OKWENZIWE YIMEYA YASEMKHANYAKUDE KUWUKWEDELELA UBUHOLI
MHLELI: Ubuholi bendabuko buyisisekelo sezinhlaka zokuphila kwesizwe esimpisholo eNingizimu Afrika, selokhu kwathi nhlo. Ngaleyo ndlela akumele abaholi bokumiswa okwesikhashana bazibone sebelingana nobaba besizwe abàtshalwe ngokwendabuko.
Siyayiqonda imizamo kahulumeni yokudlala umacashelana nxa sekukhulunywa udaba lwabaholi bendabuko. Siyazi ukuthi yize izikhulu zombuso wezwe lakithi zifisa ukuzwakala sengathi ziyaluthanda lolu hlaka esidlangaleni, kodwa okusalayo konembeza bazo, ubuholi bomdabu zifisa ukububona bushabalala. Leli yiqiniso elifihlakele.
Nokuba siyakhuluma namuhla ngalolu hlaka, kungenxa yoMntwana waKwaPhindangene (iNkosi Mangosuthu Buthelezi) osewe evuka elwela ubukhona nesithunzi salo.
Siyakuqonda ukuthi konke lokhu kade kubukwa njengenhlekisa.
Akuwona umsebenzi omncane lona okaMathole asewufezile esizweni sonke, ikakhulukazi njengoba abaholi be-ANC bahlale behefuzela emuva kwakhe ngenhloso yokugqiba konke okuyizithukuthuku zakhe. Kuningi okuyisihluku okuhlale kubhekiswe kulo mholi ngezizathu ezingacacile, ngaphandle nje kokuthi izitha zakhe ziphila ngaphansi kwefu 'lengebhe' ngaye, ikakhulukazi ngoba yonke imisebenzi yakhe iyakhazimula ebusweni besizwe, okuyinto eyenza izitha zakhe zilale obenyoni.
Kubuhlungu-ke lokhu osekwenziwa yiMeya yesiFunda saseMkhanyakude, uMhlonishwa Solomon Mkhombo, engikubona kuyisenzo esinokudelela ubuholi bendabuko nxa kuzothi uma ifuna umhlangano womphakathi imane ijombe ontangabayo, eyakhethwa nabo ebukhanseleni ngaphansi kwezihlahla zangakubo, imane iqonde izinduna zesizwe, ithumele zona ukuba zimqoqele abantu. Le nto inokungahloniphi phakathi. Le nto ayenzile lo mhlonishwa ku- ward 18 eMyeki, eMtubatuba, ngesikhathi efuna ngoshova umhlangano womphakathi ngenhloso yokwethula uhlelo lwamanzi nosonkontilaki, ayemukelekile. Thina sazi ukuthi imeya inabafowabo esebenzisana nabo, okuyibona okumele ithumele bona, bese kuthi obaba besizw kucelwe kubona ilungelo lokungena, kodwa hhayi ukuthuma izinduna zesizw sengathi manje seziyizicelankobe!
Le nto kayibukeki kahle, phela kumel sazi ukuthi lokhu kukhethwa ngabantu kakusenzi sibe bakhulu ngaphezulu kwezinhlaka zobuholi bendabuko njengoba bona buhlala bumile njalo.
Kumele sihlale sazi ukuthi akuthina sonke esinogqoko komkhulu, ngakho ku yomele nxa senza izinto sibale amanyathelo, singeqi imikhawulo yenhlonipho.
Le nto kumele ngihlambuluke ngayo kwelokuthi kuyoba kubi uma le meya igweme ikhansela ngezinhloso ezicashil zokuchaphazela ubuholi bendabuko ngobulongwe, kube kanti yona inezinhlo so zokugadla kuzakwabo ngezombusazwe.