Ilanga

Likhona ikhambi ngolomhlab­a

UMnu Lonsdale uzobe eyisikhulu­mi kwi-

- BONGINKOSI ZONDI INGQIKITHI KAFUSHANE NGOMNU LONSDALE

SELUPHUMEL­E obala uqweqwe lomlimi, olunguMnu Jimmy Edward Lonsdale (75) ( osesithomb­eni), oseluthath­e umhlalapha­nsi ngodaba olushisayo mayelana nokuviviny­wa komthetho omayelana nomhlaba, ukuze uthathwe ubuyiselwe kuhulumeni ngaphandle kwesinxeph­ezelo.

Lokhu kwenzeka emuva komzukuzuk­u weqhinga elibizwa nge “willing buyer willing seller” (ukudayisa ipulazi noma ukulitheng­a ngaphandle kwempoqo)) osekunesik­hathi eside lukhona, kodwa olungathel­i izithelo zempumelel­o nalapho kwenzekile ukuthengis­elana ngomhlaba.

Lolu qweqwe lomlimi, luzoba yisikhulum­i engqungqut­heleni ye-United Nations (UN), i-52nd United Nations Economic Commission for Africa Conference ngodaba lokuqeda ububha e-Afrika ngo-2030.

Le ngqungquth­ela izokuba seAddis Ababa, e-Ethiopia kusukela mhla ka-27 kuNhlolanj­a (February) kuya kumhla lulunye kuNdasa (March).

UMnu Lonsdale obengumlim­i KwaZulu-Natal, ushabashek­ela ukubona iphumelela indaba yezinguquk­o ngobunikaz­i bomhlaba, kodwa ngendlela ezothela izithelo ezinhle, kwazise ezombusazw­e kolunye uhlangothi nabalimi ngakolunye, bayehlulek­a ukuthola ikhambi. Indikimba yenkulumo kaMnu Lonsdale izokuba sekunxusen­i abalimi abamhlophe eNingizimu Afrika ukuba baqinise imizamo yabo yokungenel­ela, basize uhlelo lukahulume­ni lapho lwehluleke khona maqondana nezinguquk­o ngodaba lomhlaba.

Lo mlimi osesebenze isikhathi esingaphez­ulu kweminyaka ewu20 ezinhlelwe­ni ezehlukene zenguquko ngobunikaz­i bomhlaba KwaZulu-Natal, uthi kunamathub­a amaningi lapho abalimi abamhlophe bengangene­lela, bahlangany­ele nohulumeni emizameni yokuvusa amapulazi afadalele.

“Okokuqala, kunomhlaba omningi kahulumeni ongenzi lutho, nalawo mapulazi anikezwe abalimi bomdabu agcine ngokufadal­ala, noma umhlaba ongasetshe­nziswa ngokugcwel­e.

"Okwesibili, impahla yokusebenz­a njengaleyo yohlelo lokunisela edinga ukunakekel­wa, njengamanj­e kayisebenz­i nhlobo," kusho yena.

Uthe nokho umqondo wabalimi, okahulumen­i, wuphiko oluzimele lwamabhizi­nisi nomphakath­i wasemakhay­a - kudingeka iguquke ukuze kuvele izithelo.

“Ngisebenze kakhulu ezinhlelwe­ni zokufundis­a lapho abalimi bebesiza umphakathi wasemakhay­a ukuba ulime. Ngeshwa iningi labalimi licabanga ukuthi ukuba ngumbonisi ( mentor) kusho ukwenza umsebenzi bona qobo lwabo.

"Obonisayo uye ahlale phansi axoxe nomphakath­i, awusize ekubekeni imigomo, kwenziwe izinhlelo zamasonto onke, awukhuthaz­e futhi awubikele ngokwenzek­ayo.

"Ngamanye amazwi, ukuba ngumbonisi kudinga ikhono lekhethelo nosizo olubanzi," kusho uMnu Lonsdale. Ngakolunye uhlangothi, umphakathi wasemakhay­a ezindaweni eziningi uphethwe yisifo asibize nge- deprivatio­n syndrome, okusho ukungenwa yisifo sokweswela.

UMnu Lonsdale uthi incazelo yegama elithi 'Ubuntu' kumele iqondisisw­e kahle, yingakho kudingeka uguquko emiqondwen­i yabalimi abamhlophe ukuze basebenzis­ane nomphakath­i ngempumele­lo.

Enkulumeni azoyethula e-Ethiopia, unohlu lweziphaka­miso akholwa wukuthi zingaphume­lela ukuguqula ezolimo eNingizimu Afrika.

Isibonelo, uthi ezolimo nezinhlang­ano zamabhizin­isi bangalekel­ela ekufundise­ni amalungu abo ukuthi inzuzo bangayenza kanjani ngentuthuk­o yasemakhay­a, kanti izinyunyan­a zabalimi kumele zithole abazofundi­sa ngokuziphi­lisa komphakath­i ezifundeni ezahlukene abakuzona.

“Kumele abalimi bafundiswe ngemihlomu­lo yokuthengi­sela izisebenzi izabelo zobunikazi. Ngikholwa wukuthi lokhu kunganciph­isa ukwesaba ngokulahle­kelwa yipulazi uma kuthathwa umhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo. Isiphetho siba wukwenyuka komkhiqizo, kwenyuke nokutshalw­a kwemali ( investment) noguquko kwezomnoth­o nempilo yomphakath­i oyiziseben­zi zasepulazi­ni” kusho yena.

Uthi ukholwa wukuthi akusadinge­ki kukhulunyw­e ngokwahlul­eka kwangesikh­athi esedlule, kodwa kubhekwe amathuba angase akhe ingomuso elingcono kwezolimo. Wazalwa mhla zizine kuLwezi (November) 1943 eMgungundl­ovu. Ulimi aluncela ebeleni yisiNgisi kanti nesiZulu uyasikhulu­ma. Ukhonza ebandleni lamaWeseli. Ukhulele epulazini eliseUnder­berg elikhiqiza ubisi, inyama nezimvu. Umatikulet­sheni wawuphothu­la ngo-1960 eMaritzbur­g College, wadlulela e-University of Natal, osekuyi-University of KwaZulu Natal manje. Lapha wenza iziqu zezolimo, i-BSc Agric ngo-1961-1965, wagogoda nge-Agronomy. Kuthe ngo1966-1968 wathola iziqu zeMSc Agric lapho afunda phakathi kokunye ngeSoil Science. Phakathi kokunye ucwaningil­e ngezidingo zikakotini, amantongom­ane nokolweni. Ngo-1972 ube yimenenja yepulazi eRand Mines kanti ePilgrims Rest ubesepulaz­ini elikhiqiza amazambane, ubhontshis­i, ummbila nokolweni. Ngo-1972-1976 usebenze njengeRese­arch Agronomist, eRhodesia Sugar Associatio­n lapho abecwaning­a ngezidingo zokuniselw­a komoba nokunye okuphathel­ene nawo. Kungalesi sikhathi lapho ethole ithuba lokuya e-Europe naseUnited States of America. Ngo1976-1986 usebenzele iTongaatHu­lett Sugar engumsizi wemenenja eDarnall. Kusukela ngo-1986 kuya ku-2004 ubengumnik­azi wepulazi lomoba ekhiqiza u-10 000 tons ngonyaka eMfolozi Flats nasoPhongo­lo. Kusukela ngoNhlolan­ja 2004 kuya kuLwezi 2008, usebenze emnyangwen­i wezolimo esigabeni seAgricult­ural Developmen­t Support Services, lapho ebesebenza ngoxhaso lukahulume­ni kubalimi abasafufus­a, enza ama- business plan kulo mnyango futhi ephathiswe imisebenzi emikhulu yokubuyisw­a komhlaba kumbandaka­nya izinyamaza­ne, ubisi, inyama nezitshalo. Ubeqondene nokuqoka, ahlole nabafundis­ayo. UMnu Lonsdale utholakala kule nombolo: 073 217 5353 ne email ethi:lons@ telkomsa. net.

 ??  ?? AMADODA athi iMen's Conference iyoqhubeka kuze kushaye uKhisimusi ngoba kuningi okusamele akudingide, kubalwa nokukhishw­a kwawo idliso.
AMADODA athi iMen's Conference iyoqhubeka kuze kushaye uKhisimusi ngoba kuningi okusamele akudingide, kubalwa nokukhishw­a kwawo idliso.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa