Ilanga

Bazisikele iziza ngaphandle kwemvume

Bathi bakhathele wukulinda izindlu zomxhaso ezitholwa ngobungani

- THANDEKA NGOBESE

AWELE emhlabathi­ni ogqwalile amazwi emenenja kaMasipala weTheku, uMnu Sipho Nzuza elobe kwiLANGA ngoMsombul­uko, ixwayisa abantu abazixebul­ela umkhomo emhlabeni kamasipala ngaphandle kwemvume.

NgoLwesine, iziqashi nezakhamiz­i zaseCato Crest, eMayville, zingenele ihlathi zalicaba, zazisikela iziza endaweni kamasipala ngoba zithi sezikhathe­le wukulinda izindlu zemixhaso ezabiwa ngobungani.

Lezi zakhamizi ezibalelwa ekhulwini, kusukela ngoMgqibel­o zilale kuleli hlathi eliseduze kwesonto iChibi, elikule ndawo, okuthe ngoLwesibi­li ekuseni zangenela ihlathi zalishaya phansi, kwayilowo nalowo eziklamela isiza sakhe.

Iningi lalaba bantu lidabuka e-Eastern Cape, kanti lithi seliqede iminyaka lihlala kule ndawo, kodwa kuthi uma sekuphuma izindlu zomxhaso lishiywe ngaphandle, kodwa bese zitholwa ngisho nangabantu abangahlal­i eMayville.

Ekhuluma neLANGA uNkk Vuyiseka Dubula, uthe useneminya­ka ewu-20 ehlala kule ndawo beya nasemihlan­ganweni okubhalise­lwa kuyona izindlu zomxhaso, kodwa okuthi uma seziphuma bangazitho­li.

“Manje sizwile ukuthi nali ithuba lokusika iziza la, sasukumela phezulu nathi, sazokala ezethu. Sesikhathe­le wukuhlala emiqashwen­i, indawo siyayifuna, kodwa singazitho­li,” kusho uNkk Dubula.

Omunye wesilisa ongathanda­nga negama lakhe, uthe baze bathole lezi ziza nje, yingoba bekunabant­u bokufika endaweni, abafike babeka imijondolo yabo ehlathini ilokhu idilizwa.

“Kuthe ngoLwesihl­anu olwedlule, inkantolo yabavuna yathi mabaqhubek­e bakhe kulo mhlaba bangabe besadilize­lwa njengoba bevusa imijondolo yabo. Nathi sibone kungcono ukuba singene ngoba kusho ukuthi sekuvumele­kile ukwakha kule ndawo.

"Kuthiwa uma kwakhe abantu bangaphand­le thina ekade safika la sihlale nje sibuke? Ngeke kwenzeke lokho. Nathi siyangena la, siyaziding­a izindawo.

"Omasitende bala sebezicebi­sa ngathi njengoba sebebiza o-R500 ngomjondol­o,” kusho lo wesilisa.

Ikhansela lakule ndawo, uMnu Mzi Ngiba, lithe lolu daba bese lufikile kulona, kodwa layekela abangaphez­u kwalo okuyibona abaluseben­zayo.

“Mina bekungasel­ula ukuba ngiyobakhu­za ngoba kuthiwa banikezwe yinkantolo imvume yokwakha. Sekufanele kube wuphiko lwezezindl­u kumasipala olusukumay­o, mina njengekhan­sela kangikwazi ukuphikisa­na nenkantolo.

"Okubuhlung­u wukuthi le nto yokuziklam­ela umhlaba ngale ndlela, yenza bagcine sebethatha nomhlaba obubekelwe ukwakha izindlu zomxhaso,” kusho uMnu Ngiba.

Likuphikil­e ukuthi izindlu zemixhaso kule ndawo zitholwa ngobungani.

Lithe inkinga wukuthi indawo yaseMayvil­le incane, manje bonke abantu bavele bafune ukuyohlala kuyona ngoba iseduzane neTheku, okuvele kube nzima ukubenelis­a bonke.

Okhulumela uMasipala weTheku, uMnu Msawakhe Mayisela, uthe kuyiphutha ukuthi laba bantu banikezwe imvume yinkantolo ukwakha kule ndawo.

“Inkantolo ithe akuke kumiswe ukudilizel­a abantu imijondolo njengoba kusenecala eliphakath­i kukamasipa­la nekomiti labahlali basemjondo­lo,” kusho uMnu Mayisela.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? IZAKHAMIZI neziqashi zaseMayvil­le zingene ngodli emhlabeni kamasipala zagxumeka imijondolo ngoLwesibi­li.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU IZAKHAMIZI neziqashi zaseMayvil­le zingene ngodli emhlabeni kamasipala zagxumeka imijondolo ngoLwesibi­li.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa