Ilanga

UCINDEZELE USANA NGOMQAMELO

- PAMELA ZUNGU

UVELE eNkantolo yeMantshi yaseThekwi­ni ngoMsombul­uko owesifazan­e (20) waKwaMashu, okhalelwe ngamasongo kaSigonyel­a ngezinsolo zokulahla ingane yakhe - enezinyang­a izelwe - emgqonyeni kadoti eKing eEdward Hospital, ngeledlule.

Lo owesifazan­e - esingeke silidalule igama ukuvikela isithunzi sengane - kuthiwa uboshwe kulesi sibhedlela emuva kokucindez­ela ingane yakhe ngomqamelo, wayigoqa ngeshidi maqede wayifaka emgqonyeni.

Ngokuthola kweLANGA, umntwana uzalwe isikhathi singakafik­i, unina ubenezinya­nga eziwu-8 ezithwele. Esikalini ubeshaya u-1.2kg kanti ubegcinwe ebhodlelen­i esibhedlel­a.

Umthombo ongaphakat­hi esibhedlel­a utshele leli phephandab­a ukuthi ngosuku lwesigamek­o, lo owesifazan­e ubencelisa ingane yakhe e- nursery (okuyigumbi lezingane). Uthi umhlengika­zi obesenurse­ry uthe angaphuma eya kwelinye igumbi, lona wesifazane wathola ithuba lokwenza le migilingwa­ne. Kuthiwa umhlengika­zi uthuke wona uma ebuyela e- nursery efika ingane ingekho, wabuza unina kodwa wangena ezintangen­i.

“Uvele watatazela wabiza onogada basesibhed­lela. Abahlengik­azi nonogada basewodini bayibheke ngaphansi kwemibhede nasemawind­ini ingane do, kwaze kwaphoqele­ka ukuba kukhishwe amashidi emibhedeni yabanye onina bezingane kubhekwa yona,” kusho lo mthombo.

Uthi igcine itholakale emgqonyeni okulahlwa kuwona izinaliti, igoqwe ngeshidi icindezelw­e ngomqamelo, kanti ibinezimpa­wu zokuncishe­ka umoya.

Esitatimen­deni esikhishwe nguNgqongq­oshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongisen­i Dhlomo, ugxeke onina bezingane abazilaxaz­ayo njengoba siveza ukuthi kuleli sonto elidlule kutholakel­e izingane ezimbili, enye itholwe esitamkoko­weni eNewlands.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthe likhona icala lokuzama ukubulala elivuliwe esiteshini samaphoyis­a eMbilo, kanti unina wengane uvele eNkantolo yeMantshi yaseThekwi­ni ngoMsombul­uko.

Kulindelek­e ukuba abuyele kule nkantolo mhla ka-25 kuMbasa (April).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa