IChiefs ithembisa ukubuyisa isithunzi koweDerby
UJele uthi bazohlikihla usawoti esilondeni seziMpofana
UMDLALI weKaizer Chiefs ongaconsi phansi kubalandeli bale kilabhu ufuna ezakhe ziqede ishobolo eselibaphendule inhlekisa kwizimbangi zabo i-Orlando Pirates.
IChiefs izobhekana ne-Orlando Pirates kowe-Absa Premiership ngoMgqibelo ngo-15h30 e-Orlando Stadium, eSoweto.
Lo mdlalo ubhekwe ngabomvu ngabathandi bebhola njengoba la makilabhu engomkhaya.
Abawazi kangcono bathi kulo mdlalo akekho oba yimfivilithi kushiyana ukwenza ngelanga lawo.
IPirates ibisazenzela kuleli qembu lakwaMotaung njengoba sekuphele iminyaka emihlanu ingakaze yehlulwe yiChiefs. IChiefs igcine ukwehlula iPirates kowomkhaya ngoZibandlela (December) wango2014 iyitaxa ngo-2-0.
UKhama Billiat odlala esiswini kwiChiefs uthi iyabahlukumeza emoyeni indaba yokuxhashazwa yiPirates. Lo mdlalo yiwona okufanele siqede ngawo ukucanasa kwePirates kithina.
"Sesiside lesi sikhathi sigcine ukubehlula sekuyezwela. Kulo mdlalo lizogaya ngomunye umhlathi, noma kanjani sizowunqoba. Umqeqeshi esinaye ukhaliphe ngendlela eyisimanga.
"Siyitadishe kahle iPirates sesiyazi lapho sizoyingenela ngakhona. "Lo mdlalo kufanele siwunqobe kumnyama kubomvu. "Okungiphatha kabi nje wukuthi sizobhekana nabo sixhugela njengoba uLebohang Manyama, Itumeleng Khune no-Erick Mathoho besalimele. Uma uya emdlalweni omkhulu kanjena engathi ningaphelela ukuze nilwe nonke. "Kodwa-ke ngeke sikwenze izaba ukungabi bikho kwalaba badlali thina esikhona kufanele silweni siwunqobe ukuze siqede le nto esesiyenziwe yiPirates izenzela umathanda kithina,” kusho uBilli
at. UHappy Jele ongukaputeni weBucs uthi umlando awusho lutho kulo mdlalo.
“Siyazi ukuthi sekunesikhathi eside begcine ukusehlula kodwa lokho akusho lutho kulo mdlalo womkhaya umlando ufana nento engekho.
"Lo mdlalo awuyi ngafomu nokuthi ngubani ogcine ehluliwe kufana nokuthi yonke into iqala phansi.
"Kodwa-ke ngeke ngikufihle ukuthi sifuna ukuqhubeka lapho esigcine khona. Sifuna ukuqhubeka nokulokhu sibehlula.
"Kule minyaka eyedlule siphila kamnandi ngoba asisabazi ubuhlungu bokuhlulwa ngomkhaya bethu.
"Sizolwa ukuze siqhubeke nokulokhu sibazwisa ubuhlungu,” kusho uJele.
Imiphumela yemidlalo emihlanu yeligi eyedlule phakathi kwala makilabhu ihambe kanje: 27/10/18: Orlando Pirates 2, Kaizer Chiefs 1. 03/03/18:
Orlando Pirates 3, Kaizer Chiefs 1. 21/10/17: Kaizer Chiefs 0, Orlando Pirates 0. 04/03/17: Kaizer Chiefs 1, Orlando Pirates 1. 29/10/16: Orlando Pirates 0, Kaizer Chiefs 0.