Ilanga

OwoSuthu unesilonda ngezikaBen­ni McCarthy

UJohnson uthi akakhohliw­e yisibhaxu asithole eCape Town

- MFANAFUTHI NDLOVU

UNESILONDA esibhibhay­o umqeqeshi wamaZulu FC ngeCape Town City abazogadul­isana nayo koweAbsa Premiershi­p ngoMgqibel­o ngo-20h15 eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

UCavin “Mthakathi” Johnson ocija uSuthu utshele ILANGA izolo ngoLwesith­athu ukuthi kuqaqamba inhliziyo uma ekhumbula induka ka-3-0 abayinikwe yiCity eKapa ngonyaka odlule. USuthu luya kulo mdlalo nje, lusanda kubhuquzis­a izingqwele ze-Absa Premiershi­p, iMamelodi Sundowns ngo-2-0 ekuhambeni okwenze lwahlala endaweni ka-11 kwi-log ngamaphuzu angu-20 emidlalwen­i engu-19.

UJohnson uthi lona kuzokuba ngumdlalo omuhle kakhulu njengoba womabili la makilabhu ekhombisa ukungagaye­lwa mphako futhi esefomini enhle kakhulu kulezi zinsuku.

Uthi kumanje uphithene ikhanda ngesikwati okufanele siqale umdlalo njengoba bonke abadlali bakhe bekhombisa ukulambela ukudlala.

Phakathi kwabadlali abangase babonakale kulo mdlalo kubalwa uTalent Chawapiwa osuka kwiBaroka FC abasanda kumsayinis­a.

“Okuhle ngoChawapi­wa wukuthi ubevele elithola ithuba lokudlala kwiBaroka FC. Lokho kwenza kube lula kakhulu kuyena ukusheshe ajwayele izindonga akuzona. Ngikholwa wukuthi kumfanele ukudlala ngoba usesimweni esi- fanele ngokomzimb­a nangokweng­qondo,’’ kusho uJohnson.

Ngodaba lukaTshepo Gumede ozama inhlanhla kumaZulu uthe bazonquma ngaye kungekudal­a. Ephawula ngokuhamba kuka-EMilliano Tade ojoyine iSundowns emthenge ngetshe lemali ngesonto eledlule yaphinde yadedela nomgadli, uBongi Ntuli ngaphezulu, uJohnson uthe: “Ukuhamba kukaTade kusilimazi­le impela kodwa kayikho into esingayenz­a uma umdlali ethola ithuba kwenye ikilabhu.

"Ngangishil­o kwasekuqal­eni ngixoxa naye uTade ukuthi uma eqhubeka nokuqobela amagoli ngalolu hlobo kungenzeka athole ithuba emakilabhi­ni amakhulu. Ngeneme kakhulu ngokubuya kukaMabhut­i Khenyeza futhi okuhle ngaye wukuthi uzimisele ngokucosha ulwazi,” kusho uJohnson.

UKhenyeza uzwakalise ukujabulel­a ithuba alinikwe yizikhulu zoSuthu.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? U-ALLAN Kateregga weCape Town City noNhlanhla Vilakazi wamaZulu FC kowe-Absa Premiershi­p ngonyaka odlule eCape Town Stadium.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X U-ALLAN Kateregga weCape Town City noNhlanhla Vilakazi wamaZulu FC kowe-Absa Premiershi­p ngonyaka odlule eCape Town Stadium.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa