UKoloba uveza imfihlo kaKaizer ngeBucs
Uthi iChiefs ayisenaye umdlali obeka umsebenzi emahlombe akhe
UVEZA imfihlo kaKaizer “Shintsha Guluva” Motaung ongumnikazi weKaizer Chiefs ngeOrlando Pirates umdlali oke wagijima kwiChiefs.
IChiefs izobhekana nePirates kowe-Absa Premiership ngoMgqibelo ngo-15h30 e-FNB Stadium, eSoweto.
Lo mdlalo uthathwa njengomunye wemikhulu e-Afrika njengoba kuphuma kwasani uma kubhekene la makilabhu.
Nezingwazi ezigijime kuwona zivukwa wusinga ngoba akwandele bani ukudlala kulo mdlalo.
UNtokozo “Koloba” Sikhakhane obelihlikihla esiswini kwiChiefs, uveza imfihlo kaMotaung ngePirates nento akholwa wukuthi ibulala le kilabhu uma ibhekene nePirates.
IChiefs isiphenduke isinkwa semihla ngemihla kwiPirates njengoba igcine ukuyehlula ngo-2014.
“Umdlalo womkhaya unzima, yilapho kucaca khona izinto eziningi ngomdlali.
"Lo mdlalo ungayiguqula impilo yakho isizini yonke ngendlela oyiyona.
"Into ebulala iChiefs wukuthi ayisenaye umdlali okwazi ukuthatha umsebenzi wabadlali bonke awubeke emahlombe akhe ukuze iwine kulo mdlalo womkhaya.
"Ngesikhathi ngisadlala kuyona besazi ukuthi uma sekunzima iPirates isigojela, uJabu “Pule” Mahlangu uzokwenza imilingo yakhe ukuze sinqobe.
"Njengamanje iChiefs ayinaye lowo mdlali, noKhama Billiat uyabona ukuthi uyazama kodwa wukuzethemba angenakho.
"Abantu bangacabangi ukuthi yibona kuphela abangadli uma iChiefs inganqobanga, nomnikazi wayo imbala udonsa kanzima.
"Uma ekhuluma nabadlali ngaphambi kwalo mdlalo ubatshela kahle ukuthi abenze konke okusemandleni ukuwunqoba ngoba akakwazi ukukwamukela ukuhlulwa yiPirates. Inkulumo yakhe iyahluka uma kudlalwa nePirates ngoba uyabazi ubunzima abhekana nabo uma ibehlulile,” kusho uSikhakhane.
Ube eseqinisa idolo abalandeli wathi bangalilahli ithemba, u-Ernst Middendorp ongumqeqeshi weChiefs usazowaphendula amatafula.
“Ngibe nenhlanhla wangiqeqesha, uhlakaniphile ibhola ulazi njengoba ezazi.
"Abalandeli abakhululeke, usa- zowaphendula amatafula, abamnike nje ithuba basazobona.
"Into engiyithandayo ngaye wukuthi unesibindi, ukuthi uyingane akanandaba ukujikijela enkundleni neqembu elikhulu kungabi ndaba zalutho.
"Ngikhumbula emdlalweni wami wokuqala womkhaya ungitshele ngoLwesithathu ukuthi ngizodlala wabeka ngaphandle uThabo “Tsiki Tsiki” Mooki evutha bhe.
"Akukholwanga muntu ngoba lapho bengizobhekana noBennedict “Tso” Vilakazi, Gift “Vum Vum” Leremi, Onyekachi “Tico” Okonkwo ukubala abambalwa abebevutha esiswini kwiPirates.
"Ngibe nomdlalo omuhle abantu baqala lapho ukungiqaphela.
"Uyabona uma uVirgil Vries ezovimba kulo mdlalo yilona thuba lokugeza igama lakhe leli.
"Uma iPirates ingathola iphenathi ayibambe iChiefs igcine inqobile abalandeli bazokhohlwa yiwona wonke amaphutha abewenza abe yiqhawe ngendlela lo mdlalo onamandla ngayo.
"Kodwa-ke ngibona amagoli kulo mdlalo noma zingadlala ngokulingana kodwa wona uzoba namagoli,” kuphetha uSikhakhane.