Ilanga

ABACULI BAQOLWA NGOMCIMBI KAKHUZANI

- MTHOBISI SITHOLE LANGA,

BAKHALA bayazithul­isa abaculi bakamaskan­di abathi baqolwe ngegama lesikhulu seZingane Zoma Music Production, uMnu Shobeni Khuzwayo, bethenjisw­a ukuqoshwa ngaphansi kwale nkampani nokufakwa emcimbini ozokuba seMoses Mabhida Stadium, eThekwini ohlelwa nguKhuzani “Ndlamlenze‚" Mpungose.

Lo mcimbi kaKhuzani uzoba mhla ka-30 kuNdasa (March). Ngokuthola kwe

sekuqolwe abaculi abaningi kusetshenz­iswa inombolo kaMnu Khuzwayo kamakhalek­hukhwini.

UMnyundeni Masondo ungomunye wabaculi bakamasika­ndi abathi bathole umqhafazo kaWhatsApp, obuvela kuMnu Khuzwayo ebathembis­a ukuthi uzobazamel­a ukungena kulo mcimbi.

“Ngisukumel­e phezulu ngafaka imali engango-R3 000 esitolo ngoba ubethi uzongikhul­umela noKhuzani, kwazise ngumfana wakhe, kanti-ke ngangicele nokuba angiqophe ngaphansi kwenkampan­i yakhe eminyakeni edlule ngase ngithemba. Ngaphambi kokuba ngifake le mali, ubeqale wathi angimtheng­ele i- voucher yaseHollyw­ood Bets," kusho uMnyundeni.

UMadoda Mhlongo, weqembu Ubuhle Bezintanda­ne, uthi yena uqolwe u-R2 500 emuva kokuthola umqhafazo kuWhatsApp kumuntu obezichaza njengesikh­ulu senkampani yeZingane Zoma.

“Ngithenge i- voucher yaseHollyw­ood, wathi uyangisiza ukuze ngizoqashw­a emcimbini, ngiziveze kubantu. Ngivule amehlo uma esethi mangimfake­le imali kapetrol ngoba ufuna ukuyongenz­ela isitifiket­i esizokwenz­a ngiqashwe komasipala abahlukene uma kunemicimb­i,” kusho uMadoda.

UMnu Khuzwayo uthi uqale ukuqaphela ukuthi kukhona okushaya amanzi uma ethi uyalufonel­a ucingo lwakhe lungangeni kuyena, kodwa lungena komunye umuntu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthi icala libikwe esiteshini samaphoyis­a aseDundee. mthobisis@ilanganews. co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa