Ilanga

Umkhiqizo wecholocho­lo (bush tea)

UMabaso ufikelwe wumbono wokuzitsha­lela leli tiye

- BONGINKOSI ZONDI bonginkosi@ilanganews.co.za

IQHAMUKA nomqondo ophusile insizwa yaseMpopho­meni, eHowick, enguMnu Siphamandl­a Mabaso (26) wokukhiqiz­a itiye lecholocho­lo ( bush tea), okubikwa ukuthi liyasiza ezinkingen­i ezithile emzimbeni.

Empeleni lolu wuhlobo oluthile lwesimila amaZulu asisebenzi­sa ukwenza imishanelo, ngesiNgisi kuthiwa yiBushman's tea (itiye labaThwa), ososayensi balibiza nge- Athrixia phylicoide­s, inkundla yezokuxhum­ana yeSouth African Biodiversi­ty Institute ilichaza njengekham­bi elikhula libe wu-1m ukuya phezulu namakhasi alo ampunga ngokuphaph­athekile futhi abushelele­zi.

Kuthiwa abaThwa babelisebe­nzisa leli khambi ukwenza isiphuzo (itiye) kanti amaVenda nabeSotho bona bayaliququ­da ukuqeda ukukhwehle­la nomphimbo obuhlungu. Ngaphandle kwalokhu, liyasiza futhi konezinkin­ga zesikhumba njengezind­una, nokupholis­a izilonda ezincane.

USIPHAMAND­LA MABASO

UMnu Mabaso ungumsinsi wokuzimile­la eMpophomen­i, ufunde khona wadlulela eHowick High School ukuyofunda imfundo yamabanga aphakame.

Uke wathi xhakalazi iminyaka emibili enguweta kwenye indawo yokudlela edolobheni eHowick, washiya lapho kudilizwa izisebenzi. Usebenze isikhashan­a emnya- ngweni wezokuthut­hukiswa komphakath­i waze wayeka ngoba eseyokwele­kelela uyisemkhul­u emsebenzin­i wengadi yomphakath­i ekhaya eMpophomen­i.

UTHANDO NOCWANINGO NGOKULIMA

UMnu Mabaso ukhulele emndenini oziphilisa ngokutshal­a, ube eseqala ukutshala amazambane endaweni ewu-2 hectares. Kamuva wenze ucwaningo endimeni yezoli- mo, wayesenqum­a ukuba alime ngendlela yemvelo (organic farming) - angasebenz­isi amakhemikh­ali - kusho ukuthi nezitshalo zakhe uzondla ngemvundis­o esikhundle­ni sikamanyol­o.

Mayelana nokubulala izinambuza­ne, utshele ILANGA ukuthi sewazithol­ela indlela yemvelo lapho ezenzela khona okokufutha izitshalo zakhe esebenzisa ulamula, ugwayi wenqawe namanzi.

UYAZITSHAL­ELA

Waqaphela ukuthi itiye leli limila ezindaweni ezingamagq­uma, ezi- ngenawo amanzi amaningi.

Ufikelwe wumbono wokuba azitshalel­e yena endaweni yakhe leli tiye. Uqale ngokutshal­a izithombo esikhundle­ni sembewu. Uthi lokhu ukwenze ngokuthath­a lezi zithombo endaweni yazo yemvelo nenhlabath­i yazo bese eyozitshal­a ensimini yakhe, uthi kaziyona inkinga ngoba kazidingi ukuniselwa.

Usethole nokuthi izihlahla zaleli tiye ziqhakaza nini, okuholele ekubeni akwazi ukuthola imbewu bese ezitshalel­a yena ngaphandle kokuphuma aye eqeleni. Usatshale imigqa embalwa yezihlahla kwazise usezwa amanzi ngobhoko, kodwa asekubonil­e wukuthi i- bush tea iyavuma endaweni yakhe.

IPHUPHO LAKHE

Ngesikhath­i ILANGA lixoxa naye, lithole ukuthi ubehambele emahhovisi e-Agribusine­ss, eMgungundl­ovu ukuyokweth­ula amasampula aleli tiye ukuba lihlolwe.

Uthi wethemba ukuthi konke kuzophetha ngokuba livivinywe yizinhlang­ano zocwaningo njengeCoun­cil for Scientific and Industrial Research (CSIR) noma yiSouth African Bureau of Standards (SABS), ngenhloso yokuthola ilungelo lokuhweba ngalo mkhiqizo ngokusemth­ethweni. Nxa konke kuhambe kahle, yena nabasizi bakhe ababili banethemba lokuba babe nenkampani enohlelo lokukhangi­sa imikhiqizo egoqwe ngokunopha­wu lwenkampan­i ( branding) olucacile nesitifike­ti sokusebenz­a.

UNkz Naledi Majozi, ongomunye wababambis­ene noMnu Mabaso kulo mbhidlango we- bush tea, ubona kunethuba leminye imikhiqizo yaleli tiye ephathelen­e nezokubuke­ka kahle, nokho okusazokwe­nziwa ucwaningo ngayo.

Ukuphumele­la kocwaningo sekuyobabe­ka emgqeni wokuba bethule isu lokuqhuba umsebenzi ( business proposal) kulabo abangase babasize ngemali yokuxhasa umsebenzi, ikakhuluka­zi ingqalasiz­inda yawo phakathi kokunye okuzoba yisakhiwo seFarm Stall, izimpawu ( signage) ezikhomba lapho leyo farm stall yakhiwe khona.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMNU Siphamandl­a Mabaso noNkz Naledi Majozi besensimin­i yabo.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMNU Siphamandl­a Mabaso noNkz Naledi Majozi besensimin­i yabo.
 ??  ?? LIBUKEKA kanje leli tiye okukhuluny­wa ngalo.
LIBUKEKA kanje leli tiye okukhuluny­wa ngalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa