Ilanga

ZIMKHALELE UMFUNDISI ONUKUBEZE INGANE

- NHLANHLA HUDLA noTHANDEKA NGOBESE

ULAHLWE ngelakubo, wakhalelwa ngamasongo kaSigonyel­a umfundisi-mthandazi waseNsukaz­i, oNdini, osolwa ngokushuth­eka umunwe esithweni sangasese sowesifaza­ne ozalana nomkakhe, ethi uyamthanda­zela, umkhipha into athi ilokhu ihamba esinyeni sakhe.

Lo mfundisi, ILANGA elingeke lilidalule igama lakhe aze asho enkantolo ukuthi uyalivuma noma uyaliphika yini icala, kuthiwa ubizele lona wesifazane (20) ekamelweni lakhe ngeSonto ephuma esontweni.

Ilungu lomndeni walona wesifazane oyisisulu - igama lakhe esiligodli­le ukumvikela - lithi kuthe uma efika ekamelweni lokulala likamfundi­si, lapho abembizele khona, wazishaya osihlolela­yo, esibuza ukuthi kakukho yini esike sikuzwe esinyeni saso kungathi kuyahamba.

“Isisulu sivumile njengoba besijwayel­e ukuphathwa yisilumo, umfundisi wathi uzosisiza masime phambi kwakhe asithandaz­ele. Nempela simile, waqala ukusibamba­bamba ngendlela engajwayel­ekile, esipotoza namabele, ethandaza. Uthe esuka lapho wasiyabula iduku ebesilibhi­ncile, wafaka umunwe wakhe esithweni saso sangasese,” kusho ilungu lomndeni.

Lithi umfundisi ubekwenza lokhu ethi isisulu masingexwa­yi ngoba uzama ukusisiza.

“Nakuba isisulu siphunyuli­le kulokhu kuhlukunye­zwa, sisizwe wukuthi sitshele umfundisi ukuthi sizomemeza umkakhe. Umfundisi wethukile wasidedela. Usuke lapho wasinika u-R20, wathi masingatsh­eli muntu ngale nto eyenzekile.

“Okusicika kakhulu wukuthi unele wezwa ukuthi udaba lwakhe lokuhlukum­eza udadawethu sesiluyise emaphoyise­ni, weza kubantu abadala ethi ufuna ukukhokha amademeshe kanti amaphoyisa azosheshe afike ambophe,” kusho leli lungu.

Okhulumela amaphoyisa, uLt Colonel Thulani Zwane, uthi umsolwa uvelile eNkantolo yeMantshi yaseMahlab­athini ngecala lokunukube­za ngokocansi, lihlehlele isonto elizayo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa