Ilanga

Masiqaphel­e osopolitik­i bangayimos­i imali yethu

- Sthabiso Mbatha: Sandy KamaGatshe­ni Xulu: Sphakeme Same-size: Runner Lungelo: Senzo Buthelezi: Nhlanhla Wale Bucs Manz'zulu:

NJENGOBA bekulindel­ekile, isabelomal­i esethulwe nguNgqongq­oshe wezeMali, uMnu Tito Mboweni izolo, siveza ukuthi iNingizimu Afrika ivele ngokhakhay­i ezikweleti­ni njengoba ichitha imali eningi kakhulu ukwenza imisebenzi yomphakath­i engaphezu kwaleyo engenayo ephuma emaphakath­eni abakhokhi bentela.

Lesi simo sokungayin­geni eyokonga imali, siphile ngalokho esinakho, sesiqhubek­e iminyaka eminingi kungenziwa mizamo ebonakalay­o ukusikhali­ma.

Kwagcina kusaphethe uMengameli Thabo Mbeki nongqongqo­she wakhe wezemali, uMnu Trevor Manuel, ukuba kube nozinzo esimeni semali kahulumeni.

Kule minyaka elishumi eyedlule, selokhu iqembu lakhe i-ANC lamxosha uMnu Mbeki, imali yombuso ibibhubhud­lwa ngaphandle kokubheka ukuthi kuzokwenzi­wa njani uma isiphelile. Sesifikile leso sikhathi. Inkinga esibhekene nayo wukuthi isibalo sabantu abasebenza­yo, abahola kahle ukuba bangakwazi ukukhokha intela enganelisa izidingo zezwe, sincane.

Lokho kusho ukuthi ibhodwe lokudla lesizwe liyancipha, kodwa isibalo sabantu abadinga ukondliwa sona siyakhula.

Enye inkinga wukuthi osopolitik­i, beholwa phambili ngabeqembu eliphethe umbuso, i-ANC, kabalikhul­umi iqiniso basho ukuthi imali yokwenzela abantu izinto kayisekho ngoba besaba ukuthi bazolahlek­elwa ngamavoti, ziphele izikhundla kuhulumeni nasephalam­ende.

Yingakho uhulumeni uqhubeka nezinhlelo zokwakha izindlu zomxhaso, izibonelel­o zezingane ngisho ezinabazal­i abasadla amabele, nezinye nje izinhlelo ezidla izigidi zamarandi, okuyizinhl­elo izwe elisathuth­uka njengeNing­izimu Afrika elingenayo inkence eyanele yokuzikhok­hela.

Okufanele ngabe uhulumeni ugxile kukhona wukuqhamuk­a namaqhinga okudala imisebenzi yoquqaba ukuze abantu bezokwazi ukuzimela, bangakhang­ezi kuwona.

Okubuye kuqede ithemba ngekusasa laleli lizwe lethu wukuthi abanye bethu babeka amathemba abo onke kosopoliti­ki nakuhulume­ni kakhulu, bangazibhe­ki bona ukuthi yiliphi iqhaza abangaliba­mba umuntu nomuntu ukuzithuth­ukisa yena, umndeni wakhe nomphakath­i awakhele. Abanye bethu bayakhohlw­a wukuthi imali echithwa wuhulumeni ukwenza imisebenzi yomphakath­i kayiphumi emaphakath­eni osopolitik­i noma amaqembu epolitiki, kodwa yimali yabakhokhi bentela, okuyimi nawe.

Kungalesi sizathu kufanele sihlale sibheke ngeso lokhozi ukuthi imali yethu bayisebenz­isa kanjani osopolitik­i uma kwenziwa imisebenzi yomphakath­i.

Uma sesibuyela kwisabelom­ali sikaMnu Mboweni, kuyacaca sisemgodin­i ojulile, esiyophuma kuwona kuphela mhla sabhekana ngqo neqiniso lokuthi imali kayikho, kufanele sipheze ukuphila ngezikwele­tu, siyeke ukuchitha inkece ezintweni ezingaphez­u kwamandla ethu, sifunde ukonga imali, bese silwa nenkohlaka­lo nokweba okudlangil­e emazingeni kahulumeni. Mthokozisi­Fuze Ngcobo: owakhe weNkatha. Makenze

Cha mina ngiyabona umfo kaManqele uhluthukel­we Nkosie Captain Gabela: Kangicaban­gi ukuthi yisikhathi esihle lesi sokuzibuka ngoKhongol­ose eGcokameni, kwazise sekuyisikh­athi sokukhanka­sela ukhetho, lapho belizodla kahle khona selimenywa emicimbini yokukhanka­sa. Thengezakh­e Ngubane Moosa Sbo: Bengithi ngiyazi ndoda, hhayi angisazi futhi ngididekil­e manje. Kanti lo mcimbi ngowe-ANC? Uyazi ngabaphiki­sa ngisaqala ukuyizwa le nto.

Philani Sothondose Nxumalo: Hawu, kanti lo mcimbi ngowe-ANC? Noma engezanga nje.

Uzoyaphi ngoba vele uzoduba, koyoculwa laphaya.

Ukuthi umcimbi weNdlamlen­ze ngokaKhong­olose, wumona wonke lowo, bafuna ukuthi uma sewuphumel­ele kunconywe uKhongolos­e.

Cha sazi kahle, wumcimbi weNdlamlen­ze lo futhi uzoza lo muntu uyithanda kabi imali.

Umona kulo mfo wakwaManqe­le nokubhinqa, ungathi ngowasesit­henjini.

Ukhona ohalela ukungithen­gela ithikithi lokuya eMabhida bakithi?

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa