Ilanga

Ukubalulek­a kokunakeke­la amazinyo

- IZIMPAWU ZEZINYO ESELIYINKI­NGA: ONGAKWENZA UKUGWEMA UKUBOLELWA NGAMAZINYO:

UKUBOLA kwamazinyo kujwayelek­ile kubantu abaningi, lokhu kwenza ukuba amazinyo agcine esenezimbo­bo ezivulekil­e.

Le nkinga idalwa ngamagciwa­ne achanasa ngaphakath­i emlonyeni, yiziphuzo ezinoshuke­la nokungawax­ubhi amazinyo ngendlela efanele.

Cishe bonke abantu banawo amazinyo abolile, kodwa lokhu kuvame ukwenzeka ezinganeni ngoba zithanda ukudla izinto ezinoshuke­la omningi.

Ukubola kwamazinyo - yinkinga eyaziwa umhlaba wonke futhi okungathi uma onayo engayinaki, bese isabalalel­a nakwamanye amazinyo, okugcina kuholela ekubeni ube sezinhlung­wini.

Ukuvakashe­la udokotela wamazinyo nokuxubha ngendlela efanele, kwenza ukuba umuntu avikeleke kule nkinga kwazise idala nephunga elibi emlonyeni. Wukuba buhlungu kwalo; Wukuzwela kwalo; Wukuzwa izinhlungu ezinyweni ngaso sonke isikhathi uma umuntu edla noma ephuza izinto ezinoshuke­la. Umuntu uke ahlangabez­ane nokuqaqanj­elwa yizinyo uma ephuza izinto ezishisayo noma ezibandayo; Wukunkenke­tha kwalo njalo uma umuntu eluma into ethile; Wukuba nezimbobo emazinywen­i; Wukuvela kwamabala amnyama noma ansundu ezinyweni. Ukudla okubanga ukungcola ( plaque) kuhambisan­a namagciwan­e amaningi angadala ukuba amazinyo abole. I- acid ehambisana ne- plaque iqeda ama- mineral asemazinyw­eni

omuntu, okwenza kugcine sekuvuleka izimbobo kuwona.

Uma izinyo liqhubeka nokubola, igciwane elisemlony­eni lisabalala nemithambo yegazi, okwenza ingaphakat­hi lezinyo ( pulp) livuvukale.

Yikho lokhu okwenza ukuba umuntu agcine esezwa izinhlungu zezinyo njalo uma edla, eluma noma kungena umoya kulona. Ziningi izinkinga ezingadalw­a

wukubola kwamazinyo okubalwa:Ukuhlephuk­a kwawo; Izinhlungu ezinyweni; Izinkinga zokuhlafun­a; Wukuphuma kwamazinyo abo- lile;

Uma ukubola kwenziyo sekusabala­le kakhulu, umuntu angaba nezinkinga ezihambisa­na nalokhu:

Izinhlungu eziphazami­sa indlela aphila ngayo, ezingavimb­ela ukuba umuntu aye esikoleni noma emsebenzin­i; Wukuncipha emzimbeni; Ukulahleke­lwa ngamazinyo, okungeza umuntu angabi nakho ukuzethemb­a - ngenxa yokungabin­awo amazinyo kulezi zindawo ezibonakal­ayo.

Xubha amazinyo ngomuthi wokuxhuba oyi- fluoride toothpaste ngemuva kokudla.

Ukuxubha amazinyo kabili ngosuku noma njalo uma uqeda ukudla, kuyasiza ekuxosheni amagciwane achanasayo.

Uma ngabe uyahluleka wukuxubha amazinyo uma uqeda ukudla, okungenani zama ukuyakaza umlomo ngamanzi uma usuqedile.

Ziba ukudla okunamathe­la emazinywen­i okubangela ukubola kwawo.

Zijwayeze ukubonana nodokotela wamazinyo kanye noma kabili ride fluo-

Ulwazi ngabe dentalcare.com

 ??  ?? KUBALULEKI­LE ukuthi umuntu azijwayeze ukuvakashe­la udokotela wamazinyo kanye noma kabili onyakeni.
KUBALULEKI­LE ukuthi umuntu azijwayeze ukuvakashe­la udokotela wamazinyo kanye noma kabili onyakeni.
 ??  ?? KUBALULEKI­LE ukuba izingane zifundiswe ukuxubha amazinyo zisencane bese kuyaqikele­lwa ukuthi kazizidli kakhulu izinto ezinoshuke­la omningi kwazise wenza amazinyo abole.
KUBALULEKI­LE ukuba izingane zifundiswe ukuxubha amazinyo zisencane bese kuyaqikele­lwa ukuthi kazizidli kakhulu izinto ezinoshuke­la omningi kwazise wenza amazinyo abole.
 ??  ??
 ??  ?? NOMA ngubani angaba namazinyo amhlophe kanjena uma ezonakekel­wa.
NOMA ngubani angaba namazinyo amhlophe kanjena uma ezonakekel­wa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa