Masisike iphethini emazweni ase-Asia nase-Europe
NGELEDLULE kwenzeke izigameko ezimbili ezweni ezikhombisa ukuthi siyizwe elidukuza ebumnyameni, elingekho esimeni sokulungisa izingqinamba ezinkulu esibhekene nazo.
Kunokuba sibhekane ngqo nezinkinga ezisikhungethe, sichitha isikhathi esiningi sikhuluma noma siphikisana ngezinto ezingathi shu. Kakukho nokuncane ukungabaza ukuthi inkiyankiya enkulu kunazo zonke iNingizimu Afrika ebhekene nayo okwamanje, wukuba sengcupheni yokuwa kwenkampani kahulumeni ephehla amandla kagesi, i-Eskom.
Le nkampani ibhekene nezinkinga ezimbili; wukwehluleka ukuphehla amandla kagesi anele ukuphakela izwe nezikweletu ezifikisela ngezinyembezi ezifika ku-R420 billion.
Lesi sikweletu sesisikhulu ngendlela yokuthi le nkampani isiyehluleka wukusikhokha, okusho ukuthi sekufanele sikhokhwe wuhulumeni, usebenzisa imali yabakhokhi bentela. Siyazi sonke ukuthi abantu abenza imisebenzi esezingeni lokuthi bangakwazi ukukhokha intela kuleli lizwe, babalelwa ku-5 million kuphela, ezweni elinabantu ababalelwa ku-55 million.
Yingenxa yesibalo esincane sabakhokhi bentela okudale ukusweleka kwemali yokwenza imisebenzi kahulumeni, kwaphoqa ukuba uhulumeni ukhuphule intela, i- value added tax (VAT) yaya ku-15% ngonyaka odlule.
Ukubuyela esingenisweni sale ngosi, esikhundleni sokuba njengezakhamizi sikhombise ukukhathazeka ngezinkinga ezigabhe i-Eskom, ezizoba nomthelela omubi emnothweni wezwe, ngeledlule udaba obekuxoxwa ngalo ephalamende, emithonjeni yezindaba nasezinkundleni zokuxhumana ( social media), yinkulumo yomholi weCongress of the People (Cope), uMnu Mosiuoa Patrick Lekota, ephalamende, lapho athe khona umengameli wezwe, uMnu Cyril Ramaphosa, wadayisa yena nabanye ozakwabo ababelwela inkululeko kuhulumeni wobandlululo ngeminyaka yo-1970s.
UMnu Lekota uthi yena nozakwabo, batholwa benamacala okuphikisana nohulumeni wobandlululo, bayogqunywa eRobben Island kodwa uMnu Ramaphosa, owayeboshwe nabo ngamacala afanayo, wadedelwa ngoba wabhala incwadi lapho “adayisa” ozakwabo ngokuthi athi yibona abamfundise “imfundisoze yobukhomanisi”.
UMnu Lekota akashongo ukuthi yena wakuzwa ngobani lokhu akushoyo, osekuvuse imibuzo kwabanye yokuthi wakupotshozelwa ngamaphoyisa ayesebenzela uhulumeni wobandlululo.
Okuqeda ithemba ngekusasa leNingizimu Afrika wukuthi inkulumo kaMnu Lekota kube yilona daba olube sematheni ngeledlule, hhayi izinkinga ezinkulu ezibhekene nezwe esikhathini esiphila kusona.
Inkinga yethu wukuthi sichitha isikhathi esiningi, sikhulume size sikhihlize amagwebu ngokwenzeka emandulo, sishalazele izinkinga esibhekene nazo esikhathini samanje.
Yebo, kufanele singawukhohlwa umlando, kodwa lokho kakusho ukuthi kufanele sikhohlwe yizinkinga zanamuhla, sihlale sidingida ukuthi ubani, wenzani kubani eminyakeni edlule.
Okunye okwenzekile ngeledlule, yisiteleka seCosatu lapho le nhlangano ibibhikishela ukudilizwa kwezisebenzi ezinkampanini, esikhathini lapho isimo somnotho sisibi. Bekudlalwa ngabantu lapha ngoba iqiniso wukuthi ukudilizwa kwezisebe- nzi ngeke kumiswe yimibhikisho yezinyunyana.
Ukuveza nje ubuqiniso balokhu, emuva kwesiteleka seCosatu, enye yezimayini zegolide imemezele ukuthi kuzofanele idilize izisebenzi ezibalelwa ku-6 000, ngenxa yokwehla kwentengo yegolide ezimakethe zomhlaba. Ikhipha lesi sitatimende nje, ngonyaka odlule idilize izinkulungwane zezisebenzi ngesizathu esifanayo.
Yizingqinamba ezifuze ukusweleka kwemisebenzi nengwadla ebhekene ne-Eskom, okufanele ngabe yizinto eziseqhulwini ezindabeni ezisematheni kubantu.
Nakhu okufanele sikuqaphele: Iningi lamazwe anqobayo nathuthukayo e-Asia nase-Europe, yilawo akwazi ukuhlala ebheke phambili, alungise okonakele, bese eqhamuka namasu azowasebenzisa okuthuthukisa izakhamizi zawo eminyakeni ezayo.
Kungasisiza kakhulu nathi ukuba sifunde okuthile kula mazwe, kungenjalo, ngeke siye ndawo njengezwe.
Sichitha isikhathi esiningi siphikisana ngezinto ezingathi shu.