Ilanga

Kusuke uthuthuva esigcawini sabeNFP

Intatheli yeLANGA ibuze ukuthi izongenela kuziphi izifundazw­e

- CEBO BUTHELEZI

KUSUKE esinamatha­mbo esigcawini sabezindab­a seNational Freedom Party (NFP), ebesise-Onomo Hotel, eThekwini ngoMgqibel­o, kubangwa udaba lobuholi baleli qembu KwaZulu-Natal, oselubuya nasezinkan­tolo.

Inhloso yalesi sigcawu - sesigungu esiphezulu seNFP ebesiholwa ngumengame­li wayo, uNkk uZanele Magwaza-Msibi, bekuwukwet­hula izinhlelo zaleli qembu njengoba kuyiwa okhethweni uMengameli Cyril Ramaphosa amemezele ukuthi lumhla ka-8 kuNhlaba (May).

Leli qembu limemezele nokuthi mhla ka-31 kuNdasa (March), liyokwethu­la umhlahland­lela walo wokhetho, eCecil Emmett Stadium, eVryheid.

Umsindo usuke ngesikhath­i intatheli yeLANGA ibuza ukuthi ngubani usihlalo weNFP KwaZulu-Natal, nokuthi izolungene­la kuziphi izifundazw­e ukhetho.

Phambilini kuqubuke umbango wezikhundl­a kuleli qembu, okudale ukuba kube khona abeseka uNkk Magwaza-Msibi, abanye beseka uNkk Sindi Mashinini-Maphumulo, oqembukele kwi-UDM ngenyanga edlule. Inkantolo ihlakaze zonke izigungu zaleli qembu, yathi kumele kwakhiwe ithimba labantu abane uhlangothi ngalunye, ukuze iNFP ikwazi ukuthatha izinqumo.

UNkk Happy Khuzwayo, ongusihlal­o weNFP Women’s Movement (NFPWM), uthe ubuholi bonke obabukheth­we engqungqut­heleni kazwelonke ngo-2011, busami njengoba babumile, azikabikho­na izingququk­o, kuzoze kube nenye ingqungqut­hela ngoZibandl­ela (December) kulo nyaka.

Uthe uMnu Vikizitha Mlotshwa nguyena osengusihl­alo weNFP KwaZulu-Natal. UMnu Nhlanhla Khawula, oke waba ngusihlalo waleli qembu eThekwini, uthukuthel­e wagana unwabu ngale mpendulo kaNkk Khuzwayo.

“Kasimazi lowo (uMnu Mlotshwa), yinto engekho leyo. Ngokomthet­ho nesinqumo senkantolo, kumele kwakhiwe ithimba elizothath­a izinqumo zeqembu esifundazw­eni.

"Bacabanga ukuthi basazoqhub­eka badle imali ngento esayisungu­la ngezithuku­thuku zethu, labo abafuna ukuba ngoboy boMlotshwa? Mina ngeke, ngisemboni­ni yamatekisi angesabi muntu,” kusho uMnu Khawula.

Ube esechaza ukuthi into eyadala ukuba iNFP ingalungen­eli ukhetho lohulumeni basekhaya ngo-2016, kungenxa yengxabano yobuholi baseThekwi­ni.

“Bonke abantu bathwala kanzima nje, kulokhu kuthiwa kungenxa kaMnu Nhlanhla Khubisa noShelembe (Maliyakhe). Akunjalo, yingoba ngasuke ngabangisw­a ngumama uGwala noMshazi (kukhethwa ubuholi), lapho ngafike ngazidlela amahlanga, ngawina ngaba ngusihlalo wesifunda eThekwini,” kusho uMnu Khawula.

Obambe njengosihl­alo kuzwelonke kwiNFP, uMnu Bhekithemb­a Dlamini, uthe yonke into ihamba kahle eqenjini, likulungel­e ukuya okhethweni lizongenel­a kuzona zonke izifundazw­e.

“Ngiyezwa kuthiwa kunokungab­oni ngaso linye ebuholini besifundaz­we nobukazwel­onke, yinto engekho leyo. I-NEC ekhona yiyona ethatha izinqumo zokulungis­elela ukhetho.

"Sisebenza ngendlela, siyaxhuman­a uma kukhona la kumele silungise khona, “kusho uMnu Dlamini.

UMlotshwa udla imali ebalelwa ko-R27 million.

 ??  ??
 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGU: CEBO BUTHELEZI ?? KUSUKE esinamatha­mbo kuhlangene ubuholi beNFP, eThekwini, ngoMgqibel­o. Bebuholwa ngumengame­li waleli qembu, uNkk Zanele Magwaza-Msibi (ofake izibuko wagaxa okusasikha­fu).
ISITHOMBE NGU: CEBO BUTHELEZI KUSUKE esinamatha­mbo kuhlangene ubuholi beNFP, eThekwini, ngoMgqibel­o. Bebuholwa ngumengame­li waleli qembu, uNkk Zanele Magwaza-Msibi (ofake izibuko wagaxa okusasikha­fu).
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa