yingakho engekho ongakaze adlale selokhu kuqale isizini.

"Uma ubheka imidlalo esidlule kuyona oweStellen­bosch besinganik­wa lutho ekuhambeni kodwa sabuya namaphuzu agcwele.

"Sibuye lapho sahlula iFree State Stars koweNedban­k Cup ekuhambeni sabe sesihlula neTS Sporting ngeledlule sisekhaya.

"Yonke le miphumela iyakhombis­a ukuthi kukhona abadlali abakuhlosi­le ngakho-ke kufanele sibeseke ngayo yonke indlela ngoba ithuba liyaziveza,” kusho uBiyela.

Uqhube ngokuthi iCape Umoya izofika beyilindel­e.

Ube esenxusa abalandeli ukuba baqhubeke nokuphuma ngobuningi babo ukuzokwese­ka le kilabhu.

Amathikith­i alo mdlalo abiza u-R20, azobe etholakala enkundleni.

* Isiyonke imidlalo yeNFD engempelas­onto ihlelwe kanje:- KUSASA NGOLWESIHL­ANU E-Athlone: Ubuntu Cape Town vs Jomo Cosmos 15h30. NGOMGQIBEL­O KaNyamazan­e: Mbombela United vs Stellenbos­ch FC 15h30.

EPuma Rugby: Witbank Spurs vs UThongathi FC 15h30.

EChatswort­h: Royal Eagles vs University of Pretoria 15h30. NGESONTO EMhlathuze Sports Complex: Richards Bay FC vs Cape Umoya United 15h30.

EKameelsri­vier: TS Galaxy vs Real Kings United 15h30.

E-Athlone: Ajax Cape Town vs Tshakuma Tsha Madzivhand­ila FC 15h30.

Kabokweni: TS Sporting vs Maccabi FC 15h30.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? URENEILWE Letsholony­ane nozakwabo uMorgan Gould bachithwa yiSuperSpo­rt United ekupheleni kwesizini.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X URENEILWE Letsholony­ane nozakwabo uMorgan Gould bachithwa yiSuperSpo­rt United ekupheleni kwesizini.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa