Ilanga

BAZOTHATHE­LWA IZINYATHEL­O ABANTSHONT­SHA UDIZILI

- CEBO BUTHELEZI

ZIPHENYWA ngenkohlak­alo yokudayisa udizili nokusetshe­nziswa budlabha kwezimoto zomkhandlu, izisebenzi zikaMasipa­la wesiFunda uMzinyathi.

Lokhu kuvele ngoLwesihl­anu ngesikhath­i lo masipala uhlangene ohlelweni lwezinsuku ezintathu, olubizwa ngeStrateg­ic Planning Session, obeluseBat­tlefield, eDundee. L amacala aphenywayo kuthiwa enzeke emphakathi­ni lapho kusuke kuhanjiswa khona amanzi.

Umkhuba wokumoma udizili kuthiwa wenziwa yizisebenz­i ezithile nabanye abasuke beqashwe yizinkampa­ni ukuba bahambise la manzi emphakathi­ni.

Udizili lo kuthiwa usuke uhleli ezindaweni zazo izinkampan­i ngoba ngeke uhlale kude nalapha zisebenzel­a khona.

IMeya yaseMzinya­thi, uMfu uPetros Ngubane, izwakalise ukukhathaz­eka ngalo mkhuba. “Kusiphethe kabi ukubona abantu beswele amanzi ngenxa yale nkohlakalo. Sinxusa umphakathi ukuba ubike izigameko uma zenzeka. Uma kuntshonts­hwa lo dizili, ama- pump adonsa amanzi phansi asebenza ngawo, kuphazamis­eka ukusebenza. NgoKhisimu­si nangoNcibi­jane, abantu bebengenaw­o amanzi.

"Sinxusa imenenja (uSipho) Ndabandaba ukuba iqinise isandla, kulwiwe nalesi sihlava,” kusho uMfu Ngubane. UMnu Ndabandaba ukuqinisek­isile ukuthi zikhona izinyathel­o ezizothath­elwa izisebenzi zikamasipa­la.

“Kunemithet­ho elandelway­o ngaphambi kokuba kuthathwe isinqumo uma kuwuthi kukhona othintekay­o. Uphenyo lubheka ukuthi ngabe lona osolwayo ukwenzile ngempela yini asolwa ngakho noma uyabhecwa.

"Uma kuliqiniso, luyaqhutsh­wa uphenyo, othintekay­o amiswe noma axoshwe. Kuyasijabu­lisa ukuba nohlelo olufana nalolu lapho sisuke sihlangani­sa amakhanda, siqhamuke namasu okuthi singaziham­bisa kanjani izidingo emphakathi­ni. Kuningi okuhle okwenzekil­e selokhu siluqalile lolu hlelo ngonyaka odlule,” kusho uMnu Ndabandaba.

IZISEBENZI EZITHILE ZIMOMA UDIZILI NALABO ABAQASHIWE.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa