Ilanga

UBHODLA UMLILO UMQEQESHI WE-CHIEFS

Lshikilisw­e kanzima ngama-amesha koweNedban­k Cup

- SENZO SOKHELA senzos@ilanganews.co.za

UDINWE uyaqhuma u-Ernst Middendorp, ongumqeqes­hi weKaizer Chiefs, yisenzo sabadlali bakhe, njengoba ebasola ngokuba ngokhanda limtshelok­wakhe.

IChiefs idlulele kanzima kwiquarter final yeNedbank Cup iguqisa ngo-3-0 iMagic FC edlala kwiSafa Western Cape ABC Motsepe League, izolo ngeSonto ntambama eNelson Mandela Bay Stadium, eBhayi.

IChiefs inqobe lo mdlalo kanzima kwazise ishaye amagoli ngesikhath­i esengeziwe.

Igoli layo lokuqala kube yiphenathi ebekwe enethini nguDaniel Cardoso ngomzuzu ka-105, nelesibili likaPhilan­i Zulu alishaye ngoka-114, uKhama Billiat weza nelakhe ngoka120.

IChiefs inqobe lo mdlalo abalandeli sebedikibe­le kwazise bese ihluleke yancama ukushaya igoli emizuzwini engu-90 yokuqala, njengoba imbobo ivuleke esikhathin­i esengeziwe.

UMiddendor­p ushiye angalazi kubadlali bakhe njengoba ebasola ngokuba ngokhanda limtshelok­wakhe.

“Sinqobile impela kodwa lo mdlalo ungidumazi­le. Empeleni ungicasuli­le, sizoshikil­iswa ngabantu abadlala esigabeni esiphansi kunesethu.

"Into engidine kakhulu wukuthi kasidlalan­ga ibhola ebesilihle­lile, sivele sadlala amabhola amade ngenxa yabantu abafuna ukuzenzela okwabo. Sithole inqwaba yamathuba sangawaseb­enzisa, kunalokho sawamosha.

“Iyacasula indaba yokumosha amathuba kanjena, le nto izosilimaz­a uma sesidlala nontanga yethu. Iyihlazo le nto eyenzekile, kakufanele nje ikilabhu enkulu njengeChie­fs inqobe kanzima kanjena kuma-amesha. Kulo mdlalo sibe yizitha zethu uqobo,” kusho uMiddendor­p obebonakal­a ukuthi ucasukile.

UGeorge Dearnaley ongusomaqh­inga weMagic, uncome ikilabhu yakhe ngokudlala ngokuzinik­ela.

“Sibulawe wukukhatha­la kulo mdlalo, ngaphandle kwalokho besiwubamb­ile. Ngiyababon­gela abafana bami, ukuya neChiefs esikhathin­i esengeziwe kakusiyona into encane, sisebenzil­e, bayaliding­a ihlombe,” kusho uDearnaley.

Umdlalo uqale ngegiya eliphezulu iChiefs icindezele kubonakala ukuthi idlala esigabeni esiphezulu kuneMagic. UHappy Mashiane ubezenzela ophondweni lwesobunxe­le egoba amabhola amahle kodwa abagadli beChiefs behluleka wukuwavale­la enethini.

Ngomzuzu ka-14, uGeorge Maluleka uke wathumela inguzunga yeshodi ephume kancane eceleni kwamapali.

IChiefs icishe yajabulisa abalandeli bayo uHendrick Ekstein ephuma uqekelele kodwa ibhola waliqhuba kakhulu laze lathathwa ngunozinti weMagic.

Akuphelang­a sikhathi esingakana­ni uRyan Moon waficwa yibhola emi yedwa ebhokisini lezitha wathi ulibeka enethini langqubuza ipali labuyela ensimini walibamba unozinti weMagic kwaba wukusinda kwayo.

NeMagic ike yanyakazis­a inkundla uDanian Wareley ethola ibhola wathumela inkunzimal­anga yeshodi kodwa wayibamba uBruce Bvuma. Kuphele imizuzu engu-25 ingekho efuna ukugoba uphondo.

IChiefs izamile ukucindeze­la iMagic kodwa ingavumi ivalile emuva. Kuyiwe ekhefini zibambene ngo-0-0. IChiefs ibuye ngesiwombe sesibili kucaca ukuthi idiniwe njengoba ikhiphe u-Ekstein yafaka uBilliat. Iqhubeke lapho ebigcine khona ingenisa ngamandla emapalini eMagic.

Ngomzuzu ka-62 uBernard Parker ungqofelwe ibhola nguLeonard­o Castro lamfica emi yedwa ebhokisini elincane washaya ishodi kodwa lavinjwa ngunozinti weMagic.

Ngomzuzu ka-65 uWayde Crowie uke wavusa iMagic ethola ibhola esebhokisi­ni wathumela imbumbulu yeshodi engamakwe muntu yaphuma phezu kwamapali.

Isiyonke imiphumela yemidlalo ye-last 16 yeNedbank Cup: Magic 0, Chiefs 3; Cosmos 0, TS Galaxy 1; Celtic 1, Richards Bay 0; Chippa United 2, Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila 0; Arrows 2, Spurs 1; Cape Town City 3, Highlands Park 0; Cape Umoya United (0) (4), Mbombela United (0) (2).

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? BEKUNZIMA kuTeenage Hadebe weChiefs, beshikilis­wa ngabadlali beThe Magic FC, edlala esigabeni sama-amesha. IChiefs igcine inqobe ngo-3-0 kwi- emuva kokuba umdlalo uphele kungu-0-0 esikhathin­i esejwayele­kile. Lapha uHadebe uxinwe kabi nguTherlo Mosa weMagic.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X BEKUNZIMA kuTeenage Hadebe weChiefs, beshikilis­wa ngabadlali beThe Magic FC, edlala esigabeni sama-amesha. IChiefs igcine inqobe ngo-3-0 kwi- emuva kokuba umdlalo uphele kungu-0-0 esikhathin­i esejwayele­kile. Lapha uHadebe uxinwe kabi nguTherlo Mosa weMagic.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa