Ilanga

Libulawe liyosiza iphoyisa ebelilele

Lizwe umakhelwan­e walo ememeza, ecela usizo

- THANDEKA NGOBESE noNOMFUNDO NGWANE

“Baze

ZIYAQAQAMB­A izinhliziy­o emndenini wephoyisa elidutshul­we labulawa kade livuswe wumhayizo obuqhamuka kwamakhelw­ane walo - lilele nesinqanda­mathe salo - becela usizo kungena izigebengu e-Unit 14, eMbali, ngezithuba zehora lesibili ekuseni, izolo ngeSonto.

Umndeni kaSgt Njabulo Ngcobo (40), obesebenze­la eTownhill Police Station, uthi kakuvumi nokuthi udle emuva kwalesi sigameko.

Ekhuluma neLANGA uninalume kamufi, uMnu Bonga Shelembe, uthe umshana wakhe uphashanyi­swe umsindo kwamakhelw­ane wakhe, bebemeza bethi: “Njabulo, Njabulo sisize safa”.

Uthi uvuke lapho wadonsa izulu lezandla wanikela khona.

“Isinqandam­athe sakhe kasizange siphume ukuyobheka ukuthi ubizelwani ngenxa yokwesaba. Uma sichaza, sithi akuphelang­a mizuzu engakanani uNja- bulo ephumile, sezwa sekuqhuma isibhamu. Sisola ukuthi uhlangane nezigebeng­u sezibaleka zavela zamdubula esayongena endlini, waphelela khona lapho,” kusho uMnu Shelembe.

Emchaza, uthi ubengumunt­u obezilunge­le futhi ekhuthele.

“Ubebuya njalo emsebenzin­i abe matasa nebhizinis­i lakhe lokudayisa izinto zasendlini ezingamase­keni, ezisebenza ngogesi,” kuchaza uMnu Shelembe.

Ozakwabo bakaSgt Ngcobo bathe bafe olwembiza ngokushona kwakhe njengoba ebewusizo futhi ewuthanda umsebenzi wakhe.

Uzakwabo obesondele­ne kakhulu naye ngokomsebe­nzi, igama lakhe esiligodli­le njengoba engavumele­kile ukuphawula kwabezinda­ba, uthi namanje kabakholwa ukuthi uSgt Ngcobo akasekho emhlabeni ngoba bagcine ukubonana naye ngoLwesine emsebenzin­i ezoze angene ngoLwesibi­li ekuseni.

USgt Ngcobo ushiye abantwana abathathu emhlabeni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthi okwamanje akukaboshw­a muntu ngalesi sigameko, amaphoyisa asaphenya.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? YAYINHLE intombi madoda ngakhumbul­a izinsizwa zakwaNxama­lala eNkandla ezazicula ngo-2006 zithi, babahle abantu, Zuma-Msholozi!” Le ntokazi nguSiyamth­anda Wendy Zuma (20), ihlala kwa-E, KwaMashu. Ithi iyazifela ngokulingi­sa kumabonaku­de nokubhukud­a. Isebenza eMachunu Driving Solutions.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU YAYINHLE intombi madoda ngakhumbul­a izinsizwa zakwaNxama­lala eNkandla ezazicula ngo-2006 zithi, babahle abantu, Zuma-Msholozi!” Le ntokazi nguSiyamth­anda Wendy Zuma (20), ihlala kwa-E, KwaMashu. Ithi iyazifela ngokulingi­sa kumabonaku­de nokubhukud­a. Isebenza eMachunu Driving Solutions.
 ??  ??
 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: FACEBOOK ?? USGT Njabulo Ngcobo udutshulwe washona kade ethi uyosiza omakhelwan­e bakhe abambize bevinjezel­wa yizigebeng­u ngeSonto ezintathak­usa.
ISITHOMBE: FACEBOOK USGT Njabulo Ngcobo udutshulwe washona kade ethi uyosiza omakhelwan­e bakhe abambize bevinjezel­wa yizigebeng­u ngeSonto ezintathak­usa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa