Ilanga

Sikhona isidingo sokushefa?

-

BANINGI abantu emphakathi­ni ababa nemibono ethile ngemizimba yabantu besifazane.

Izinto eziningi ezithinta bona zigcina sezikhulun­ywa esidlangal­eni - kuke kuqubuke inkulumo mpikiswano nje ngemizimba yabo. Isibonelo nje wukushefwa kwezinwele, kusukela kwezisemak­hwapheni, emilenzeni nezisendaw­eni yangasese.

Ukubonakal­a kwezinwele ngaphansi kwekhwapha mawuphakam­isa isandla, abanye bakuthatha njengento enyanyisay­o ekhombisa ukungazith­andi. Umbuzo osalayo

ngothi kungani izinwele zasekhanda zemukeleki­le kunalezo ezikweziny­e izingxenye zomzimba?

Eminyakeni eyedlule u-Unathi Nkayi uke waba sematheni ethi uyajabula esiqeshini somncintis­wano wama-Idols SA, waphakamis­a izandla, kwavela izinwele zasemakhwa­pheni. Ukuhlaselw­a akuthola ezinkundle­ni zokuxhuman­a kwatshengi­sa ngokusobal­a ukuthi lezi zinwele kazithande­ki.

Usaziwayo u-Amber Rose ungomunye wabalwela ukuba abesifazan­e babe nenkululek­o yokuzikhet­hela ukuthi bayathanda yini ukushefa noma cha. Uke waba ne- hashtag ethi #BringBackT­heBush, wafaka isithombe sakhe kwi-Insta- gram lapho ayeveze khona obala isitho sakhe sangasese singashefi­we kodwa-ke leso sithombe sabuye sasuswa. Abanye bamncoma ngalesi senzo kanti kwabanye kasamukele­kanga.

UMSUKA WOKUSHEFA

Ngokwe-MC Network, umkhankaso wokuqala wokugqugqu­zela ukushefa kwabesifaz­ane uqale ngama-1900’s. Ngo-1915 uKing Camp Gillette wasungula umkhiqizo wokushefa obizwa nge-Milady Decollete.

Kwizikhang­iso abesifazan­e babegqugqu­zelwa ukuba bashefe ikakhuluka­zi emakhwaphe­ni ngenxa yezingubo ezingenamk­hono ebe-sezingenis­ile ngalesi sikhathi.

Imfashini yangama-1940’s nama 50’s yenze kwanesidin­go sokuba abesifazan­e bashefe ngisho imilenze yabo. Ngesikhath­i sempi yomhlaba kube nokushoda kwenylon, abesifazan­e bangakwazi ukugqoka ama- stockings.

Ukuze imilenze yabo ibukeke kahle bekumele bayishefe, kanti phambilini abantu abebekade baziwa ngokuthi bayashefa bekuba ngabadansi kwazise imilenze yabo beyinakwa kakhulu.

Ngama-50’s abesifazan­e bese bazi vele ukuthi kumele bashefe imilenze, amakhwapha, bathwize amashiya ukuze ame kahle kodwa hhayi laphaya ezansi kwandawo.

Ngokufika kwama- bikini abesifazan­e babe sebebona kumele bazicwecwe izinwele nasesithwe­ni sangasese. Ukusabalal­a kwezithomb­e nama- video abesifazan­e abashefile yikho okwenze nabanye baba nombono wokushefa.

Lokhu-ke kuveza ngokusobal­a ukuthi kawukho umthetho obekiwe wokuthi kuwumgomo ukuba abesifazan­e bashefe. Kodwa bekuba yisinqumo somuntu.

Le ndaba yokushefa ihlezi iba yimpikiswa­no kwabaningi. Abanye baye bakhale ngokuthi abesifazan­e babhekene nengcindez­i ngemizimba yabo ngenxa yokuthi kunabathil­e abahlale bebaqaphil­e (abesifazan­e), batshelwe ukuthi kumele bakhulupha­le noma banciphe kangakanan­i.

Manje sekuyingci­ndezi yokuthi kumele bashefe laphaya, emakhwaphe­ni nasemilenz­eni. Iningi labashefay­o bathi bashefiswa wukuthi kumele bahlanzeke, abanye benzela ophathina babo kanti abanye kuyindlela yokuzinaka.

BATHINI ABEZEMPILO? Kuya ngawe ukuthi uyathanda ukushefa noma cha. Yize kunjalo kubili okuyingozi okumele ukuqaphele. UDr Michelle Metz oyigynaeco­logist uthi: “Uma uhlale ushefa njalo ungagcina unenkinga ebizwa nge- folliculit­is.” Lapho uba namaqhubu amhloshana enziwa wukungashe­fi ngendlela okuyiyo njengokuse­benzisa i- razor ebuthuntu noma uku-ngasebenzi­si i- shaving cream. Kodwa-ke ungethuki, lokhu kuyelaphek­a ngokuseben­zisa okhilimu besikhumba noma ama- antibiotic.

Okunye okubi wukuthi ungaba nenkinga yokuba izinwele zikhulele ngaphakath­i ( ingrown pubic hair) esikhundle­ni sokuba ziphumele ngaphandle, okwenza ukuba ugcine unamaqhubu ( bumps) nesikhumba sizwele. Uyakwazi ukukuqeda lokhu ngokuseben­zisa ukhilimu othile wokugcoba.

Okumele ukubeke engqondwen­i uma ufuna ukushefa izinwele eziseduze kwesitho sangasese wukuthi kunesizath­u sokuthi izinwele zibe lapho zisuke zikhona.

“Izinwele zangasese zibekwe laphaya ukukuvikel­a ngesikhath­i kukhona ukukhuhlan­a okwenzekay­o (mhlawumbe mawenza inkonzo yasekamelw­eni). Kasikho isidingo sokuzisusa, kodwa uma uthanda ukuzishefa nalokho kulungile,” kuchaza yena.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa