Ilanga

NGOLWE-CHIEFS ECATHAMELA UMBATHA

-

BAPHAWULIL­E nangodaba lwethu lwezemidla­lo okuvela ukuthi iKaizer Chiefs icathamela unozinti weMaZulu FC, uSiyabonga Mbatha. Nansi imibono yabafundi:-

* am S'bonelo Sam Dlamini II: Uyavimba lo bhuti, uyazinikel­a kakhulu. * Priscila Hlongwane: Kungangija­bulisa lokho, kwazise iningi lamaqembu ethu lisebenzis­a onozinti bakwamanye amazwe. * Manzini KaMansele Zungu: Uzolulama uKhune (Itumeleng) akhuhle ibhentshi, kuphele ngaye, ulunge ekumaZulu nje ngokwami. * Njabulo Dumakude: Hhawu, sebefuna AmaZulu aye ehlathini! * Muzi B Ndumo: Bengihalel­a (u-Elvis) Chiphezeze (weBaroka) ngoba ngathi usemcane (uChipezeze oka-1990 kanti uMbatha oka-1989). * Londy Londzz Chemane: Mabamyeke phansi ngoba bayomkhuhl­isa ibhentshi. * Allison Mbhekeni: Bafuna bonke nje abadlali kodwa dololo imiphumela, banomona. * Clifford Nathi James Bukhosini: Hhawu amanga! * Mncwango Buthelezi Zamani: Uyinkinga yena lo mfana, iphenathi akayibheki.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa