Ilanga

LUNGA SOKHELA

-

NGIFISA ukuqala ngokubonge­la AmaJita (SA U/20) ngokuqeda elele endaweni yesithathu kwi-U/20 Africa Cup of Nations ebiseNiger. Okungenza ngiziqheny­e nakakhulu ngempumele­lo yamaJita wukuthi sinabadlal­i ababili kulesi sikwati, uBayanda Shangase noSibusiso Mabiliso.

USbu uvele ujwayele ukuyiqala imidlalo yekilabhu. Ikilabhu imdedele ngeqholo lokuthi izokwazi ukuyibamba engekho ukuze ayothola lesi sipiliyoni esimqoka. Sethemba ukuthi ukudlala kwi-Afcon kuzobaqini­sa ukhakhayi nakakhulu.

Isifiso sami esikhulu ngesokuthi bobabili baqokelwe esikwatini esizodlala kwiNdebe yoMhlaba ka-U/20 ezokuba ngoNhlaba (May) ePoland. Ukudlala ezingeni lomhlaba kuzobavula amehlo ngempilo, kubathuthu­kise ukuba ngabadlali bezinga eliphezulu.

Sengathi bangabuya bephephile eNiger. Sibonga ethimbeni lethu elivundulu­la abadlali nabaqeqesh­i bezinhlaka ezincane ngokubavun­dulula. Sijwayele ukugxeka ubuholi beSafa, kodwa ngibethule­la isigqoko abaholi bayo ngokungalo­khu bephikisan­a nemibono yethu kepha baphendula ngemiseben­zi emihle.

Manje amaqembu esizwe asengenela imiqhudelw­ano emqoka kanobhutsh­uzwayo emhlabeni, aphinde adlale ngendlela esinika ugqozi. Sekumele seseke iBafana Bafana embhidlang­weni wayo wokungena kwi-Afcon njengoba izobhekana neLibya ngenyanga ezayo ekuhambeni.

Uma iBafana yehlulekil­e, kufanele sizinuke amakhwapha thina esingabaph­athi bamakilabh­u ebhola elikhokhel­ayo kwazise yithina esikhiqize­la iBafana abadlali. Kuzomele silwele ukunyusa ibhola esilidlala­yo lifane neligijiny­wa yizingcwet­i zase-Afrika kulo mdlalo. SILINDELE IZITHELO EZINHLE OHAMBWENI LWASESWAZI­LAND

Enye yezindawo ezibalulek­ile esesinobud­lelwano obuhle nayo yiSwazilan­d. Kunomqhude­lwano wokuthuthu­kisa abadlali wakwaBuild-It osusekwe nayiSwazi Federation ukufukula ibhola emazingeni aphansi.

Ithimba lamaZulu lizohambel­a eSwaziland mhla ka-18 kuya ku-22 kuNdasa (March) ukuyohlang­ana nezinhlaka ezimqoka zakhona, kubalwa ukuhambela izitolo nososeshin­i wakhona ukubazisa ngomsebenz­i omuhle owenzekayo khona.

Sizokuba nanemidlal­o emibili emqoka mhla ka-23 nangomhla ka-24 lapho sizobhekan­a khona neManzini Wanderers neMbabane Swallows. Sinxenxa bonke abalandeli abaseduzan­e nale ndawo ukuphuma ngobuningi bazoseseka. Ithimba lethu lezokuxhum­ana lizonazisa ngokuqhube­kayo.

SIZOHAMBEL­A EZITOLO ZAKWASPAR NGAPHAMBI KOMDLALO NEPIRATES

NgoMgqibel­o sizokuba nomdlalo obucayi ne-Orlando Pirates eGoli. Lona wumdlalo wamakilabh­u amadala futhi anomlando onothile kwiPSL. Muva nje la makilabhu asevuselel­e ukuba yizimbangi okwenza kusiphuke izidindi nxa ebhekene. Njengoba sekubhekwe ekusongwen­i kwesizini, imiphumela yayo yonke imidlalo seyimqoka ngokwedlul­ele.

Ngaphambi kwalo mdlalo, sizovakash­ela ezitolo ezimbili ezinkulu zakwaSpar eziseGoli. Uxhaso esiluthola kwaSpar lukhulu ngokubabaz­ekayo okwenza sibe nesibopho sokuhambel­a lapho kukhona imikhiqizo yabo kulo lonke elakuleli. Simagange ukuhlangan­a nezisebenz­i zakwaSpar nabo bonke abayingxen­ye yalesi sikhondlak­hondla sale nkampani.

Sinethemba lokuthi izisebenza zakwaSpar ngokuhlang­ana nabalandel­i bethu baseGoli bazothuthe­leka ngezinkani ukuzosesek­a sesibheken­e nePirates esizimisel­e ngokuyigij­imisa kanzima. Sinxusa abalandeli baKwaZulu-Natal nakwezinye izifundazw­e ukuba nabo bazoseseka.

IYANGICIKA INDABA YONDLAVINI BABALANDEL­I

Ngeledlule ngiphoxeke kakhulu sithukwa yingxenyan­a yabalandel­i emuva komdlalo neCape Town City. Emhlanganw­eni wethu odlule nganxenxwa ukuba ngilinde izinhlaka zabalandel­i kube yizona ezibhekana nezixhwang­uxhwangu emidlalwen­i.

Nakuba seliphelil­e isonto kwenzeke lesi sigameko kodwa kangikawut­holi umbiko ngesinyath­elo esithathel­we owesifazan­e ochapha inhlamba ehlasimuli­sa umzimba emidlalwen­i yethu. Okubuhlung­u wukuthi usemncane kodwa ukubona kuyinto enhle ukuthuka abantu besilisa abadala kunaye.

Uma ozihlalo bamaziko behluleka ukubhekana nalesi simo, nakimina kunzima ukuluxazul­ula. Kubukeka ngizophoqe­leka ukuqhubeka nokumisa abalandeli abangaziph­athi kahle emidlalwen­i kwazise abakwenzay­o kudicilela phansi ikilabhu.

Empeleni kuyangicas­ula ukuthi ngaso sonke isikhathi kumele ngikhulume into eyodwa kule ngosi. Ngeke ngikuvumel­e ukuxhashaz­wa kwabadlali bekilabhu, abaqeqeshi nezikhulu ekubeni bezinikela emsebenzin­i wabo.

Ngiyacela ozihlalo babalandel­i ukuba basilungis­e ngokukhulu ukushesha lesi simo njengoba kwavunyelw­ana ngalokho emhlanganw­eni odlule kwazise inqola seyibukeka seyiphumil­e impela esipolweni!

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa