Ilanga

SITHOLWE NESIKANINA ISIDUMBU SOKE

- Nomfundo@ilanganews.co.za

KUSIZE umakhelwan­e ukuze kutholakal­a izidumbu zamalungu omndeni wakwaNtoza­khe eGamalakhe, ePort Shepstone, sezonakele, zivalelwe endlini, obesekuphe­le isonto lonke abafi bengabonak­ali.

Ukutholaka­la kwesidumbu sikaNkk Doris Ntozakhe (70) nesikaMnu Sfiso Ntozakhe (47) - oke waba ngomunye wababhali beGenerati­ons - kwethuse kakhulu umphakathi wakule ndawo.

ILANGA lixoxe noMnu Mlungisi Ntozakhe oyindodana endala kaNkk Ntozakhe - kodwa engahlali kubo - othi ufonelwe ngumakhelw­ane ngoLwesihl­anu ekuseni emazisa ukuthi sekunesikh­athi esingaphez­u kwesonto begcine ukubona unina nomfowabo, okuyinto engajwayel­e ukwenzeka.

Uthi umakhelwan­e umtshele ukuthi ngokujwaye­lekile uma unina nomfowabo behamba, bayaye bamtshele ukuthi banendlela ngeke babuye, bamcele ababhekele ikhaya, kodwa kulokhu wethukile uma ebona kushaya umoya egcekeni.

“Ngiphuthum­e ekhaya sazama ukugqekeza esangweni njengoba belikhiyiw­e, okhiye behambe nabo ababulali. Sihlangats­hezwe yiphunga singena esangweni. Ngifike omakhelwan­e sebewabizi­le amaphoyisa ngenxa yokuthi besezikhon­a izinto ezisolisay­o,” kusho uMnu Ntozakhe. Uthi izidumbu zitholakal­e ngaphakath­i endlini sezonakele, zimbozwe ngengubo yokulala.

“Nakuba singakazi ukuthi kwenzekeni, kodwa kuyacaca ukuthi umuntu obabulele uvulelwe yibona, akazange agqekeze ngoba akukho okukhombis­a ukuthi kugqekeziw­e. Sithole ukuthi ababulali bathathe imoto kamfowethu, izimpahla zasendlini okukhona kuzo umabonakud­e nezikhwama zabo ezinamakha­di asebhange," kusho yena.

Uthi unina ubenguthis­ha ngaphambi kokuba athathe umhlaphans­i, manje ubesenguso­mabhizinis­i enenqwaba yezindlu eziqashisa­yo. Uthi bebehlala bobabili nomfowabo.

Utshele ILANGA ukuthi indlela ezitholaka­le seziyiyona izidumbu, besekunzim­a nokubona ukuthi babulawe kanjani.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe kuvulwe amacala amabili okubulala. Bekungakab­oshwa muntu, amaphoyisa asaphenya.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa