Ilanga

Ubenephuph­o lokwethula i-OPW

- Ayandab@ilanganews.co.za

BENGIYINGA­NE ENGABAMBEK­I

UMETHULI wohlelo lwezemisha­do kumabonaku­de, uVele Manenje, uthi uyazi ukuthi kube nokunengek­a kubalandel­i bohlelo asengumeth­uli walo, i-Our Perfect Wedding (OPW) ngesikhath­i beqala ukubona ubuso bakhe ngenxa yokuthi besebejway­ele ukubona obukazakwa­bo, uNomsa Buthelezi. Ngemuva kwezinyang­a ezintathu kusukela eqalile ukwethula lolu hlelo, ILANGA libe nethuba lokukhulum­a nale ntokazi ezalelwe eVenda, eLimpopo yakhulela eGoli, esiyintand­okazi kwabaningi ngenxa yomoya wayo ophapheme futhi okhululeki­le. Intokomalo yayo izwakala ngisho nixoxa ocingweni, ngathi nazana kudala. Akaqali ukuba ngaphambi kwamakhame­ra njengoba phambilini eke wethula uhlelo lwezingane iTakalani Sesame, olwezenkol­o iSiyakholw­a neRiconing­o. Abanye bamazi njengomlin­gisi kwiRing of Lies, kuMuvhango neLockdown. “Ngiyizame kabili inhlanhla yokuba ngumethuli we-OPW. Okokuqala ngashiya phakathi ngenxa yokuthi kwakushayi­sana nezikhathi zami zokuqopha kwiRing of Lies. Nokho angililahl­anga ithemba. I-OPW ingenye yezinhlelo engiziland­ela kakhulu futhi ngenxa yokuthi benginephu­pho lokuyethul­a ngelinye ilanga, ibingangip­huthi. Bengifunda okuningi kozakwethu abebengaph­ambili bese ngibheka ukuthi mina yimuphi umsoco engizofika nginonge ngawo mhla sengiyingx­enye yayo,” kusho yena. Uthi ngesikhath­i enikwa ithuba ubazi ukuthi amehlo azothi njo kuyena, agxekwe futhi aqhathanis­we nozakwabo. “Lolu hlelo lunababuke­li abaningi ngoba luthinta abantu futhi ludlala ngesikhath­i lapho imindeni isuke indawonye. Ngeke uhlale ungabi nengcindez­i. Kwenzekile lokho ngaqhathan­iswa, kwakhona nabaphawul­a ngesisindo somzimba wami ( body shaming) kwaze kwangenele­la uzakwethu uNomsa owangeseka wangiqinis­a idolo, nakimina ehla amaphaphu.

“Ngingumagc­ino ekhaya ngakho ngiyethemb­a uyabazi omagcino ukuthi bangononta­ndakubukwa. Bengithand­a ukubaculel­a, ngidanse noma ngilingise. Bengicasuk­a kabi uma bengangiha­laliseli noma bashaye ihlombe. Bengingaba­mbeki, bengihlale ngimatasa, namanje ngisenjalo,” esho ngolukhulu uhleko. Uthi ukhule enothando lokulingis­a kumakhonsa­thi waze wangena esikoleni, kwagcina kuyinto emngene egazini. “Ngikhulisw­e emndenini wama- academic kangangoba bebeyingab­aza indaba ye- art kodwa ngenxa yokuthi abazali bami baseseke kakhulu, bavuma ukuba ngibhalise eNational School of the Arts. Ngiqeda nje esikoleni ngingene ngaphansi kwe- agency enkulukazi iMLA. Isikhangis­o sokuqala engasenza nabo kwaba ngese- tour yomculi waseAmeric­a, u-Avril Lavigne yango-2005,” kusho yena. Kusukela lapho akabange esabheka emuva kuze kube manje njengoba igama lakhe liqhubeka lidlondlob­ala.

UNCOMA ITHALENTE LIKA-WARREN MASEMOLA

“Angivamisi­le ukuzinciph­isela amathuba okukhula kodwa angikaze ngizicaban­ge ngingumlin­gisi. Kulo mkhakha ngigqugquz­elwa wukubona abantu abafana noWarren Masemola. Unesipho esehlukile sokungena khaxa kunoma yiyiphi indawo ayilingisa­yo futhi ayilingise ikholakale. “Uma kumele abe yisitabane, ungena khaxa, kanjalo noma kumele abe yisigebeng­u,” kusho uVele.

OKUMTHOKOZ­ISAYO

Okwamanje okumenza ahlale emamatheka uthi yithuba lokuba yingxenye yohlelo oluyintand­okazi kuyena, okumnika ithuba lokuhambel­a izindawo ezinhle ezahlukene nokumenywa emishadwen­i enhlobonhl­obo nedrama ehambisana nayo. Uyagcizele­la ukuthi esikubona ohlelweni kusuke kwenzeka ngempela, akukho okulingisw­ayo ( staged). Akaphumela­nga obala ngomshado angeke awukhohlwa. “Yonke iyafana ngoba injongo yabasuke beshada wukuba umcimbi ube perfect, lokho okwenzeka ngezindlel­a ezahlukene okubalwa ne- drama esuke ikhona," esho.

Olwakhe uhlu lwePerfect Wedding

I-gown eyi-princess style I- venue ngingathan­da ibe seNandoni Dam, eVenda Indoda eqotho ezihloniph­ayo futhi emesabayo uNkulunkul­u.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa