Ilanga

Kungqongqi­swe abalisa abathathu

Basolwa ngokuhluku­meza umphakathi

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

SIMUNCU isimo emphakathi­ni waseMagwav­eni, oThongathi, emuva kokushiswa, kubulawe abantu abathathu abasolwa ngokuhluku­meza umphakathi endaweni.

Kubikwa ukuthi kusukela ngoLwesihl­anu olwedlule, abantu bakule ndawo bashiya amakhaya abo beyolala ezihlotshe­ni ngoba besaba ukuhlaselw­a ngabasolwa okuthiwa babulele abantu ababili endaweni, balimaza inqwaba.

Ngokuthola kweLANGA, abasolwa kuthiwa babulale uMnu Xolani Myekeni Cele (40) noMnu Shafisto Mathusi, balimaza kabi omunye wesilisa odume ngelikaSko­bho - ILANGA elehluleki­le ukuthola igama lakhe - okumanje kwembulwa kwembeswa kuyena esibhedlel­a.

Kubikwa ukuthi uMnu Cele uhlaselwe ngeSonto ebusuku ekwakhe wadutshulw­a, wanqunywa phambi kwezingane zakhe nomkakhe. Kuthiwa abasolwa baqede lapho bafuna imali nomakhalek­hukhwini ezinganeni zikamufi.

UMnu Mathusi kuthiwa yena ungenelwe endlini ngoMgqibel­o wadutshulw­a kabili ekhanda nasesifube­ni. Umphakathi uhlanganil­e ngoMsombul­uko ngenhloso yokucuthel­a abasolwa. Kuthiwa kube wukuzwa nje ukuthi sebefikile, wabadumela bangenelwa ngenduku maqede bathungelw­a ngomlilo bashonela khona lapho.

Osekufaka itwetwe emphakathi­ni wukuthi kunezinsol­o zokuthi basekhona abanye abasolwa abasagcwel­e amathafa.

ILANGA lihambele imindeni eshonelwe ngoLwesibi­li kanti ububona ungena nje egcekeni ukuthi isimo sinzima, kwaCele igazi belisabona­kala lapho kubu- lawelwe khona uMnu Cele.

UNkz Hloniphile Ngcobo, ongunina wezingane zikaMnu Cele, uthi usekude ukukhohlwa yinto ayibonile nezingane zakhe, umyeni wakhe enqunyiswa okwembuzi phambi kwakhe.

“Kuthe sesilele, sezwa sengathi kunomuntu oshaya uthayela. Uyise wezingane uvukile ngoba ezitshela ukuthi hleze abafana bendawo abagangayo. Ube esethatha nemali ngoba ethi uzosale eseyotheng­a ugwayi esitolo. Kube wukuphuma nje endlini, sezwa sekuqhuma isibhamu, samuzwa ekhala sabe sesivuka siyolunguz­a.

“Basuke lapho baya kuyena bamqedela ngokumnqum­a uqhoqhoqho. Kwale noma sesikhala nezingane sincenga ukuba bamxolele, kodwa baqhubeka," kusho uNkz Ngcobo.

Ilungu lomphakath­i, elicele ukungadalu­lwa, lithi umphakathi uze ubulala abasolwa nje, yingoba amaphoyisa asoThongat­hi kawayi emphakathi­ni uma ebizwa.

“Ngesikhath­i sekubulewe uCele, amaphoyisa afikile sezwakala isibhamu siqhuma kwenye indawo, lapho bekuhlasel­a khona abasolwa, kodwa angaya khona. Kwale ngisho esekhala umuntu ecela usizo. Besicela ukuba uNgqongqo- she wezokuPhep­ha koMphakath­i (uMnu Mxolisi Kaunda) angenelele ngoba sibi isimo endaweni," kusho ilungu lomphakath­i.

UNkz Rose Ntibane, oyisihlobo sikaMnu Mathusi, uthi umlamu wakhe ubulawe ngabasolwa ezihlalele endlini.

“Sizwe kuqhuma isibhamu okuthe siyobheka ukuthi kwenzekani, samfica elele ethantalen­i legazi edutshulwe kabili ekhanda nasesifube­ni," kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa, uCapt Nqobile Gwala, uthe akhona amacala okubulala amabili aphenywa ngamaphoyi­sa asoThongat­hi. Uphinde wakuqinise­kisa nokushiswa kwabantu abathathu, wathi imbangela yokubulawa kwabo kayikaziwa.

 ??  ??
 ??  ?? UYABALISA umndeni kaMnu Xolani Myekeni Cele onqunywe yizigilamk­huba phambi komndeni wakhe.
UYABALISA umndeni kaMnu Xolani Myekeni Cele onqunywe yizigilamk­huba phambi komndeni wakhe.
 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? UMNU Shafisto Mathusi odutshulwe wabulawa endlini yakhe ngoMgqibel­o.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E UMNU Shafisto Mathusi odutshulwe wabulawa endlini yakhe ngoMgqibel­o.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa