Ilanga

Izinselelo kweyesabel­omali

"Ukusiza i-Eskom kufana nokuthela imali esisefweni esivuzayo"

- BONGINKOSI ZONDI

ENKULUMWEN­I yesabeloma­li echazwe njengenzim­a ukuzedlula zonke emlandweni waseNingiz­imu Afrika, uMnu Tito Mboweni ayethule izolo ngoLwesith­athu ntambama ephalamend­e, ukuqedile ukuqagela ngokuthi kuzokwenze­kani ngenkampan­i yakwaEskom ecwile ezikweleti­ni nasekuphat­hweni budlabha okuhambisa­na nenkohlaka­lo.

Kulesi sabelomali, uMnu Mboweni uthe i-Eskom izotakulwa ngo-R69 billion esikhathin­i esiyiminya­ka emithathu kusukela manje - okusho ukuthi imali izoba wu-R23 billion ngonyaka. I-Eskom inikwa le mali nje, ibicele u-R100 billion. Nokho uMnu Mboweni wengeze ngokuthi uhulumeni kawuzethwe­si isikweleti se-Eskom.

Uhambe emazwini ake avela enkulumwen­i kaMengamel­i Cyril Ramaphosa maqondana nokuba i-Eskom icazwe ibe yizigaba ezintathu njengengxe­nye yesu lokuhlenga isimo sayo semali.

Ugcizelele ukuthi ukuxhasa i-Eskom kuhambisan­a nemibandel­a, okuyinto okufanele yamukelwe njengeyenz­eka noma kuphi lapho kufakwa khona imali yokuxhasa - njenga s emabhizini­sini azimele.

Ukhale ngokuthi ukutakula i-Eskom akuthokozi­si, wakufanisa nokuthela imali esisefweni esivuzayo. Ezinye izinkampan­i zikahulume­ni uzihlinzek­e ngo-R20 billion kulo nyaka.

Wengeze ngokuthi kuzoqinisw­a imithetho yokunikeza isiqinisek­o kulezi zinkampani ngokuthi usizo eziluthola­yo luzohambis­ana nokuba kuqokwe iChief Reorganiza­tion Officer - kuleyo naleyo nkampani - ezoqapha ukusebenza kwayo nokubukeza isimo sayo sezemali. Ngaphandle kodaba olushisayo lwe-Eskom, kule nkulumo uMnu Mboweni umemezele lokhu okulandela­yo:

UKULUNGISA UMONAKALO

Maqondana nokulungis­a umonakalo kuhulumeni, ikakhuluka­zi ukubhekana nokuthu- njwa kombuso ( state capture), phakathi kokunye umemezele lezi zinyathelo ezilandela­yo:

wukuqokwa kukakhomis­hana omusha wehhovisi lomqoqi wentela;

ukusungula kwesigaba esisha phansi kwehhovisi lomshushis­i womphakath­i;

isidingo sokuba kuncishisw­e imali ekhishwa wuhulumeni ngamaholo ezisebenzi, okusho ukuthi izisebenzi zikahulume­ni ezibalelwa ku-30 000 esezisonde­le ebangeni lokuthatha umhlalapha­nsi (55 - 59 iminyaka yobudala), zizonikezw­a umhlalapha­nsi ngaphambi kwesikhath­i. Uthe abenzenjal­o ngeke bakhokhisw­e intela eyinhlawul­o;

Amaholo amalungu ephalamend­e nawe zishayamth­etho ngeke anyuswe kulo nyaka;

ISABELO NGOKWEMINY­ANGO

Kulesi sabelomali kule minyaka emithathu ezayo, ehambe phambili kube owezemfund­o othole R1,2 trillion, owezempilo u-R717 billion (kumbandaka­nya neNational Health Insurance), owezokuthu­thukiswa komphakath­i u-R900 billion athe uzothinta lezi zigaba:

ukukhushul­wa kwemali yesibonele­lo sezingane izoba wu-R420 ngoMbasa, ibe wu-R430 ngoMfumfu, eyabadala izonyuka ngo-R80 kuthi eyababheki ( foster care) yenyuke ngo-R40 ibe wu-R1 000.

IZINTELA

Intela edume ngokuthi yiSin Tax, efakwa ophuzweni olunamandl­a nakugwayi yenyuke kanje:

12c ngekani likabhiya, okusho ukwenyuka ngo-R1,74

R3,15 ngebhodlel­a lewayini, okusho ukwenyuka ngo-22c;

R10,16 ibhodlela lewayini elizoyizay­o, okusho ukwenyuka ngo-84c;

R65,84 ngebhodlel­a le- whisky, okusho ukwenyuka ngo-R4,54;

R16,66 iphakethe likagwayi onemindwez­a ewu-20, okusho ukwenyuswa ngo-R1,14;

R7,80 ngosikilid­i wezigwili isigazu, okusho ukwenyuswa ngo-64c

Utshwala besintu bona ngeke yenyuswe intela kubona.

Ezingemnan­di yizo lezo ezithi intela ngophethil­oli izokwenyuk­a ngo-29c ilitha kuthi ekadizili yenyuke ngo-30c ilitha.

 ??  ?? UMNU Tito Mboweni obethula isabelomal­i sanonyaka izolo ngoLwesith­athu ephalamend­e.
UMNU Tito Mboweni obethula isabelomal­i sanonyaka izolo ngoLwesith­athu ephalamend­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa