Ilanga

UPHUME NGEBHEYILI KWELOKUDLW­ENGULA

- ANDILE MOSHOESHOE

LIDEDELWE ngebheyili ka-R1 000 yiNkantolo yeMantshi yaseMatati­ele ikhansela laseMatati­ele, e-Eastern Cape, elibhekene necala lokudlweng­ula ivolontiya (27) leqembu lalo, i-ANC.

Lo mlisa (37) udedelwe ngeledlule ngoba inkantolo ithole ukuthi akayona ingozi futhi akayena umuntu ongalibale­kela icala. Uzobuyela enkantolo mhla ka-5 kuNdasa (March).

Uboshwe emasontwen­i amabili edlule emuva kwezinsolo zokudlweng­ula owesifazan­e wasesigodi­ni sakhe, iThabachic­ha. Kuthiwa uye kubo kwalona wesifazane sekuhlwile, wenza sengathi ufuna ukuzwa ngemibiko yamagatsha e-ANC, njengoba kulungisel­elwa ukhetho.

Bahambile naleli volontiya beyoshiya elinye ilungu leqembu labo kubo, kuthiwa kuthe besendlele­ni ebuyayo, lo mlisa wenqaba ukuma ngakubo kwevolonti­ya lapho bekufanele lehle khona.

Kubikwa ukuthi uhambe nalo wayolidlwe­ngulela esigangeni, eduze komgwaqo - emuva kokulivimb­a lizama ukujomba emotweni yakhe.

UNobhala we-ANC esifundeni sase-Alfred Nzo, uMnu Vukile Mhlelemban­a, uthe ukuthola kwekhansel­a ibheyili ngeke kwasishint­sha isinqumo abafisa ukusithath­a.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngesikhath­i ILANGA libika ngoLwesine olwedlule ngalolu daba, uMnu Mhlelemban­a uthe: “Ngeke silinde ukuphela kwecala elingase lithathe iminyaka, kodwa sizohlala sicubungul­e lo mbiko, sithathe isinqumo sokuthi mhlawumbe ake ame eceleni umsolwa, abhekane necala lakhe.”

Uthe nokho bayazi ukuthi ngokomthet­ho umsolwa usemsulwa kuze kube ulahlwa yicala, kodwa ngoba bafuna umthetho usebenze ngaphandle kokuphazam­iseka, kuzofanele nawo bawunikeze lelo thuba.

* Ngakolunye uhlangothi, lihlehlise­lwe umhla ka-20 kuNdasa (March) icala lokubulawa kukaMnu Sindiso Magaqa owayeyikha­nsela leANC eMzimkhulu kanti wake waba ngunobhala-jikelele we-ANC Youth League isaholwa nguMnu Julius Malema.

Abasolwa abawu-5, okunguMnu Nkazimulo Kheswa, uMnu Khayalethu Njiyela, uMnu Zamokuhle Ndzimande, uMnu Melisizwe Tshazi noMnu Thembinkos­i Tshazi, bayaliphik­a icala.

Imbangela yokuhlehli­swa kwalo wukuthi inkantolo ifuna ukuhlala nommeli wabamangal­elwa kubhekwe isibalo sofakazi kuleli cala.

Ngeke silinde ukuphela kwecala elingase lithathe iminyaka.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa