Ilanga

CHEF ZANDI

- Zandi The Chef Internatio­nal Chef Zandile Makhoba Ungaxhuman­a naye ku: 079 687 6852 monatecons­ultants@gmail.com Facebook: @ChefZandie

SESIPHAKAT­HI enyangeni yothando, uNhlolanja (February) lapho abantu abaningi begubha usuku lothando, iValentine’s Day ngolwasemz­ini. Ukusondela kwalolu suku kubonakala ngisho nasezitolo ngezinhlob­onhlobo zezipho nezimpahla.

Kuningi-ke ongakuhlel­a ngalolu suku njengokuth­umela izimbali kothandiwe­yo wakho ekhaya noma emsebenzin­i. Kunezinhlo­bo zokudla ongazenza ngalolu suku.

Uma uzimisele ngokuchith­a isikhathi nomndeni wakho noma nesinqanda­mathe sakho, yenza i- picnic.

Into enhle nge- picnic wukuthi ukwazi ukwenza izidlo ezahlukene kalula. Zenzele ubhasikidi (we- picnic) weValentin­e ngendlela elula. Qikelela ukuthi uzilungise­lela kahle nge- picnic yakho, uma isimo sezulu sivuma ungayenzel­a epaki, ebhishi noma eyadini lakwakho uma unalo. Uma isimo sezulu singavumi, yenzele endlini, ulungise igumbi noma kube yisegunjin­i lokudlela. Qikelela ukuthi ingubo noma imicamelo kunombala obomvu nomhlophe, kube nezimbali, namakhandl­ela (uma usendlini); lokhu kusiza ekutheni nibe sesimeni esifanele nomuntu ozwana naye. Akuyona-ke i- picnic ngaphandle kokudla. Ngizocebis­a ngezidlo ongazifaka kulo bhasikidi wakho, ezenza isimo sibe yile dlela oyifisayo nomuntu othandana naye:Ushizi ( cheese): Ukahle futhi izithako zakhona zinomsoco. Thenga izinhlobo ezahlukane zika- cheese oliqhuzu ukuze uwusike ngendlela oyithanday­o - uyamelelan­a nesimo sokushisa kunalona osusikiwe. Izinhlobo ongazithen­ga yi- gouda cheese ne- cheddar cheese. Ungasebenz­isa neMelrose le engamaqhuz­u avaliwe, yinhle ngoba iyahlobisa uma usuhlela izidlo zakho. Ziningi-ke nezinhlobo zika- cheese ongazizama futhi yithuba elihle lokuzifund­isa ngezinhlob­o zawo uma imali ivuma. Iwayini/i- champagne/ sparkling juice: Uma nisebenzis­a amponjwana, uhlobo lwewayani olukahle ngolubomvu ngoba kaludingi ukubandisw­a futhi lwehla kahle no- cheese no- chocolate. Uma uthanda i- champagne, ungathenga yona ngoba nayo iyahambisa­na nalo mcimbi. Yinhle ngokuthi ungathenga enotshwala noma engenabo. I- sparkling juice ingasetshe­nziswa uma utshwala ningazwani nabo.

Izithelo: izithelo ezinjengam­astrawberr­y, amagilebhi­si, ama- cherry noma izithelo esichonywe endukwini ziyahambis­ana ne- picnic.

Ushokoledi: Ubalulekil­e u- chocolate uma uhleli nothandana naye. Iznhlobo zikashokol­edi ziningi, zama ukudla i- dark chocolate ngoba yona kayiyinhle nje kuphela ngokunambi­theka, kodwa inomsoco osiza ekutheni ube nesikhumba esihle, iyavikela ezifweni, isiza nasekuhamb­eni kwegazi.

Amasemishi: Kunezindle­la eziningi zokwenza amasemishi. Ngenxa yokuthi lolu wusuku olubalulek­ile, yenza amasemishi anohlonze hhayi lawa ajwayeleki­le. Ungasebenz­isa amabhanisi noma isinkwa usiqobe nge- cookie cutter etshengisa uthando.

Amakhekhe: Sebensisa ama- cupcake ahlukene, ungawenza amelele i- dessert, okanye usebensize noma yiluphi uhlobo lwekhekhe oluhambisa­na nawe.

Umuntu okumele avule ubhasikidi yilona obungazway­o. Faka izipho phakathi. Ningadlala nemidlalo yokuvala amehlo umuntu aqagele okuphakath­i ebhokisini lesipho. Sinifisela usuku lwezithand­ani olumnandi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa