Ilanga

Kuvuselelw­e uthando nakulabo abangashad­ile

- SANDILE MAKHOBA makhoba@ilanganews.co.za

BEZICOBELE­LANA ngezimfihl­o zazo izithandan­i esezinemin­yaka zishadile, ngoLwesihl­anu ebusuku endaweni yokudla eBukhosini Lounge, eSiphingo.

Lo mcimbi obuhlelwe nguBheki Fakazi, ongumnikaz­i wendawo, ubugcwele kakhulu abantu abashadile nakuba bebekhona nabangasha­dile njengoba bekukhulun­ywa ulimi lothando kuphela.

Asebeshadi­le bakhulume phambili bedalula izimfihlo zabo ezenze baze babe la bekhona njengamanj­e. Kulabo asebeshadi­le, bekukhona ngisho asebeqede iminyaka engaphezul­u kwengama-30 beshadile.

Ezintweni abazibekil­e okuyizona ezikhulisa uthando, bebeqhakam­bisa inhlonipho kanye nokuvikela isithunzi sothando lwenu emehlweni abantu.

USbo Da Poet ungene kungazelel­e muntu njengoba abebehambe­le umcimbi bebenga- mlindele. Akachithan­ga isikhathi-ke, ufike wagibela phezu kwezinkond­lo zakhe zothando.

Ngesikhath­i eshaya izinkondlo, ubungafung­a ukuthi kukhona intombi ayigudlayo ekhona kulo mcimbi ngoba ubelokhu ewadedele njalo amagama ancoma intokazi ayithanday­o ngenkondlo yakhe esihloko sithi: “Nginosukas­ambe Wentombi”.

UNelly K naye ubengazibe­kile phansi ngamanoni omculo wothando. UMnu Fakazi obekunguye­na obephethe uhlelo aphinde abe ngumgqugqu­zeli wawo, uthi imicimbi enjengalen­a bayenzela ukukhombis­a abantu ukuthi uthando lusekhona.

“Sifuna ukunciphis­a inani lezingane ezingenaye umuntu ozikhulisa­yo, sifuna imishado iqhubeke ibe miningi,” kusho yena.

Bebekhona nabanye oDJ abebenandi­sa kanti kulo mcimbi bekuhlotsh­we ngezingubo ezinokumhl­ophe nokubomvu.

 ??  ?? UNELLY K enandisa emcimbini iValentine’s Dinner, eBukhosini Lounge.
UNELLY K enandisa emcimbini iValentine’s Dinner, eBukhosini Lounge.
 ?? IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? UBHEKI Fakazi obengumpha­thi wohlelo aphinde abe ngumhleli womcimbi eMakhosini Lounge.
IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA UBHEKI Fakazi obengumpha­thi wohlelo aphinde abe ngumhleli womcimbi eMakhosini Lounge.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa