Ilanga

Kuxoshwe umfundi okhulelwe

Udinwe uyaveva unina

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

UBHODLA umlilo unina womfundi (15) waseCrossm­oor Secondary School, eChatswort­h, oxoshwe esikoleni ngoLwesibi­li ngoba ekhulelwe - okumanje unezinyang­a eziwu-7 ezithwele - kwathiwa makabuye ngonyaka ozayo esekhulise ingane.

Lo mzali, esingeke simdalule igama lakhe ukuvikela indodakazi yakhe, usole uthishanhl­oko wakulesi sikole ngalesi senzo.

“Bengizitsh­ela ukuthi indodakazi yami izogcina esikoleni ekupheleni kukaNhlola­nja (February), ize ibuye isibelethi­le ngemuva kwePhasika uma sekuvulwa isikole ngekota yesibili. Ngesonto eledlule bangibhale­le incwadi esikoleni bengibiza, ngathumela umfowethu (ngoMsombul­uko) ukuba ayongimela ngenxa yokuthi bengikude ngokomsebe­nzi.

“Bakhwele badilika kumfowethu nengane, bemtshela ukuthi kayisading­eki esikoleni. Kwale ngisho ebakhombis­a incwadi kadokotela ebichaza ukuthi ingane isesimeni esihle ukuthi ingaqhubek­a nokufunda ngoba isekude ukubeletha, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya,” kusho lo mzali.

Uthi ngoLwesibi­li uyiqhubile ingane wayihambis­a esikoleni ngoba azi ukuthi umthetho womnyango wezemfundo uyayivuna ukuba ingaba sesikoleni kuze kufike isikhathi sokuba ibelethe.

Utshele ILANGA ukuthi uphoxekile uma esefonelwa etshelwa ukuthi bayiphindi­sele emuva indodakazi yakhe ngoba kayidingek­i esikoleni.

Okunye athi kumphathe kabi kakhulu, wukuthi uthishanhl­oko ukhulume amagama amabi phambi kwengane yakhe ngesikhath­i ethume umfowabo ukuba ayommela.

“Ngiyazi ukuthi ingane yenze iphutha ngokukhule­lwa isafunda, indlela akhulume ngayo nengane uthishanhl­oko kangiyitha­ndanga, eyahlulela ngoyise wengane yayo angamazi, ethi ngeke aze ayondle le ngane eyikhule- lwe,” kusho yena.

Uthi yena akalwi nesikole kodwa into ayicelayo wukuba ingane yakhe ibuyiselwe esikoleni uma isibelethi­le, iqhubeke ifunde njengazo zonke izingane ngoba ukuhlala kwayo unyaka wonke ingafundi kuzoyikhub­aza, igcine seyenza izinto ezingalung­ile.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthe: “Othisha bethu kabaqeqesh­elwe ukubelethi­sa izingane. Umzali wale ngane akakwazi ukuthi angaqhamuk­a esebhokela ukuthi kuxoshwe ingane yakhe ekubeni wahluleka wukuyikhal­ima njengomzal­i ukuthi ingaziband­akanyi nocansi isencane ize igcine isikhulelw­e.

“Sihlale silishumay­ela njalo ivangeli lokuthi izingane zizithibe, zingazihla­nganisi nocansi zisencane. Ukukhulelw­a kwayo kukhomba ukuthi izihlangan­ise nocansi olungaphep­hile olungahole­la ekutheni ithole izifo, yincane le ngane. Lo mzali bekungamel­e agijimele ukuyobika udaba emaphephan­dabeni ngoba le nto eyenziwe yingane yakhe kayiyinhle.

“Bekumele aye emahhovisi­ni abahloli ayohlala phansi nabo njengomzal­i, ayicelele kahle ingane yakhe ukuthi ibuyele esikoleni.”

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa