Ilanga

UMNDENI "UHLASELE" UMFUNDISI ESONTWENI

- THANDEKA NGOBESE noPAMELA ZUNGU

KUPHAZAMIS­EKE ukukhonza ebandleni labasindis­iwe, iRoyal Priesthooo­d, eSweetwate­rs, eMgungundl­ovu, eliholwa nguMfu Bhelebane Ntuli ( osesithomb­eni), kugasela umndeni wowesifaza­ne okhonza kulona, ufuna ngodli ikhadi lakhe lasebhange okuthiwa selihlala kumfundisi.

Umndeni kaNkz Khanyi Ngcobo (31), osebenza ukufunda amamitha (amanzi) kuMasipala waseMsundu­zi, uthi selokhu ejoyine ibandla likaMfu Ntuli - obuye ashayele uhlelo olubizwa ngeMvusele­lo kwiMbokodo FM, olungena ngo-18h0021h00 njalo ngeSonto - usefana nomuntu ogula ngekhanda.

UMnu Mlu Ngcobo, umfowabo kaNkz Ngcobo, uthi ngisho imali yebhonasi ayithole ngoMfumfu (October), uyithathe yonke wanikela ngayo esontweni.

“Ubeke athengele umfundisi i- airtime ka-R1 200. Ngosuku ahola ngalo uboleka imali kubantu ngoba ikhadi lakhe lasebhange lihlala kumfundisi. Uma simbuza ukuthi uyenzani imali, ubevele abhoke ngolaka, athi masimyeke imali unikele ngayo esontweni.

“Uhluleke ngisho nokuthenge­la ingane yakhe eneminyaka emine ubudala izimpahla zikaKhisim­usi ngonyaka odlule ngoba ubengenalo ngisho isenti, imali esenikele ngayo yonke. Emholweni wakhe wangoZiban­dlela (December) akazange athole lutho, besibona ngemiyalez­o nje eshoyo ukuthi sekukhishw­e malini ekhadini lakhe.

“Kuthe ngoMasinga­na (January), samphoqa ukuba avale ikhadi lasebhange. Kuthe kufika usuku lokuhola, sabona ngomfundis­i esefona ethi imali kayisaphum­i ekhadini, sekwenzenj­ani. Umncengile ukuba bahlangane eMgungundl­ovu ayolivula uma kuwukuthi ulivalile.

“Uma esefonelwa yileli sonto lakhe kuvele kube sengathi uyagula, akezwa mshini. Uke wadayisa ngisho ngezinwele azithenge ngoR4 000, ezidayisa ngo-R150 ngoba efuna imali yokuya esontweni,” kusho uMnu Ngcobo.

Uthi njengoba udadewabo ebengasena­yo imali, ikhadi lingasa- hlali kuyena, uke waya nasebhange waboleka u-R10 000. Kuleyo mali engene kwelinye ikhadi lakhe, ukhiphe u-R3 000 wathengela umfundisi iwashi njengesiph­o mhla ka-31 kuZibandle­la, enye akwaziwa ukuthi uyenzeni.

“Le nto yakhe yokusangan­iswa yileli bandla ngisola ukuthi kade yamqala ngoba kukhona isikhathi lapho okuthiwa uke warentela ibandla indawo yokukhonze­la. Size sizogasela la ebandleni nje, yingoba sesikhathe­le yile nto yalaba befundisi,” kusho yena.

UMfu Ntuli ufike ngezithuba zabo-13:30 enkonzweni umndeni kaNkz Ngcobo usumlinde ngaphandle neLANGA likhona ukuyozizwe­la.

Uthe kuyiqiniso ukuthi uNkz Ngcobo ubebarente­la esontweni.

“Bengingeke nginqabe uma kukhona umzalwane othi ucela ukusikhokh­ela irenti. Ubeke angithenge­le i- airtime futhi bonke abantu la esontweni bayaye bangitheng­ele. Kalikho icala kulokho,” kusho uMfu Ntuli.

Uphikile ukuthi ikhadi likaNkz Ngcobo lihlala kuyena nokuthi imali yebhonasi uyinikele kuyena.

“Ngike ngezwa kuthiwa ikhadi likaKhanyi likimina. Empeleni ikhadi likumzalwa­ne engisebenz­isana naye, uMnu Kaputeni Magubane engingazi ukuthi lafika kanjani kuyena. Ngithe uma ngimbuza uKaputeni emuva kokuzwa lokho, wathi uzolibuyis­ela.

“Yize ngingeke ngiqinisek­ise, kodwa sengathi kunento abebeyenza noKaputeni yokujola ngoba uze wamthengel­a ngisho iwashi, wamnika kubuka bonke abazalwane esontweni,” kusho uMfu Ntuli.

Uthi imphatha kabi eyokuthi le nto igcine ingcolisa igama lakhe, kodwa ayikho into azoyenza, noJesu wawathwala amacala abantu.

UMnu Magubane uthe akazi lutho ngekhadi likaNkz Ngcobo lasebhange, kalikho kuyena.

“Ngiqala ngani ukuzwa ngalolu daba, bengingalw­azi. Lo othi likimina uyanikhohl­isa, ngibhecwa ngobubende inyama ngingayidl­anga. Umuntu ongacacisa kahle lolu daba futhi asinike izimpendul­o eziqondile, nguyena uKhanyi, asho nokuthi ikhadi lakhe lasebhange walinika bani,” kusho uMnu Magubane.

Umnikazi wendaba, uNkz Ngcobo, wale waphetha ukuphawula.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa