Ilanga

IGCOKAMA LIBHOBOKA NGEYASEMAB­HIDA

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

KUPHAMBENE ukukhuluma ngezinkulu­mo ezithi isilomo sikamasika­ndi, uMthandeni “iGcokama Elisha" Manqele okuthiwa sesizoba yingxenye ye#Gcwalisa iMabhida Masikandi Concert, ehlelwa yiNdlamlen­ze Developmen­t Foundation, kaKhuzani "Ndlamlenze" Mpungose - ezokuba mhla ka-30 kuNdasa (March), eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Engxoxweni yalo

neLANGA, iGcokama liphike lalala ngomhlane ukuthi selivumile ukuthi lizoba yingxenye yalo mcimbi. Lithe kukhulunyw­a iphutha ngegama lalo. Liveze ukuthi uma "i-ANC" ifuna ukuliqasha kulo mcimbi waseMabhid­a, izokwenza lokho ngaphandle kokuba kukhulunyw­e izinto ezingelona iqiniso ngalo.

“UKhongolos­e uzoxhumana nami uma ungidinga kulo mcimbi wawo. Akekho ngisho noyedwa umuntu oxhumane nami. Mhlawumbe lokhu abakukhulu­mayo kuyizifiso nje zokuba ngibe khona emcimbini.

"Ngiyezwa nje kuthiwa kunomcimbi, kodwa kazikho izingxoxo esike sazenza nabathile,” kusho iGcokama. Libuza ILANGA ukuthi kungani ethi ulindele ucingo oluvela kuKhongolo­se, uthe yena wazi ukuthi lo mcimbi ngowe-ANC ngoba yiyona ephambili kuwona.

“Ngiyafisa umcimbi wabo ube yimpumelel­o ngoba kangiyena umuntu onenhliziy­o embi futhi kangikaze ngiphawule ngisho kabi ngawo. Abantu mabazimele entweni yabo, bangafaki igama lami njengoba nami ngazimela kowami umcimbi ngonyaka odlule,” kusho yena.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a, bese kuvunyelwe­ne neGcokama ukuthi nalo seliyingxe­nye yalo mcimbi, kwazise bese kunezinkul­umo zokuthi kalifuni ukuzibanda­kanya nawo njengoba (umcimbi) uhlelwa yinsizwa elingcweka nayo kakhulu, uKhuzani.

Ngakolunye uhlangothi, iNdlamlenz­e Developmen­t Foundation ikhiphe isitatimen­de esiqinisek­isa ukuthi iGcokama lizobe linandisa kulo mcimbi.

Umqondisi wawo, uMnu Mthokozisi Zuma, uthe lo mcimbi ngowokwakh­a ubumbano kubaculi. “IGcokama Elisha lizoshiyel­ana inkundla noKhuzani esiteji nabanye abaculi bolunye uhlobo lomculo.

"Siyakuqini­sekisa ukuthi uMthandeni uyingxenye yalo mcimbi ngalolu suku,” kusho uMnu Zuma.

Kulo mcimbi kuboshelwe uMfiliseni Magubane, uShwi noMtekhala, iHhashi Elimhlophe, uPhuzekhem­isi, Izingane Zoma, Imithente, uThokozani Langa, Amageza Amahle, uMajotha, iMfezemnya­ma, uJaivazimn­ike, oSaziwayo, Ama-SAP, uQhosha, uMalahle, uStayela, uNjoko, uMntuyenzi­wa, uDumakahle, iNkosi Yamagcokam­a, iThwasa LeNdidane, Ichwane Lebhaca, Nyonemhlop­he, Bahubhe, iThwasa Lekhansela, uBuselaphi, uZanefa Ngidi, uBonakele, uFalabo, uMfanie, Amangcukum­ane, uMnikezwa, uSgabiso, uDulasi, uMabhilidi, uSgwebo Sentambo, uMroza, uMgojeli, uMdumazi, Abafana bakaMgqume­ni, uMzukulu, uMzukulu kaSdwedwe nabanye abaniningi.

 ??  ?? ISIHLABANI somculi kamasikand­i, uMthandeni “iGcokama Elisha” Manqele siphumela obala ngomcimbi kaKhuzani Mpungose.
ISIHLABANI somculi kamasikand­i, uMthandeni “iGcokama Elisha” Manqele siphumela obala ngomcimbi kaKhuzani Mpungose.
 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? ISILOMO somculi kamasikand­i, uMthandeni “iGcokama Elisha” Manqele.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ISILOMO somculi kamasikand­i, uMthandeni “iGcokama Elisha” Manqele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa