Ukubaluleka kokunakekela amazinyo
UKUBOLA kwamazinyo kujwayelekile kubantu abaningi, lokhu kwenza ukuba amazinyo agcine esenezimbobo ezivulekile.
Le nkinga idalwa ngamagciwane achanasa ngaphakathi emlonyeni, yiziphuzo ezinoshukela nokungawaxubhi amazinyo ngendlela efanele.
Cishe bonke abantu banawo amazinyo abolile, kodwa lokhu kuvame ukwenzeka ezinganeni ngoba zithanda ukudla izinto ezinoshukela omningi.
Ukubola kwamazinyo - yinkinga eyaziwa umhlaba wonke futhi okungathi uma onayo engayinaki, bese isabalalela nakwamanye amazinyo, okugcina kuholela ekubeni ube sezinhlungwini.
Ukuvakashela udokotela wamazinyo nokuxubha ngendlela efanele, kwenza ukuba umuntu avikeleke kule nkinga kwazise idala nephunga elibi emlonyeni. Wukuba buhlungu kwalo; Wukuzwela kwalo; Wukuzwa izinhlungu ezinyweni ngaso sonke isikhathi uma umuntu edla noma ephuza izinto ezinoshukela. Umuntu uke ahlangabezane nokuqaqanjelwa yizinyo uma ephuza izinto ezishisayo noma ezibandayo; Wukunkenketha kwalo njalo uma umuntu eluma into ethile; Wukuba nezimbobo emazinyweni; Wukuvela kwamabala amnyama noma ansundu ezinyweni. Ukudla okubanga ukungcola ( plaque) kuhambisana namagciwane amaningi angadala ukuba amazinyo abole. I- acid ehambisana ne- plaque iqeda ama- mineral asemazinyweni
omuntu, okwenza kugcine sekuvuleka izimbobo kuwona.
Uma izinyo liqhubeka nokubola, igciwane elisemlonyeni lisabalala nemithambo yegazi, okwenza ingaphakathi lezinyo ( pulp) livuvukale.
Yikho lokhu okwenza ukuba umuntu agcine esezwa izinhlungu zezinyo njalo uma edla, eluma noma kungena umoya kulona. Ziningi izinkinga ezingadalwa
wukubola kwamazinyo okubalwa:Ukuhlephuka kwawo; Izinhlungu ezinyweni; Izinkinga zokuhlafuna; Wukuphuma kwamazinyo abo- lile;
Uma ukubola kwenziyo sekusabalale kakhulu, umuntu angaba nezinkinga ezihambisana nalokhu:
Izinhlungu eziphazamisa indlela aphila ngayo, ezingavimbela ukuba umuntu aye esikoleni noma emsebenzini; Wukuncipha emzimbeni; Ukulahlekelwa ngamazinyo, okungeza umuntu angabi nakho ukuzethemba - ngenxa yokungabinawo amazinyo kulezi zindawo ezibonakalayo.
Xubha amazinyo ngomuthi wokuxhuba oyi- fluoride toothpaste ngemuva kokudla.
Ukuxubha amazinyo kabili ngosuku noma njalo uma uqeda ukudla, kuyasiza ekuxosheni amagciwane achanasayo.
Uma ngabe uyahluleka wukuxubha amazinyo uma uqeda ukudla, okungenani zama ukuyakaza umlomo ngamanzi uma usuqedile.
Ziba ukudla okunamathela emazinyweni okubangela ukubola kwawo.
Zijwayeze ukubonana nodokotela wamazinyo kanye noma kabili ride fluo-
Ulwazi ngabe dentalcare.com