Ilanga

LIDALULA OKUBULALA I-CHELSEA ISEKELA LOMQEQESHI

-

UVEZA okubulala iChelsea uGianfranc­o Zola ongumsizi womqeqeshi kule kilabhu ezobhekana neManchest­er United koweFA Cup namuhla ngoMsombul­uko ngo-21h30 eStamford Bridge okuyikomkh­ulu leChelsea.

IChelsea iya kulo mdlalo nje, zisaqaqamb­a izinhliziy­o zabalandel­i bayo njengoba inenebulwe yiManchest­er City ngo-6-0 koweligi emasontwen­i ambalwa edlule.

UMaurizio Sarri ololonga iChelsea, usematheni njengoba izingqaphe­li zebhola zithi makakhonjw­e indlela zizeseka ngokuthi uyehluleka wukumelana neChelsea. UZola uveza inkinga akholwa wukuthi yiyona ebulala iChelsea.

“Indlela esidlala ngayo kayigculis­i neze, into esibulalay­o wukuthi abantu bafuna ukuzigqami­sa ngabodwana, kabafuni ukudlala njengekila­bhu. Ngesikhath­i ngisadlala kule kilabhu besibaba ha ngoba besilekele­lana umuntu ubengafuni ukuzigqami­sa yedwa.

“Kodwa-ke kuzofanele sizame ukubuyisa isithunzi ngalo mdlalo weManchest­er United. Uzokuba nzima ngoba iyavutha ngaphansi komqeqeshi wayo omusha osiqonda kahle isitayela sale kilabhu. Ngethemba ukuthi sizobathob­a amanxeba abalandeli bethu ngaleli hlazo esilithelw­e yiCity,” kusho uZola.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa