Ilanga

Indlela ophila ngayo ingazivimb­a izifo

-

MHLA ka-22 kuNhlolanj­a (February), wusuku lomkhakaso kahulumeni wokufundis­a ngendlela yokuphila efanele, okuyinto evumelana kahle nenhloso yale ngosi egcizelela ukubalulek­a kwendlela esiphila ngayo ukuze sigweme ukuhlaselw­a kalula yizifo.

Namuhla sizothinta kafushane lezi zihloko ezilandela­yo, okuyothi kamuva sinabe ngazo ngasinye:

Wukugqugqu­zela ukudla ngendlela efanele. Wukuzivoca­voca njalo nje. Wukuxwayis­a ngengozi yokubhema ugwayi.

Ukugwema uphuzo olunamandl­a nezidakami­zwa.

nokugqugqu­zela ezokwenziw­a kocansi ngendlela ephephile.

KUSHO UKUTHINI UKUBA NALOLU SUKU?

Ukuqoshwa kwalolu suku wuhulumeni akusho ukuthi abantu mabanakeke­le indlela abaphila ngayo ngalo kuphela, besekuthi wonke unyaka benze izinto ngobudeden­gu.

1. INDLELA ESIDLA NGAYO

Kunesisho esiyivange­li elishunyay­elwa ngabasendi­meni yezokwelap­ha, ngesiZulu esingasito­lika sithi: “uba yilokho okudlile” ( you are what you eat). Lesi sisho sikuchaza konke ngomthelel­a wokudla esikudlayo empilweni imihla ngemihla.

Empeleni abakwezokw­elapha bathi akusilona ihaba ukulibeka ngembaba elithi umsuka weningi lezifo usendlelen­i esidla ngayo.

Esinye isisho esiqukethe umqondo osondele kulesi, ngesashiwo nguHippocr­ates maqondana nokudla, esithi, “Let food be thy medicine and medicine be thy food” okusho ukuthi yenza ukudla kube yikhambi lakho, ikhambi lakho libe wukudla kwakho.

Njengoba kushiwo kule ngosi esikhathin­i esidlule, sekunezinh­langano ezinjengeF­oods for Specified Health Uses yase-USA zocwaningo oluqhubeka­yo njalo ngosizo lokwelapha oluqukethw­e yizinto esizidlayo. Nakwamanye amazwe ulwazi lwendabuko ngosizo lokudla okuthile ezinkingen­i ezithile zokugula seluyahlon­ishwa manje.

Ngenxa yobubanzi balesi sihlokwana, namuhla sizokha phezulu ngalezo zinhlobo zokudla ezinconywa ngabomkhak­ha wezokwelap­ha ukuthi ziyasiza ukuba sihlale siphilile kahle.

Kulokho singajobel­ela ukuthi noma yini nxa yenziwa ngokweqisa iye igcine ingasalung­ile emizimbeni yethu. Lokhu okulandela­yo yizinhlobo zokudla ezinconywa ngabezempi­lo ukuba zibe yingxenye yokudla esikudlayo nalezo okufanele sizigweme:

Qinisa kakhulu ekudleni izithelo nemifino ( vegetables);

Yidla inyama yenhlanzi, naleyo enamafutha emvelo njenge- sardine.

Nciphisa ekudleni okunosawot­i omningi namafutha.

Nciphisa usawoti owufaka ekudleni okudlayo. Phuza njalo amanzi Ungaphuthi ukudla isidlo sasekuseni

2. UKUZIVOCAV­OCA UMZIMBA

Kungani ukuvocavoc­a umzimba kusemqoka kangaka? Cishe bonke ongoti bezempilo bayavumela­na ngobumqoka bokuzivoca­voca njalo. Ngokusho kwabe-American Heart Associatio­n, lokhu okulandela­yo ngeminye yemihlomul­o yokuzivoca­voca eyenza uhlale uzizwa ungumqeman­e: Kwehlisa umfutho wegazi. Kunciphisa amafutha emzimbeni ( cholestero­l).

Kunciphisa isisindo somzimba noma ukuzimuka ngokweqile.

Kunqanda ukuba buthaka kwamathamb­o ( osteoporos­is) - okwenza ephuke kalula.

Kusiza osenqume ukuyeka ugwayi ukuba ayeke kalula

Kunciphisa ingcindezi nokhwantal­ala.

Kusiza ukuba umuntu alale kahle. Kuvimbela isifo senhliziyo Kulekelela ekuthini igazi ligeleze kalula emzimbeni.

3. IZINKINGA ZOTSHWALA NEZIDAKAMI­ZWA

Ukusetshen­ziswa bededengu kophuzo olunamandl­a nezidakami­zwa, kuyingozi kubo bonke abantu. Intsha kayisali ngaphandle kulokhu njengoba kuvamile ukuba kuholele ezenzweni ezinemiphu­mela emibi kuyona.

E-USA, kunocwanin­go oselwaveza ukuthi intsha ephakathi kweminyaka ewu-15-24 ubudala, u-50% wayo ufa ngezingozi, ukushaywa ngenye (intsha) nokuzibula­la; imbangela yalokhu kuba wutshwala nezidakami­zwa.

Akugcini lapho, ukushaya nokudlweng­ula ngeminye yemiphumel­a ebikwayo. Lezi ngezinye zezimpawu zokungenis­a kwezinking­a zalezi zinto:

Ukwehla kwezinga lemi phumela yokufunda. Ukuthola uhlobo olusha lwabanga

ni. Ukwedelela Nokuncipha kobudlelwa­no nezihlobo nabomndeni Kuyenzeka ukuba umuntu abonakale ngokuba namehlo abomvu, wukukhwehl­ela njalo nokuguquka kwezikhath­i zokulala nendlela umuntu adla ngayo, nokunye.

4. UCANSI OLUPHEPHIL­E

Lokhu akugcini nje ngokuvikel­eka kulezo zifo ezithinten­e noma ezingena ngokwenza ucansi, kodwa kuthinta nokuba uziqonde ukuthi ungubani, nezinga lobudlelwa­no phakathi kwezithand­ani.

Ukuhlolela izifo zocansi njalo kuyasiza ukuba ungathelel­i abanye nokuba uzazi isimo sakho ukuze usheshe ufune usizo nxa kukhona okusolayo.

ISELULEKO

IsiZulu sithi kusinda ezakwaluva­dlwana, ngakho kumqoka ukuba uthi unyaka usaqala umuntu ayinakekel­e ngazo zonke izindlela impilo.

 ??  ?? EMIKHUBENI yokudla ngendlela eyiyo qinisekisa ukuba uyasidla isidlo sakho sasekuseni.
EMIKHUBENI yokudla ngendlela eyiyo qinisekisa ukuba uyasidla isidlo sakho sasekuseni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa