Ilanga

OweTheku uqinise isandla kolomhlaba

- Sipho Nzuza IMenenja kaMasipala weTheku

KULIQINISO elingephik­we ukuthi uMasipala weTheku ungomunye wabahamba phambili ekuhlinzek­eni ngezindlu zamahhala nezibiza kancane eNingizimu Afrika.

Kusukela ngo-1994 ziwu-200 000 izindlu esezakhiwe, ezingamakh­aya kubantu abevile ku-1 million. Nakuba isimo semali singesihle, umasipala wethu uyaqhubeka nezinhlelo ezahlukene zezindlu.

Okuhle kakhulu wukuthi uma sizakha lezi zindlu, senza isiqinisek­o sokuthi zinamanzi, ugesi ngokunjalo nezindlu zangasese.

Lo msebenzi wethu omuhle kangaka sewenze ukuba sande isibalo sabantu bakithi abathuthel­eka eThekwini. Iningi labo lidabuka ezindaweni ezisemakha­ya nasezifund­azweni ezahlukene, ukuzofuna impilo engcono namathuba okuziphili­sa.

Iqiniso wukuthi umasipala wethu kawuzukwaz­i ukuhlinzek­a bonke abantu bakithi ngezindlu ngesikhath­i esisodwa. Lokhu sekuholele ekubeni zande izigameko zokudliwa komhlaba, okuyinto engekho emthethwen­i.

Sikhuluma nje, uphiko lwethu umsebenzi walo okuwukulwa nokudliwa komhlaba, phecelezi iLand Invasion Unit, luhlale luthwele kanzima mihla yonke.

NgoMfumfu (October) 2018, lulwe nezigameko zokudliwa komhlaba eziwu-95, ngoLwezi (November ) zibe wu-97 kanti ngoZibandl­ela (December) zibe wu-43. Njalo ngonyaka wemali, lolu phiko luhlinzekw­a ngezigidi zamarandi ukulwa nalesi sihlava.

Yimali lena okufanele ngabe isetshenzi­selwa ezinye izinhlelo zentuthuko ukuba kazikho izigameko zokudliwa komhlaba.

Okusibange­la izinkinga kakhulu, wukuthi kunabaholi bezepoliti­ki nabezinhla­ngano ezingekho ngaphansi kukahulume­ni ababhebhez­ela ukuba kuphulwe umthetho, kuthathwe umhlaba (ngesankahl­u).

Kubuhlungu kakhulu lokhu ngoba laba baholi bayazi ukuthi abantu bakithi badinga umhlaba, bazolalela noma ngubani othi mabaphule umthetho. Sikugxeka kakhulu lokhu ngoba kubanga ukuba kungabi nozinzo kumasipala wethu njengoba sekuyinsak­avukela umchilo wesidwaba ukuthi kube nokubhekan­a ngeziqu zamehlo phakathi kweziseben­zi zethu nalabo abadla umhlaba.

Ngakho sinxenxa bonke abaholi ukuba bangaseben­zisi ukuhluphek­a kwabantu bakithi ngenhloso yokuzuza kwezepolit­iki, kwazise sezihubela sakusha ngokhetho. Lokhu futhi kwakha isithombe esingesihl­e ngomasipal­a, ngokunjalo nezwe lonkana kula- bo okungakube bafisa ukuzotshal­a imali eThekwini. Sicela abaholi bamasonto, abezepolit­iki, abezinhlan­gano ezizimele nabanye ukuba basilekele­le ekubeni abantu bakithi bafundiswe ngobungozi balesi senzo.

Uma singakwenz­i lokhu, ngeke kugcine nje kuba nomthelela omubi kuMasipala weTheku, kodwa sonke sizothola amachaphaz­elo ngoba kuyogcina sekuhambe amabhizini­si amakhulu, kuphele kwayona le misebenzi eyingcosan­a.

Yebo, siyawuqond­a umlando wethu mayelana nodaba lomhlaba, kodwa kubaluleki­le ukuba sinike uhulumeni wethu kuzwelonke ithuba, usihole odabeni lomhlaba. Masilinde kuphele umsebenzi owenziwayo kuzwelonke ukwakha izinhlaka zokuthi umhlaba ugcina wabiwe ngokulinga­nayo.

Uma siqhubeka nokungahlo­niphi izinhlelo zikahulume­ni mayelana nodaba lomhlaba, sizoba nenkinga enkulu kakhulu ngomuso uma kuziwa kwezomnoth­o ngoba iqiniso wukuthi akukho lapho kwake kwasimama khona umnotho lube lungekho uzinzo.

Siwumasipa­la onakekelay­o, kodwa ngenxa yokudlanga kwezigamek­o zokudliwa komhlaba, sinqume ukuthi bajeze kanzima labo abadelela umthetho.

Sizokwenza isiqinisek­o sokuthi izaphulamt­hetho ziyaboshwa, ngeke zigcine nje ngokuba sidilize izakhiwo ezingekho emthethwen­i. Sikhuluma nje bakhona abawu-22 ababoshiwe emuva kwezinye zezigameko ezingekho emthethwen­i zokuzithat­hela umhlaba.

Lokhu kukhomba ngokusobal­a ukuthi itshe seligaya ngomunye umhlathi. Kulabo abanomhlab­a okungakhiw­e lutho kuwona, siyacela ukuba bawubiyele. Ngokomthet­ho, i-Occupation of Land Act 19 ka-1998, kuwumse- benzi womninimhl­aba ukubiyela indawo yakhe.

Uma udliwa umhlaba, umnikazi unelungelo lokuyovula icala besekuthi labo okunobufak­azi bokuthi badle umhlaba, baboshwe. I-Land Invasion Control Branch yamaphoyis­a, iyamlekele­la umninimhla­ba ukuba kususwe okwakhiwe ngokungemt­hetho endaweni yakhe ngalesi sikhathi esafaka isicelo sencwadi yesivimbel­o senkantolo.

Sinxenxa wonke amalungu omphakathi ukuba abike kumasipala uma ebona izinkomba zokuthi kuzodliwa umhlaba. Kunenombol­o yocingo ewu-031 311 4699 ephendulwa imini nobusuku, esicela ukuba umphakathi ushayele kuyona uma kukhona okunuka santungwan­a. Ngokuseben­za ngokubambi­sana singakusip­hula nezimpande zakho lokhu kwephulwa komthetho.

 ??  ?? BAZOPHOSWA esitokisin­i abantu abazigebhu­lela umhlaba ngaphansi kukaMasipa­la weTheku.
BAZOPHOSWA esitokisin­i abantu abazigebhu­lela umhlaba ngaphansi kukaMasipa­la weTheku.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa