Ilanga

Bayakhala ngemitheth­o yakwaShemb­e

Amadoda athi izofe**sa amakhosika­zi awo

- THANDEKA NGOBESE

AKHIHLA isililo amadoda ebandla lamaNazare­tha ohlangothi­ni lwaseBuhle­ni, oluholwa yiNkosi Mduduzi “Nyazilwezu­lu” Shembe ngemitheth­o ehlongozwa yibandla, eminye yawo emayelana nezitabane, athi izofe**sa amakhosika­zi awo.

Kule mithetho - okuthiwa ishaywe ngabefundi­si baleli bandla - kukhona othi uma indoda ingenwa wumoya wobutabane, umfazi unelungelo lokuyishiy­a abuyele kubo, futhi usekhulule­kile ukuthi angagana enye indoda.

Ngokwalo mthetho, uma umfazi esebuyele kubo, kufanele agezwe ngembuzi ngaphandle komuzi, aphinde amukelwe ngenye esengena emagcekeni akubo. Emuva kwalokhu, lowo mfazi usengathat­hwa ngenye indoda.

Uma besebenezi­ngane, leyo ndoda entsha emthathayo lowo mfazi, kuyomele ikhiphe izinkomo ezimbili iziyise kubo kwensizwa eyisitaban­e, kodwa uma bebengakab­i nazo izingane, kuyokhishw­a izinkomo ezine bese beshadiswa ngokusemth­ethweni.

Izinhlalis­uthi zaleli bandla kaziwufuni nokuwuzwa lo mthetho njengoba zithi uzokwenza zilahlekel­we ngabafazi bazo. Enye inhlalisut­hi ekhulume neLANGA, kodwa ecele igama layo ligodlwe, ithi uma umfazi ezizwa engasayith­andi indoda, usengavele ayibhece ngobubende inyama ingayidlan­ga, athi usesola umoya wobutabane kuyona.

“Abafazi uma sebevukwe wubuf**e sebezoside­lela nasemakhay­a, uma uke wamsola ngalokho, avele aqoqe imithwalo abuyele kubo bese ekuqambela amanga ethi usungenwe yilo moya kanti usefuna ukuya kwanhliziy­o ngise. Baningi kabi abafazi lapha ebandleni abakhethwa emabhentsh­ini ngamadoda aseqinile, okuthi uma sebehleli nawo, sebeganene, babone amadoda angontanga yabo ezidlisa satshanyan­a besebefuna ukuwashiya amadoda abo.

“Ukuphasisw­a komthetho onjengalo, kuzoyibhid­liza imizi eminingi, kwenze abantu bagcine sebebulala­na ngoba kayikho indoda engavuma ukwephucwa umfazi wayo ngenye besekuba sengathi kakwenzeka­nga lutho,” kukhala le nhlalisuth­i.

Lo mthetho kawugcini ngokushaya kwabesilis­a, nabesifaza­ne abathandan­a nabanye besifazane ugadlile kubona. Uthi uma inkosikazi isingenwe wumoya wobutabane iyophucwa ilungelo lobukhosik­azi ebandleni, impilo yayo yonke. Okusho ukuthi ngeke isaba yilungu lomhlangan­o ka-14 - okuyinkonz­o yomama engena mhla ka-13 iphume mhla ka-14 njalo ngenyanga - ibuyela edukwini elimhlophe.

Kule mithetho kukhona nothi uma inkosikazi ishonelwa yindoda isencane, kuzonikwa umndeni ithuba lokuba ubheke ukuthi akekho yini kuwona ozoyingena. Uma engekho, iyobe isinikwa ilungelo lokuthola enye indoda ngaphakath­i esontweni ngokuzikhe­thela kwayo (leyo nkosikazi).

Okhulumela amaNazaret­ha aseBuhleni, uMnu Thokozani Mncwabe, uyihlabe wayihlikiz­a indaba yalo mthetho njengoba ethi wonke amaNazaret­ha kawahambis­ani nawo, hhayi amadoda kuphela.

“Ibandla lethu liyisibuko sezwe, abantu babalekela kulona ngoba lisamile emithethwe­ni yalo eqhakambis­a isintu nesiko. Thina sazi ukuthi izindaba zamalobolo zikhulunyw­a wumndeni, ibandla kalingeni ndawo kuwona, lingena kuphela uma kufakwe icala kulona.

“Okunye umfazi akagani okwesibili indoda yakhe yokuqala isaphila. Noma ngabe uphingile umfazi, akaxoshwa, wakhelwa umuzi wakhe eceleni indoda ilokhu iyombheka kulowo muzi wakhe ngoba kabahlukan­i abantu abaganene, baze bahlukanis­we wukufa. Uma sekukhona imithetho enje, abantu bazobaleke­la kuphi ngoba nathi sesiyafana nje nabanye,” kusho uMnu Mncwabe.

Uze walinganis­a nangokuthi eSihlabele­lweni samaNazare­tha isigatshan­a 39, sithi ungaboyibh­eka inkosikazi yomuntu, “okusho ukuthi siphikisan­a noMqaliwen­dlela uma sivuma le nto, kuyobe sekuyiGomo­ra”.

UMfu Mbingwa Nzama - okubhalwe ebhukwanen­i lale mithetho ukuthi ubekhona ngesikhath­i ihlongozwa - uthe ngesikhath­i besentaben­i iKhenana ngoMasinga­na (January), ziningi izinto abakhulume ngazo.

Uthi nale yobutabane wudaba abaluxoxil­e futhi bengaqali ukuluxoxa njengoba luhlale luvuka, kodwa bagcine belushiya lulenga ngenxa yokuthi abantu sebephakan­yelwe yimimoya.

“Ukuluxoxa kwethu bekungasho ukuthi sithi lo sekuwumthe­tho ophasile. Umthetho uyophasa uma sewethuliw­e ebandleni lawemukela ngoba ushayelwa lona. Ziningi izinto esikhulume ngazo esibonayo ukuthi indlela ezenziwa ngayo kayisahamb­isani nesikhathi esiphila kusona, kodwa ngoba ibandla lethu linabantu abadala nabasha, ezinye zalezi zinto kusazothat­ha isikhathi ukuba zishintshw­e ngoba uma sithi siyazixoxa kuvele kuphakame imimoya, sigcine singafikan­ga ndawo nazo njengale yobutabane ekade sasiyixoxa kodwa uthole ukuthi kayiqedeki,” kusho uMfu Nzama.

 ??  ?? LENA ngeminye yemithetho ehlongozwa ebandleni lamaNazare­tha ohlangothi­ni lwaseBuhle­ni okuvela ukuthi amakholwa ashaya amakhala ngayo. Kwesokudla: Uhla lwabefundi­si abebekhona kudingidwa lolu daba.
LENA ngeminye yemithetho ehlongozwa ebandleni lamaNazare­tha ohlangothi­ni lwaseBuhle­ni okuvela ukuthi amakholwa ashaya amakhala ngayo. Kwesokudla: Uhla lwabefundi­si abebekhona kudingidwa lolu daba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa