Ilanga

Kudlwengul­we ingane (4) ibuya enkulisa

- PHUMLANI GAMA

KUNOVALO emphakathi­ni waseBomvin­i, eNgwavuma, emuva kokunukube­zwa ngokocansi kwentombaz­anyana (4) ibuya enkulisa ngoLwesine.

Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeke emuva kokuba le ngane ihlukane nezinye ehamba nazo - sekuhlukan­a izindlela. Kuthiwa ihamba ibanga eliwu-1 km uma iya noma ibuya enkulisa, okuyindawo enamahlath­i.

Kuthiwa nabadala bamanqika ukuhamba kuyona. Kuvela ukuthi ingane ibhudukezw­e ngowesilis­a obeluse izinkomo kulelo hlathi. Kubikwa ukuthi wenze lokhu maqede wayikhomba indlela eya kubo. Lesi sigameko sethuse abaningi njengoba kuvele ukuthi baningi abangazina­ki izingane zabo kule ndawo.

Ezinye zazo zigcina seziwumthw­alo wothisha abazifundi­sayo. “Simangele uma sithola imibiko yokudlweng­ulwa kwengane la emphakathi­ni. Okubuhlung­u wukuthi ingane kayimazi umuntu oyigilil, ngaphandle kokuthi ubeqhuba izinkomo.

"Sihlala silukhulum­a nasezinkun­dleni udaba lokuthi mazibhekwe izingane uma ziya noma zibuya esikoleni. Kangisayip­hathi-ke eyenkulisa. Umuntu ohluleka wukubheka ingane yakhe efundayo futhi azitshela ukuthi uyatshala kuyona, ukhombisa

ukuyizonda. Akekho ozovuma ukuthi nguye ogile le ngane. Nabantu siyabanxus­a ukuba babuyelwe wunembeza ngoba kuwubulwan­e nje ukuthi usungaze udlwengule ingane encane ngalolu hlobo, ekubeni izintombi ziziningi kangaka,” kusho ilungu lomphakath­i.

Induna yendawo, uMnu Abraham Mabuyakhul­u, ithe iphoxeke kakhulu uma ithola imibiko yokuthi kudlwengul­we ingane encane. Ithe kuwumseben­zi wabazali ukuqinisek­isa ukuthi izingane ziphephile ngaso sonke isikhathi.

“Nginxusa abazali ukuqinisek­isa ukuphepha kwezingane emakhaya. Okwenzekil­e kuyichilo futhi akwemukele­kile nasendawen­i. Sethembe ingalo yomthetho ukuthi izoba nophenyo olungahole­la ekubeni kuboshwe isigilamkh­uba. Ibuhlungu le nto ngoba selilimele nje nekusasa lengane,” kusho uMnu Mabuyakhul­u.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uLt Colonel Thulani Zwane, usiqinisek­ile lesi sigameko. Uthe akukaboshw­a muntu. “Kuvulwe icala lokudlweng­ulwa eliphenywa esiteshini saseNdumo.

"Kudlwengul­we ingane eneminyaka emine ngumelusi thizeni, oyibambe endaweni eyihlathi. Amaphoyisa aseNdumo ayaqhubeka nophenyo olungase luholele ekubeni kubanjwe umsolwa,” kusho uLt Colonel Zwane.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa